Inhlekelele Yokufa Kwentsha
“Nginomuzwa wokuthi isizukulwane sethu siqedwa ukufa.”—UJohanna P., umfundi oneminyaka engu-18 owenza unyaka wokuqala wezifundo zaseyunivesithi, eConnecticut, e-U.S.A.
AMAPHOYISA abhekana nesimo esisabekayo epulazini elingaphandle kweHobart, inhloko-dolobha yaseTasmania, isifundazwe sase-Australia esiyisiqhingi. Endlini kwakunamantombazane amane aphakathi kweminyaka eyishumi kuya kwengu-18 ubudala. Ayefile wonke, ebulawe uyise, naye owayedindilizile eceleni kwawo, enenxeba lenhlamvu yesibhamu ekhanda. Wayegencé isandla sakhe sokunene ngembazo. Lokhu kubulala nokuzibulala kwaphazamisa bonke abantu baseTasmania. Futhi kwashiya umbuzo oyindida ezingqondweni zabantu—Kungani? Kungani lokhu kwenzeké kula mantombazane amane angenacala?
Abantu baseBelgium basakhungathekile ngenxa yokuhlukunyezwa ngokobulili kwamantombazane ayisithupha nokubulawa kwamane awo ngumdlwenguli owayelengiselwe isigwebo. Nalapha, kwaphakama umbuzo ofanayo—Kungani? E-Argentina omama bakholelwa ukuthi abantu abangu-30 000, abaningi babo okungamadodana namadodakazi abo, banyamalala kulokho manje okwaziwa ngokuthi impi engcolile.a Abanye balaba bantu abaneshwa bahlukunyezwa, badliswa izidakamizwa base beyiswa olwandle ngendiza baphonswa khona. Abaningi babo baphonswa olwandle besaphila. Kungani kwakufanele bafe? Onina basalokhu belindele izimpendulo.
Ngo-1955 i-World Congress of Mothers yasola ubuze bempi futhi yamemezela ukuthi le nhlangano “iyisililo esikhulu, isililo esiyisixwayiso esivela kubo bonke abesifazane abashikashikela ukuvikela izingane zabo, ezindala nezincane, ebubini obulethwa impi nokulungiselela impi.” Okuyindida ukuthi inani lentsha eye yafa ezingxabanweni ezichitha igazi selokhu kwaba khona leyo nhlangano liyaqhubeka landa emhlabeni wonke—ukushabalala kwethemba lesintu.
Umlando Omude Wokufa Kwentsha
Umlando ugcwele ukuchithwa kwegazi lentsha. Ngisho nakuleli khulu lethu lama-20 okuthiwa likhanyiselwe, izingxabano zobuhlanga nezobuzwe ziye zabulala intsha ngokuyinhloko. Kubonakala sengathi intsha kumelwe ikhokhe ngokuphila kwayo ngenxa yamaphutha nezifiso zokuvelela zabantu abadala.
Iphephabhuku i-New Republic libika ukuthi kwelinye izwe lase-Afrika, ibutho lenkolo lentsha engamasosha elizibiza ngokuthi i-Lord’s Resistance Army liye lafundiswa ukuba likholelwe ukuthi ngeke libulawe yizinhlamvu. Yingakho lesi sihloko sithi “Ukuphila Kwentsha Okonakele”! Ngakho-ke, imikhaya eye yalahlekelwa amadodana namadodakazi—abulawa yizo kanye izibhamu—ibuza kufanele ukuthi: Kungani kwakufanele intsha yethu ibulawe? Yayiyini inhloso yakho konke lokhu?
Ngaphezu kwalolu sizi nokuhlupheka kunokufa kwentsha ezibulalayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Le mpi okuthiwa impi engcolile yenzeka phakathi nokubusa kombuso wezempi (1976-83) lapho izinkulungwane zabantu ezazisolwa njengamavukela-mbuso zabulawa khona. Ezinye izibalo zilinganisela ukuthi inani labantu abafa liphakathi kuka-10 000 no-15 000.