“Umagazini Omuhle Kunabo Bonke Abakhona”
ABAHLELI be-Phaphama! basanda kuthola incwadi evela e-United States, kuLisel, umfundi wasesikoleni esiphakeme oneminyaka engu-18 ubudala. Wabhala:
“Ngenza isifundo somlando ekolishi. Kunocwaningo oluningi okudingeka ngilwenze ngilubhale phansi, futhi ngiye ngakhetha ukubhala ngendaba emayelana nokumelana koFakazi BakaJehova nobuNazi eJalimane ngaphansi kokubusa kwamaNazi. Ngingathanda ukucela uhlu lwezikhombo okukhulunywa ngalo ekupheleni kwesihloko se-Phaphama! esithi ‘OFakazi BakaJehova—Babhekana NamaNazi Ngesibindi,’ esikumagazini ka-July 8, 1998. Lesi sihloko sasicwaningwe kahle futhi sibhalwe ngokunengqondo kangangokuthi uma ngibhala umsebenzi wami wesikole ngilingisa kancane nje umfutho esasibhalwe ngawo neqiniso esasiliqukethe, kuzonikeza ubufakazi obukhulu ezikhulwini ezizohlola umsebenzi wami.
“Ngiyabonga ngokuqhubeka nikhiqiza umagazini omuhle kunabo bonke abakhona. Umagazini ngamunye ungisiza ukuba ‘ngandise ubuciko bokuloba’ ukudlula noma yini engiyithola esikoleni, futhi lokhu kungenza ngifune ukuthuthuka kunoma yisiphi isivivinyo engisibhalayo. Ngicela nazi ukuthi ngiyayazisa imizamo yenu.”
[Umthombo Wesithombe ekhasini 22]
Center photo: Państwowe Muzeum Oświęcim-Brzezinka, courtesy of the USHMM Photo Archives