Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 1/8 kk. 24-25
  • Ake Ubone Nansi Inyoni Enezinkophe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ake Ubone Nansi Inyoni Enezinkophe
  • I-Phaphama!—1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lapho Izinyoni Zishayeka Ezakhiweni
    I-Phaphama!—2009
  • Isomiso Esiqothulayo E-Afrika EseNingizimu
    I-Phaphama!—1994
  • Kungani IAfrika Ingakwazi Ukuzondla?
    I-Phaphama!—1987
  • Ukukhulisa Umntwana Endle
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 1/8 kk. 24-25

Ake Ubone Nansi Inyoni Enezinkophe

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ENINGIZIMU AFRIKA

“KUNGENZEKA ukuthi awukaze usibone. Siyizinyoni, futhi abantu abaningi basazi ngokuthi siyizinsingizi.

“Ngaphandle kokubukeka kwethu okukhangayo, kunezinye izici ezithakazelisayo ngathi esingathanda ukukutshela ngazo. Phakathi kokunye, njengoba kubonisa igama lethu lesiNgisi elithi ground hornbill, isikhathi sethu esiningi sisichitha siphansi. Ngobukhulu sicishe silingane nekalikuni, futhi njengalo, asindizi kakhulu.

“Njengoba sidluthuzela lapho sihamba, sizulazula ezingxenyeni ezisenkabeni naseningizimu-mpumalanga ye-Afrika. Uma kungenzeka sihlangane, uyosibona ngamabilo ethu abomvu tebhu namabala asemehlweni, kanye nezinkophe zethu ezinde futhi ezigqamile!

“Thina zinsingizi asizali kakhulu—ngokwesilinganiso, sikhulisa iphuphu elilodwa njalo ngemva kweminyaka eyisithupha. Phakathi nenkathi yokuzalela, izinduna ziletha inqwaba yamaqabunga omile esiwandlala ezidlekeni, ngokuvamile ezisezihlahleni ezigwediwe noma emadwaleni avulekile. Izinsikazi zibe sezifukamela amaqanda ngobunono izinsuku ezingu-40. Sikanye namanye amalungu omkhaya, sehla senyuka, sifuna izibungu, izinhlava nezinye izibiliboco, sizinikeze ‘osezoba umama.’ Sonke sichichima injabulo lapho amaphuphu ephuma esidlekeni, ngemva kwezinyanga ezintathu, ukuze ahlangane nawo wonke umkhaya wethu.

“Siyephuza ukukhula—kuthatha okungenani iminyaka eyisithupha ukuba sikhule ngokugcwele. Futhi kungathatha ngisho nesikhathi esengeziwe ukuba sibe nemikhaya. Yiqiniso, ukuphila kwethu isikhathi eside (abaningi kithi baphila iminyaka engu-30) kusinika isikhathi esanele sokuveza inzalo.

“Njengoba ungase ubone, siyayithanda imikhaya, eyakhiwa amaqembu ezinyoni ezingu-8 noma ngaphansi ezihlala futhi zisebenze ndawonye. Umkhaya ngamunye uhlala endaweni yase-Afrika eyithafa neyihlanze engaba amakhilomitha-skwele ayikhulu. Kwezinye izingxenye ze-Afrika eseningizimu, siye salahlekelwa indawo yethu engamaphesenti angu-70 ngenxa yezolimo nokwakha kwabantu.

“Sizivikela ngentshiseko izindawo esihlala kuzo futhi siyazigada ngaso sonke isikhathi. Ukudla kwethu—izinyoka, izinhlava, izimfudu nezinambuzane—asikuhlanganyeli namuntu, ngisho nanezinsingizi zeminye imikhaya. Lapho sizama ukuxosha abahlaseli, ngezinye izikhathi senza izinto eziwubuwula. Kanjani? Lapho sibona umfanekiso wethu efasiteleni, sivame ukugijimela kulo, sicabanga ukuthi sibona umhlaseli. Ngokuqinisekile, uqhwaku olude oluqinile lufahlaza ifasitela. Ngenxa yamafasitela amaningi aphukayo, abanye abantu baye bafaka izisefo emafasiteleni, futhi sibonga kakhulu ngalokho!

“Ngeshwa, kunezinsongo eziyingozi ezisikhathazayo. Abanye abantu bayasiminyanisa endaweni esihlala kuyo. Abanye basidubula ngezibhamu. Abalimi bavame ukubekela amakhanka nezinye izilwane ezingathandeki izicupho ezinobuthi. Kodwa sazi ngani ukuthi zinobuthi? Ngokusobala ukuze sivikeleke, ngesinye isikhathi abalimi bayabugqiba lobu buthi. Kodwa njengoba ngokuvamile siqhwanda ukudla kwethu ngoqhwaku olude, sizimbela igodi lapho siqhwanda ukudla okunobuthi.

“Abanye abantu bayazikhandla ukuze basivikele kulezi zingozi. Sithemba ukuthi ngeke sibhekane nesimo inyoni i-dodo eyabhekana naso—ukuqothulwa ngokuphelele. Ngakho uma kungenzeka ube sendaweni yethu futhi usizwe sikhala sithi du-du-dududu du-du-dududu, usifunisise. Siyophakamisa izinkophe zethu ezinde futhi sikwamukele ezweni lezinsingizi.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela