Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Amaqembu Ezigilamkhuba Zangithinta inhliziyo izihloko zamaqembu ezigilamkhuba ezikumagazini i-Phaphama! ka-April 22, 1998. Njengamanje ngisesikoleni sokuqondisa izigwegwe. Umama ungomunye woFakazi BakaJehova, kodwa esikhathini esithile esidlulile ngayeka ukuya emihlanganweni. Ngabe sengizihlanganisa nabangane ababi futhi ngahlanganyela nabo ezenzweni eziningi zokweba okunobudlova. Yingakho umama angithumelela le Phaphama! Lapho ngiyibona ngathi, ‘Yilesi sicefe sikamagazini futhi!’ Kodwa lapho ngiwubuka, ngathatheka futhi ngawufunda wonke. Ngesikhathi ngiqeda ukuwufunda, ngase ngishintshe ukucabanga kwami. Ngangingaqapheli ukuthi i-Phaphama! ingangisiza kangaka. Ngifuna ukuqala kabusha ngiye emihlanganweni futhi. Nginomuzwa wokuthi angifuni ukuphinda amaphutha ami nokuthi ngifuna ukukhonza uJehova uma nje ngisaphila.
M. S., Japan
Ngingumzali ongayedwa onendodana eneminyaka engu-11 ubudala nendodakazi eneminyaka engu-9 ubudala, futhi sihlala endaweni enamaqembu ezigilamkhuba amaningi ahlukahlukene. Ngafunda lo magazini futhi ngokushesha ngaxoxa nezingane zami ngawo. Ngosizo lwalesi sihloko, bakwazi ukubona ukuthi ukuzibandakanya neqembu akusithathi isikhundla sothando noma sokuphila komkhaya okuphephile.
B. S., United States
Ngibonga kakhulu ngalezi zihloko. Ngivamé ukukhathazeka ngabashana bami abasakhula, futhi ukwaziswa enakunikeza kuye kwaba usizo kakhulu.
I. M. M., Brazil
Lezi zihloko zafika ngesikhathi ngoba izingane ezithile engifunda nazo esikoleni zizama ukubumba iqembu. Ezinye aziqiniseki ukuthi ziyafuna yini ngempela ukuba ingxenye yalo, ngoba umholi waleli qembu waziphoqelela ukuba zibhale inhlamba odongeni ngothisha-nhloko wethu. Ngiyanibonga ngokusiza intsha kulezi zikhathi ezinzima.
B. C. G., Mexico
Ukulawulwa Abangane Ngifisa ukunazisa ukuthi ngasazisa kangakanani isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingakugwema Kanjani Ukulawulwa Umngane Wami?” (April 22, 1998) Nakuba sengimdala futhi ngishadile, ngiyazijabulela njalo lezi zihloko. Lesi sasifanelana kahle nesimo mina nomyeni wami esibhekene naso manje kangangokuthi ngasifunda izikhathi ezinhlanu ngaphambi kokuba ngisibeke phansi. Sangisiza ngabona ukuthi ngisho noJesu wayesidinga isikhathi sokuba yedwa.
P. A., Trinidad
Ngenxa yokungqubuzana okuncane, ngezinye izikhathi mina nomngane wami asikhulumisani, futhi lokhu kungikhathaza kangangokuba ngingakwazi nokulalela esikoleni. Ngemva kokufunda lesi sihloko kaningana, ngaqaphela ukuthi ngilawula umngane wami futhi angimnikezi isikhathi sokwenza ezinye izinto. Nginomuzwa wokuthi lesi sihloko sabhalelwa mina ngokukhethekile, ngoba sangibonisa izindlela eziningi zokuthuthukisa ubuhlobo bami nabanye.
R. S., India
I-orthodontics Muva nje lapho ngiye kudokotela wamazinyo, ngishiyé ikhophi ye-Phaphama! ka-April 8, 1998, eyayinesihloko esikhuluma nge-orthodontics. Kamuva udokotela wabonga, ethi lesi sihloko sasifundisa, sishaya emhloleni futhi sibhalwe ngendlela okulula ukuyiqonda. Futhi wathi wayenike ezinye iziguli amakhophi ukuze ziqonde inqubo yokwelashwa kwazo.
T. P., England
Indaba Yokuphila KaGrace Marsh Ngifisa ukubonga ngendaba kaGrace Marsh eyavela kuyi-Phaphama! (April 22, 1998) Kwakwakha futhi kukhuthaza ukufunda ngesibindi sakhe sokuqhubeka eshumayela naphezu kokuphikiswa. Kwangenza ngayazisa nakakhulu inkululeko yokushumayela esinayo ngenxa yemizamo yabafowethu besikhathi esidlule.
C. F., United States