Liyini Ikhambi?
OCHWEPHESHE baphikisana kakhulu ngamakhambi ezinkinga zesintu zamanzi eziyinkimbinkimbi. IBhange Lomhlaba lifuna kusetshenziswe amaRandi ayizigidi zezigidi ezingu-2,66 ezinhlelweni zokukhuculula indle nezamanzi eminyakeni eyishumi ezayo. Izindleko zokungayisebenzisi imali zingase zibe zinkulu nakakhulu. Ngokwesibonelo, ePeru umqedazwe wekholera wamasonto ayishumi, owabangelwa amanzi angcolile, muva nje uye wabiza amaRandi ayizigidi ezingaba ngu-4430—okuyimali ephindwe kathathu kuleyo eyasetshenziswa esimisweni samanzi salelizwe kuyo yonke iminyaka yawo-1980.
Nokho, naphezu kwezisusa ezinhle zalabo abazikhuthazayo, izinhlelo zamanzi ngokuvamile azibasizi abantu abahlupheka kakhulu. Amadolobha amakhulu emazweni asathuthuka aqhibuka njengamakhowe. Abantu abampofu bahlala emijondolo eminyene, yezinga eliphansi engenawo amapayipi amanzi noma isimiso sokukhuculula indle. Njengoba bengakwazi ukuthola amanzi uhulumeni axhasa ngawo umphakathi, kumelwe bathenge amanzi ngemali enkulu kubantu abawathengisayo, ngokuvamile okungamanzi angcolile.
Ngokusobala, inkinga yamanzi yembulunga yonke iyinkimbinkimbi futhi ihilela izici ezihlobene: ukuntuleka kwawo, ukungcola, ubumpofu, izifo nezidingo ezandayo zokwanda kwamanani abantu. Kusobala ukuthi abantu abanakuzixazulula lezi zinkinga.
Isisekelo Sokuba Nethemba
Nokho, ikusasa alilibi njengoba abaningi bebikezela. Ngani? Ngoba ikhambi lenkinga yamanzi emhlabeni alinakuvela kubantu; liyovela kuNkulunkulu. Uyena kuphela onekhono namandla okuxazulula zonke izinkinga zamanzi.
Akungabazeki ukuthi uJehova uNkulunkulu angazixazulula lezi zinkinga. UnguMklami noMdali, hhayi womhlaba kuphela kodwa futhi nowamanzi akuwo. Uyena owadala umjikelezo wamanzi oyisimangaliso neminye imijikelezo engokwemvelo eyenza ukuphila kube khona emhlabeni. IsAmbulo 14:7 sichaza uJehova ngokuthi ‘uyiLowo owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi.’
UJehova unamandla okulawula amanzi emhlabeni. Nguye “onisa imvula emhlabeni, athume amanzi ebusweni bamasimu.” (Jobe 5:10) IBhayibheli lithi ngaye: “Ihlane waliphendula amachibi amanzi, nomhlabathi owomileyo imithombo yamanzi.”—IHubo 107:35.
Uye walibonisa ngokuphindaphindiwe ikhono lakhe lokunikeza amanzi. Ngokwesibonelo, wanikeza ama-Israyeli amanzi phakathi neminyaka engu-40 esehlane, ngezinye izikhathi ngendlela eyisimangaliso. IBhayibheli lithi: “Waphumisa edwaleni izifufula, wehlisa amanzi njengemifula. Bhekani, washaya idwala, kwaphuma amanzi, nemifula yampompoza.”—IHubo 78:16, 20.
Lokho UNkulunkulu Ayokwenza
UNkulunkulu ngeke avumele ukuba inkinga yamanzi iqhubeke kuze kube phakade. IBhayibheli libikezela ukuthi siyeza isikhathi lapho eyothatha isinyathelo ngenxa yabo bonke emhlabeni wonke abafisa ukuphila ngaphansi kokubusa okunothando kukahulumeni wakhe wasezulwini, ngokushesha ozothatha izintambo emhlabeni.—Mathewu 6:10.
Lowo hulumeni, noma uMbuso, uyoqeda izifo ezibangelwa amanzi, kanye nazo zonke ezinye izifo. IBhayibheli liyabaqinisekisa abathembekile kuNkulunkulu: ‘UNkulunkulu uyobusisa ukudla kwenu namanzi enu; asuse izifo phakathi kwenu.’ (Eksodusi 23:25) Ngaphezu kwalokho, abantu abangcolisa umhlaba bayosuswa njengoba ‘ezochitha labo abachitha umhlaba.’—IsAmbulo 11:18.
Wonke umhlaba uyochuma ngaphansi kokunakekela kukaNkulunkulu okunothando. Abantu ngeke baphinde bashikashikeke ngokungaphezi befuna amanzi ahlanzekile. UNkulunkulu uMninimandla onke, okhuluma iqiniso ngaso sonke isikhathi, waphefumulela umprofethi wakhe ukuba alobe ngokuphathelene nekusasa: “Ngokuba ehlane kuyakubhoboka amanzi, nemifudlana kwahlongasibi. Isihlabathi esibengezelayo siyakuba-yichibi, isigagadu sibe-yimithombo yamanzi.”—Isaya 35:6, 7; Heberu 6:18.
[Isithombe ekhasini 10]
UNkulunkulu uyathembisa: “Ehlane kuyakubhoboka amanzi, . . . isigagadu sibe-yimithombo yamanzi.”—Isaya 35:6, 7