Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 4/22 k. 12
  • Okwenza Izinkanyezi Zingabonakali

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okwenza Izinkanyezi Zingabonakali
  • I-Phaphama!—1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izinkanyezi Nomuntu—Ingabe Kuhlobene?
    I-Phaphama!—1994
  • Izinkanyezi Zikuphathele Isigijimi!
    I-Phaphama!—1994
  • Ingabe Izinkanyezi Ziyakuthinta Ukuphila Kwakho?
    I-Phaphama!—2012
  • “Inkazimulo” Yezinkanyezi
    I-Phaphama!—2012
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 4/22 k. 12

Okwenza Izinkanyezi Zingabonakali

UBANI ongakaze abuke isibhakabhaka ebusuku futhi wahlatshwa umxhwele ubuhle bezinkanyezi ezingenakubalwa ezibenyezelayo ezisabalele yonke indawo? Nokho, lo mbukwane oyisimangaliso uyanyamalala kancane kancane. Ngani? Ngenxa yokuphazamisa kokukhanya.

Ukuphazamisa kokukhanya kuwukubenyezela okukhulu, okuxhophayo okubangelwa izibani zokuzenzela ezisemigwaqweni, emakhaya, ezindaweni zezentengiselwano, ezakhiweni zomphakathi nasezinkundleni zemidlalo. Cishe ingxenye yalokhu kukhanya ishona emkhathini, ifiphaze izinkanyezi eziningi. Le nkinga yimbi kangakanani? Ngokwesibonelo, ngobusuku obucwathile enyakatho yeYurophu, umuntu angabona izinkanyezi ezingaba ngu-2000. Kodwa lesi sibalo siyancipha sibe yizinkanyezi ezingu-200 kubantu abahlala emaphethelweni edolobha, kanti enkabeni yedolobha elinezibani ezikhanya bhá, umuntu angase abone izinkanyezi ezingu-20 kuphela. Ezinye izazi zezinkanyezi zixwayisa ngokuthi uma kungathathwa zinyathelo, ngeke kubonakale zinkanyezi enyakatho yeYurophu eminyakeni engu-25 ezayo.

Yiqiniso, siyazidinga ezinye izibani. Zithiya ubugebengu futhi zenza abaninikhaya abangavikelekile bazizwe bephephile. Nokho, ukukhanya okukhulu okuphazamisayo kubangela ukucindezeleka futhi kuphazamisa ubuthongo. Akubona abantu kuphela abathintekayo. Izinyoni ezifudukayo nezinambuzane zingadideka ngenxa yokukhanya, futhi umjikelezo wezitshalo wosuku lonke ungaphazamiseka.

Kodwa kungenziwani ukuze kuncishiswe le nkinga? Esinye isinyathelo esiwusizo siwukuqikelela ukuthi izibani zangaphandle zinompheme futhi zibhekiswe phansi. Izibani zokuphepha zingasebenza ngomshini othungatha izinto ezinyakazayo, kunokuba zihlale zikhanya. Idolobhana elithile laseFrance laxazulula le nkinga ngokufaka izibani zangaphandle ze-high-pressure sodium, ezikhanyisa indawo eseduze kuphela, nangokufaka imipheme ezibanini ze-low-pressure zasemgwaqweni ukuze ukukhanya kushone phansi. Imigwaqo yafakwa itiyela elimnyama elibamba ukukhanya, futhi izibani zacishwa ezakhiweni zomphakathi ngemva kuka-11:00 ebusuku. Lokhu akuzange nje kunciphise ukukhanya okushona emkhathini nokukhanya okusakazekayo okuyizingxenye ezimbili kwezintathu kuphela kodwa ukusebenza kwamandla kagesi kwandiswa ngamaphesenti angu-30.

Yiqiniso, wonke la makhambi adla isikhathi nemali—okuyizinto eziyindlala kulezi zinsuku. Yeka ukuthi kuhle kangakanani ukwazi ukuthi ngokushesha uhulumeni woMbuso kaNkulunkulu ngeNdodana yakhe, uKristu Jesu, uyosusa zonke izinto eziyisiphazamiso! Khona-ke izikhonzi zawo ziyophinde zikwazi ukuwubona ngokucacile umsebenzi wezandla zoMdali wethu, amazulu amahle anezinkanyezi.—IHubo 19:1, 2; IsAmbulo 11:18.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela