Umbono WeBhayibheli
Ungamesaba Kanjani UNkulunkulu Wothando?
“UBUSISIWE UMUNTU OMESABA UJEHOVA.”—IHubo 112:1.
UMA ‘uNkulunkulu eluthando,’ njengoba iBhayibheli limchaza, kungani kudingeka esatshwe? (1 Johane 4:16) Ngokuvamile uthando nokwesaba kubhekwa njengezinto ezingahambisani. Ngakho, ukwesaba kufanele kufeze yiphi indima ebuhlotsheni bethu noNkulunkulu? Kungani kumelwe sesabe uNkulunkulu wothando? Ukubhekisisa indlela igama elithi “ukwesaba” elisetshenziswe ngayo eBhayibhelini kungasenza siyiqonde kangcono lendaba.
Ezilimini eziningi igama elilodwa lingaba nezincazelo ezihlukahlukene, kuye ngomongo. Ngokwesibonelo, kwezinye izilimi umuntu angathi: “Ngiyawuthanda u-ice cream” abuye athi, “Ngiyazithanda izingane zami.” Kunomehluko omkhulu ekujuleni nasohlotsheni lothando olushiwoyo. Ngokufanayo, iBhayibheli likhuluma ngezinhlobo ezihlukene zokwesaba. Lapho lisebenzisa leli gama ngokuqondene nokukhulekela uNkulunkulu, alisho itwetwe, ukwethuka noma umuzwa wesijeziso esisondelayo. Kunalokho, ukwesaba uNkulunkulu kudlulisela umqondo wemizwa enempilo—ukushaywa uvalo, inhlonipho ejulile. Lemizwelo esezingeni eliphezulu ihambisana nokuthanda uNkulunkulu nokukhangwa nguye, hhayi umuzwa wokumbalekela noma wokumcashela.
Ukwesaba uNkulunkulu kuthatha indawo yokwesaba okukhwantabalisayo, nokobugwala. Ngokuqondene nomuntu owesaba uNkulunkulu, umhubi wabhala: “Akesabi imibiko emibi; inhliziyo yakhe iqinile, iyethemba uJehova.” (IHubo 112:7) Akukho songo oluvela kubantu ababi noma kuSathane uqobo olunganqoba inhlonipho yethu ejulile ngoJehova. (Luka 12:4, 5) Akufanele sesabe nokuya kuNkulunkulu ngomthandazo. Kunalokho, kulomongo, “uthando . . . luphonsa ukwesaba ngaphandle.”—1 Johane 4:18.
Amazulu Nobuhle BukaNkulunkulu
Inkosi yasendulo uDavide yayimesaba uNkulunkulu. Yayishaywa uvalo lapho icabanga ubuhle nobunkimbinkimbi bendalo. Yathi: “Ngiyakukubonga, ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa; umphefumulo wami uyakwazi kahle.” (IHubo 139:14) Igqolozele isibhakabhaka ebusuku, yathi: “Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova.” (IHubo 19:1) Ucabanga ukuthi uDavide kwakumethusa lokhu? Cha, kunalokho, kwakumshukumisela ukuba ahubele uJehova.
Ulwazi lwanamuhla oluningi ngamazulu lusinikeza isizathu esikhulu nakakhulu sokuba novalo. Izazi zezinkanyezi zisanda kulunguza ekujuleni kwamazulu zisebenzisa iHubble Space Telescope, into engakaze yenziwe muntu ngaphambili. Zakhetha ingxenye yesibhakabhaka eyayibonwa ngezibonakude zasemhlabeni ingenalutho futhi zabuka indawo yeHubble engangenhlayiya yesihlabathi uma uyibukela kude. Azibonanga nje isithombe esinezinkanyezi ezithé gqwa gqwa, kodwa zabona esigcwele imithala—amaqoqo amakhulu anezinkulungwane zezigidi zezinkanyezi—ezingakaze zibonwe muntu ngaphambili!
Ubukhulu, ukungaqondakali nokumangalisa kwendawo yonke kwenza umuntu oyibukayo ashaywe uvalo. Nokho, izimanga ezinjalo zimane ziwukubonakaliswa kwenkazimulo namandla oMdali. IBhayibheli libiza uJehova uNkulunkulu ngokuthi “uYise wezinkanyiso zasezulwini” futhi lisitshela ukuthi ‘ubala inani lezinkanyezi, azibize zonke ngamagama.’—Jakobe 1:17; IHubo 147:4.
Ubukhulu bendawo yonke bubonakala nasesikhathini esithathwa izenzakalo zasezulwini. Ukukhanya okuvela emithaleni eyathathwa isithombe yiHubble Space Telescope bekulokhu kuguduza emkhathini izigidi zeminyaka! Ukuba kwethu omafikizolo nobuncane bethu uma kuqhathaniswa nesikhathi eside amazulu ekhona, akufanele yini kusenze sibe novalo nenhlonipho ejulile ngaLowo owadala izinkanyezi? (Isaya 40:22, 26) Ukuqaphela ukuthi uNkulunkulu owadala konke lokhu ubuye ‘akhumbule umuntu futhi amnake’ kujulisa uthando esinalo ngoMdali wethu futhi kusenze sifune ukumazi nokumjabulisa. (IHubo 8:3, 4) IBhayibheli libiza inhlonipho nokwazisa okuphakeme kanjalo ngokuthi ukwesaba uNkulunkulu.
UNkulunkulu Othethelelayo
Sonke asiphelele. Ngisho nalapho sizama ukwenza okulungile, siyona singahlosile. Uma kwenzeka lokho, ingabe kufanele sesabe ukulahlekelwa umusa kaNkulunkulu? Umhubi wabhala: “Uma wena-Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na? Kepha ukuthethelela kukuwe, ukuze wesatshwe.” (IHubo 130:3, 4) Ukuthi “uMenzi” angaba nomusa futhi athethelele kangaka kwenza abakhulekeli bakhe babe nokwazisa okujulile nenhlonipho.—Isaya 54:5-8.
Ukwesaba uNkulunkulu kusishukumisela ukuba senze okuhle futhi sigweme ukwenza lokho uNkulunkulu athi kubi. Ubuhlobo bethu noBaba wethu wasezulwini bungafaniswa nobukababa olungile ongumuntu nezingane zakhe. Ngezinye izikhathi, izingane zingase zisikhohlwe isizathu sokuba uyise azenqabele ukuba zidlale emgwaqweni. Naphezu kwalokho, lapho kuthi azijahe ibhola emgwaqweni onezimoto, ukucabanga kwazo ngokuthi uyise uzenqabele kuyazivimbela—mhlawumbe kuzisindise nasekufeni. Ngokufanayo, ukwesaba uJehova komuntu omdala kungamenza angasenzi isenzo esingalimaza ukuphila—okwakhe nokwabanye.—IzAga 14:27.
Ukwesaba Isahlulelo SikaNkulunkulu
Umuntu onembeza wakhe awumkhuzi ukuba angamdumazi uNkulunkulu unesizathu sokuba nomuzwa wokwesaba ohlukile. Njengoba nje ohulumeni babantu bezijezisa izigebengu, uNkulunkulu unelungelo lokuthatha isinyathelo esimelene nabenzi bobubi bangamabomu nabangaphenduki. Ukuvumela kukaNkulunkulu ububi okwesikhashana kwenze abanye baqinisa amakhanda enkambweni engalungile. Kodwa iBhayibheli likwenza kucace ukuthi akusensuku zatshwala asuse bonke ababi emhlabeni. (IHubo 37:9, 10; UmShumayeli 8:11; 1 Thimothewu 5:24) Ababi abangaphenduki banesizathu sokwesaba isijeziso sikaNkulunkulu. Nokho, akulona lolu hlobo lokwesaba olutuswa iBhayibheli.
Kunalokho, iBhayibheli lihlobanisa ukwesaba uJehova nezinto ezinhle ekuphileni—ukucula, intokozo, ukwethemba, ukuhlakanipha, ukuphila isikhathi eside, ukuqiniseka, ukuchuma, ithemba nokuthula, uma sibala ezimbalwa nje.a Uma siqhubeka sihamba ngokwesaba uJehova, siyojabulela izibusiso ezinjalo kuze kube phakade.—Duteronomi 10:12-14.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka u-Eksodusi 15:11; IHubo 34:11, 12; 40:3; 111:10; IzAga 10:27; 14:26; 22:4; 23:17, 18; IzEnzo 9:31.
[Isithombe ekhasini 26]
Courtesy of Anglo-Australian Observatory, photograph by David Malin