Ukulwa Kwami Ne-RSD
NGISANDA kweva eminyakeni engu-40 futhi ngisebenza nge-computer ehhovisi njengesikhonzi sokuzithandela sesikhathi esigcwele. Ngahlinzwa emfunkulwini eminyakeni embalwa edlule, futhi ngangicabanga ukuthi ngase ngijwayelene nobuhlungu. Ngakho lapho kwakufanele ngihlinzwe ngo-January 1994 ngenxa yeqhubu elalingivele esihlakaleni sangakwesobunxele, ngangilindele ubuhlungu nokuphazamiseka okuthile—kodwa ngangithi ngizobhekana nabo.
Emasontweni ambalwa okuqala ngemva kokuhlinzwa ngokuphumelelayo, ngaqala ukuzwa izinhlungu ezinjunjuthayo engalweni yami yangakwesobunxele. Yayivuvuka futhi ishintsha umbala. Izinzipho zami zaba zinde futhi zavithika, futhi ngenxa yobuhlungu, ngangingenakuzinquma. Cishe ngangingasabuthi qúthu ubuthongo. Ekuqaleni, odokotela nezazi zokwelapha ngokubhucunga umzimba babedidekile, kodwa njengoba isimo sasiya siba sibi, udokotela ohlinzayo waqaphela ukuthi ngangine-RSD (Reflex Sympathetic Dystrophy), eyaziwa nangokuthi i-Chronic Regional Pain Syndrome. Ngaleso sikhathi, kwase kudlule izinyanga ezintathu ngihlinziwe.
Lokho I-RSD Eyikho
Ngangingakaze ngizwe nge-RSD, kodwa ngangizizwela mina mathupha ukuthi injani—UBUHLUNGU. Ubuhlungu engingakaze ngibuzwe. Ngangizwa izinhlungu ezingapheli esandleni nasengalweni. Ngangizwa ubuhlungu njengoba isandla sasivuvuka ngokuphindwe kathathu. Kwakuyizinhlungu ezinjunjutha ngokubeleselayo. Kwakunjengokuba sendlini eshayo, kodwa ngingakwazi ukuphuma. Akulona ihaba! Kimi, kwakuwubuhlungu obunzima nobubelesela kunabo bonke obungake bucatshangwe. Ngangizwa izinhlungu ezinhlobonhlobo ngezikhathi ezihlukahlukene. Ngezinye izikhathi, ngangizwa ubuhlungu sengathi ngintinyelwa iqulo lezinyosi. Ngezinye izikhathi, ngangizwa sengathi ngixhakathiswe udlawu futhi kube sengathi ngisikwa ngezinsingo. Ngangingakwazi ngisho nokubekezelela ukuthintwa yizinwele zami ezinde—uma kwenzeka, kwakuba sengathi ngihlatshwa ameva. Ngangikufuna ngempela ukukhululeka kulolu sizi.
Ngesinye isikhathi ngangizwa izinhlungu ezibeleselayo, ezinjunjuthayo kangangokuba ngaze ngacabanga nokunquma ingalo yami endlini yangasese. Ngangizibuza ukuthi kwakuyodingeka nginqunywe kangakanani ukuze ngiqede lezi zinhlungu. (Kamuva, odokotela bangitshela ukuthi ukunqunywa isitho akuyixazululi lenkinga.) Ngangizizwa njengenkentshane elisesifeni elifuna ukuzikhulula ngokudla isitho esibanjiwe.
Ukuba Ngcono Ekugcineni!
Ekugcineni, njengomzamo wokugcina, ngathunyelwa emthola-mpilo owelapha izinhlungu. Lapho, ngabonana noDkt. Mathew Lefkowitz, onguchwepheshe wezinhlungu futhi ongudokotela obulala izinzwa osebenzela eNew York, eBrooklyn Heights. Wayenesihawu kakhulu futhi enokuqonda. Lomthola-mpilo owelapha izinhlungu waba isiphephelo sami, ikakhulukazi njengoba ngase ngiqala ukusiqonda isifo esingiphethe nendlela yokuselapha.
UDkt. Lefkowitz waqala ngendlela yokwelapha eyenza umzimba ube ndikindiki—ngokungijova njalo emthanjeni osentanyeni, owawungavimba okwesikhashana izinzwa ezibangela izinhlungu. Lapho echaza wathi izinhlungu zibangelwa isimiso sezinzwa. Lokhu kuyindlela evamile ubuchopho obukuvikela ngayo lapho ulimala noma lapho uhlinzwa. Umbono wodokotela uwukuthi lesi simiso kufanele sisebenze njengesango. Lezi zinzwa zikhipha isigijimi lapho inxeba lisaphola. Eqophelweni elithile, lapho ubuchopho bungasazithumeli izigijimi eziningi, leli sango liyavaleka bese buphela ubuhlungu. Uma uphethwe yi-RSD, leli sango alivaleki. Isimiso sezinzwa sihlala sisebenza. Siyaqhubeka sisebenza njengokungathi kusenobuhlungu kuleyo ndawo. Lodokotela wangitshela ukuthi ngize emthola-mpilo ngokushesha noma nini lapho izinhlungu zingiqinisa. Ngakho, sekuyisikhashana ngilokhu ngithola imijovo yokuvimbela izinhlungu.
Lemijovo yangisiza ukuba ngibekezelele ukwelashwa ngokubhucungwa umzimba, okungisiza ukuba ngikwazi ukusebenzisa isitho esinalesi sifo futhi kusize kakhulu uma unalesi sifo. Ngokuhamba kwesikhathi, ngaqala ukwenza imisebenzi elula, ngizisebenzisa zombili izingalo nezandla. Kwakuyisiqalo esihle.
Ingaba Namiphi Imiphumela?
Lezi zinhlungu ezibeleselayo zaba nemiphumela ehlukahlukene. Ngangifuna ukuba ngedwa, ngiphume ngiphele kubantu; kodwa nomaphi lapho ngangiya khona, izinhlungu zazihamba nami. Ngakho lokho kwakungelona ikhambi. Ngaqala ukuba nomuzwa wokuthi lengalo yayizimele yodwa futhi ihlupha ukuphila kwami nomshado wami. Umyeni wami wayengalokothi asondele kimi ukuze angibonise uthando. Ngokuqinisekile wayenesineke nesihawu. Ngase nginjengenkosikazi enengalo eyodwa, ngingakwazi kwenza lutho. Ukuzama nje ukucosha iphepha ngesandla sami sobunxele kwakungizwisa ubuhlungu.
Kuze kube manje, ayikho indlela yokwelapha i-RSD, nakuba ngezinye izikhathi izidambela yona. Lapho seyiyimbi, amathambo ayachachamba bese siyadleka leso sitho. Yingakho kuwusizo ukwelashwa kakhulu ngokubhucungwa umzimba. Ngokujabulisayo, ayikakabi yimbi kimi.
Indlela Engibhekana Ngayo Nayo
Nakuba ngisazizwa izinhlungu, azisebuhlungu njengasekuqaleni. Nokho, ngaphandle kwemijovo, bengingeke ngikwazi ukububekezelela. Yini eye yangisiza ukuba ngibekezele? Isimo sengqondo esihle sabanye odokotela, izazi zokwelapha nabangane. Ngiye ngafunda namakhono okubhekana nalesi sifo. Ukuze ngilondoloze isithunzi sami, kwakudingeka ngibe nokuphila okuvamile, naphezu kokukhubazeka kwami. Ukusebenza nabantu ababengisekela, bengangicindezeli, kwangiqinisekisa ukuthi ngisengasebenza ngokuphumelelayo. Namanje ngisathola ukuthi umculo opholile nokuvivinya umzimba ngokuphefumula kuyangisiza. Enye yezinto engithanda ukuzenza ukulala ngokunethezeka ngibheke isibhakabhaka namafu ashintshashintshayo. Khona-ke ngiyazindla bese ngiya ngeso lengqondo ezindaweni ezinhle. Ukuhleka kuyangisiza ngaso sonke isikhathi, nesimo sengqondo esihle—kusiza nakakhulu ukwazi ukuthi unomkhaya nabangane abakusekelayo. Kubalulekile ukuqaphela ukuthi akudingekile ukuba i-RSD ikunqobe. Ochwepheshe bezokwelapha abanekhono bangakusiza ukuba uyinqobe lempi.
Lesi sifo siye sangenza ngaba nozwela kakhulu kubantu abasezinhlungwini, futhi ngishukumiseleka ukuba ngisize futhi ngiduduze abanye. Izinkolelo zami ziye zaba usizo kakhulu. Ngiyazi ukuthi kungani lokhu kwenzeka. Angisona isisulu esithile esiqokwe ngokukhethekile. Akufanele kusolwe uNkulunkulu. Izinhlungu zingezinye zezinto ezibuhlungu ezingehlela noma ubani. Ukuthandaza ngobuqotho kuye kwaba inzuzo kimi. Nginokholo kuNkulunkulu lokuthi kuyoba nesikhathi lapho ubuhlungu buyophela khona. Ngiye ngasizwa ukuhlanganyela lokho nabanye engihlangana nabo. Nakuba ngisenenkinga ye-RSD, ngiyabujabulela ubungcono engibuzwayo. (IsAmbulo 21:1-4)—Njengoba ilandiswa uKaren Orf.
[Ibhokisi ekhasini 22, 23]
Umbono Kadokotela
I-Phaphama! yaxoxa noDkt. Lefkowitz ukuze achaze indlela yokwelapha. Wachaza: “Selapha zonke izinhlobo zezinhlungu, hhayi i-RSD kuphela. Isifo esivamile ubuhlungu beqolo, ngokuvamile esibangela ukuqaqamba kwezitho. Nakuba ubuhlungu ngokusobala buba semzimbeni, ngezinye izikhathi buba khona nasengqondweni.”
I-Phaphama!: Ingabe i-RSD ingabaphatha abantu bobudala obuhlukahlukene abesilisa nabesifazane ngokungakhethi?
UDkt. Lefkowitz: Yebo, lesi sifo asikhethi. Nokho, asikwazi ukubikezela ukuthi ubani osengozini kakhulu. Engikwaziyo ukuthi abesifazane ngokuvamile bazibekezelela kangcono izinhlungu kunamadoda. Kubonakala ebuzwela kakhulu ubuhlungu.
I-Phaphama!: Yiziphi izindlela zokwelapha izinhlungu ozitusayo? UDkt. Lefkowitz: Kunezindlela ezihlukahlukene esingazisebenzisa, kuxhomeke embangeleni nasezingeni lezinhlungu. Phela, umuntu ophethwe izinhlungu uyahlupheka, futhi kudingeka sikudambise lokho kuhlupheka. Kwezinye izimo sisebenzisa amaphilisi angewona ama-steroid, njenge-aspirin nezinhlobonhlobo zayo. Kwezinye izimo, njengakuKaren, sisebenzisa isidakamizwa esithiya izinzwa endaweni ethile. Ezimweni ezimbi kakhulu singase sisebenzise i-opiate. Inkinga ekuyisebenziseni ukuthi kudingeka siqaphele kungabi nokulutheka.
I-Phaphama!: Ingabe akunakugwenywa ukuba i-RSD ifinyelele kuzo zonke izigaba zayo?
UDkt. Lefkowitz: Cha, akunjalo. Uma singayithola isaqala, singayinqanda. Ngokwesibonelo, cabangela indaba kaKaren. Eyakhe isisesigabeni esiphakathi nendawo, futhi kungenzeka ingadluleli esigabeni sokugcina sokudleka kwesitho.
I-Phaphama!: Yini oyisikiselayo engasiza isiguli ekubhekaneni nalesi simo?
UDkt. Lefkowitz: Ngisikisela lokho kanye okuye kwenziwa uKaren. Uye wabhekana nalesi simo ngokufaka engqondweni imicabango nemifanekiso emihle. Futhi usebenzisa nendlela yokwelashwa ngokubhucungwa umzimba. Futhi ngicabanga ukuthi ukholo lwakhe luye lwamsiza kakhulu. Luye lwamsiza ukuba abhekane nalesi simo ngendlela ekahle. Yebo, ukholo lunendima ebalulekile.
I-Phaphama!: Siyabonga ngesikhathi osinikeze sona nokuba nesineke.
[Isithombe ekhasini 23]
SinoDkt. Lefkowitz emthola-mpilo wakhe