Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 9/8 k. 20-k. 21 isig. 1
  • I-RSD—Isifo Esiyindida, Esibuhlungu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • I-RSD—Isifo Esiyindida, Esibuhlungu
  • I-Phaphama!—1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukulwa Kwami Ne-RSD
    I-Phaphama!—1997
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—1998
  • Ubuhlungu Obungeke Busaba Khona
    I-Phaphama!—1994
  • Intuthuko Ekwelapheni Ubuhlungu
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 9/8 k. 20-k. 21 isig. 1

I-RSD—Isifo Esiyindida, Esibuhlungu

Ngumlobeli We-Phaphama! ECanada

I-REFLEX SYMPATHETIC DYSTROPHY (RSD) “ingesinye sezifo ezidida kakhulu kwezokwelapha futhi ingesinye sezifo ezibuhlungu nezithena amandla kakhulu,” kubhala u-Allison Bray ephephandabeni i-Winnipeg Free Press. I-RSD “ngokuvamile ayibonakali lapho ixilongwa ngoba ayiqondakali kahle,” kusho umuntu ophethwe yiyo u-Anna Alexander kuyi-British Medical Journal. Leli phephabhuku lathi cishe i-RSD ayixilongwa ngendlela efanele ezinganeni. Eminyakeni eminingi odokotela babecabanga ngisho nokuthi ubuhlungu busengqondweni kuphela, umuntu azibangela bona.

Labo abaphethwe yilesi sifo esiyimfihlakalo bezwa ubuhlungu obubeleselayo futhi kwezinye izimo abakhumbuli neze benza okuthile okubalimazile. USarah Arnold uyabhala kwethi Accent on Living: “Lesi sifo sibangelwa ukulimala endaweni yomzimba enezinzwa eziningi, njengesandla noma unyawo. Ukulimala kungase kube kuncane njengokuhlatshwa ukhanjana noma kube yinkimbinkimbi njengokuhlinzwa. Uphawu lokuqala lwalesi sifo izinhlungu zesikhathi eside ezibuhlungu ngaphezu kwenxeba. Lezi zimpawu ziyizinhlungu ezinjunjuthayo endaweni eyodwa, ukushesha uzwele ukushisa nokukhanya, ukushintsha kwezinwele nezinzipho nebala lesikhumba.”

Lesi sifo sinezigaba eziningana. Ekuqaleni, indawo enalesi sifo iyavuvuka bese iba bomvu futhi kumile izinwele lapho bezingabonakali khona ngaphambili. Lokhu kungathatha inyanga eyodwa kuya kwezintathu. Ngokulandelayo, leyo ndawo iba luhlaza futhi ibande, izinhlungu ziyakhula bese kuqina imisipha namalunga. Kungase kube khona ukuchachamba kwamathambo. Ekugcineni, izicubu ezinalesi sifo ziyadleka, imisipha ifinyele bese sishwabana isitho esinalesi sifo.

NgokukaDkt. Howard Intrater, umqondisi womthola-mpilo owelapha izinhlungu e-Health Sciences Centre eWinnipeg, ungavinjelwa umonakalo ongenakulungiseka. Isimiso sezinzwa kudingeka sivinjelwe singadlulisi izimpawu zobuhlungu.a Iphephandaba laseWinnipeg libika ukuthi “izindlela zezokwelapha zisukela ekushukumiseni izicubu ngogesi kuya emithini engama-beta blocker, izinto ezivuselela i-dura mater (lapho kufakwa khona i-electrode emfunkulwini ukuze ishukumise indawo enalesi sifo) kuya ekuthiyeni isimiso sezinzwa ngemijovo.” Kusetshenziswa izindlela zokwelashwa ngokubhucungwa umzimba kanye nokutshopa ukuze kudanjiswe izinhlungu futhi kuthuthukiswe ukusebenza kwezicubu. I-British Medical Journal ithi “indlela yokwelapha ephumelelayo ihilela ukuhlanganiswa kwenqubo yokushukumisa izinzwa ngogesi, ukuthiywa kwesimiso sezinzwa ngemithi, ukwelashwa ngokwengqondo nokubhucungwa umzimba kakhulu.”

Ngokusobala kunenzuzo uma lesi sifo sisheshe saxilongwa. Nokho, odokotela ababhala kuyi-American Journal of Sports Medicine bathi imiphumela abayithola ezigulini ezaxilongwa ezazinezimpawu zaso ezinyangeni ezingaphansi kweziyisithupha, noma ukusuka kweziyisithupha kuya kweziyishumi nambili, noma kwezingaphezu kweziyishumi nambili “yayicishe ifane. Lemiphumela iphikisana nombono okhona wokuthi ubude besikhathi esingaphezu konyaka owodwa ngaphambi kokwelashwa buwuphawu lokuthi sesisibi kakhulu lesi sifo.”

Kwethenjwa ukuthi njengoba ulwazi lwezokwelapha lwanda, i-RSD iyoqondakala kangcono futhi yelashwe ngisho nakangcono.

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole ukwaziswa okuningiliziwe kwalendaba yezinhlungu, bheka uchungechunge olunesihloko esithi “Ingabe Ukuphila Okungenabo Ubuhlungu Kungaba Khona?” kumagazini i-Phaphama! ka-June 22, 1994.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela