Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 8/22 k. 12-k. 15 isig. 4
  • Okuthile Okungcono Kunodumo Lwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuthile Okungcono Kunodumo Lwezwe
  • I-Phaphama!—1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukulamba Okungokomoya
  • Ukuthola Udumo Lwamazwe Ngamazwe
  • Ukuba Nesithakazelo Futhi Enkolweni
  • Inkathi Yoshintsho
  • Ukwenza Ushintsho Emsebenzini
  • Amalungelo Enkonzo YobuKristu
  • Sisendleleni Eya Ezweni Elisha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Okuthile Okuhlala Njalo Kunobuciko
    I-Phaphama!—2007
  • Ukuphila Kwami Njengengcweti Yobuciko
    I-Phaphama!—2001
  • Iminyaka Engaphezu Kuka-50 ‘Yokuwela’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 8/22 k. 12-k. 15 isig. 4

Okuthile Okungcono Kunodumo Lwezwe

Ngemva kokuba umqophi wezithombe odumile eYurophu iminyaka eminingi, umqophi wezithombe engangikanye naye wangisola wathi: “Uye wazidicilela phansi ezobuciko!” Ngaphambi kokuba ngilandise ukuthi kungani ayengisola kanjalo, ake ngichaze ukuthi kwenzeka kanjani ukuba ngibe umqophi wezithombe.

EDOLOBHANENI lase-Aurisina, lapho ngazalelwa khona, iningi lamadoda lalisebenza enkwalini yamatshe yasendulo. I-Aurisina isenyakatho ye-Italy ngaseTrieste futhi iseduze nezwe elaliyiYugoslavia. Lapho ngineminyaka engu-15 ubudala, nami ngaqala ukusebenza kulenkwali yaleli dolobhana. Kwakungo-1939, unyaka okwaqala ngawo iMpi Yezwe II. Ukusebenza ngamatshe kwangenza ngafuna ukuba umqophi wezithombe odumile. Futhi ngangingafuni ukufa. Zombili lezi zifiso kwabonakala ngingenakuzifinyelela.

Lapho kuphela impi ngo-1945, ngathutha ngayohlala nodadewethu eRoma. Nganginethemba lokuthi lapho ngiyofunda esikoleni esiphakeme sezobuciko. Yeka ukuthi ngajabula kanjani lapho isifiso sami sigcwaliseka futhi ngamukelwa ukuba ngifunde iminyaka emithathu! Ezifundweni zami ngangixhaswa ngezimali izinhlangano ezihlukahlukene ezisiza abaswele.

Ukulamba Okungokomoya

Ngangifuna nokwanelisa ukulamba kwami okungokomoya ngokuya ezinkonzweni zenkolo, kuhlanganise nezeMpi Yosindiso nezamaWaldenses. Ngaze ngathatha izifundo eyunivesithi yamaJesuit, futhi ngake ngaya nasengqungqutheleni yezinsuku ezintathu okwakufundisa kuyo umbhishobhi. Phakathi nalengqungquthela sasingavunyelwe ukuxoxa nabanye, kodwa sasigxile emthandazweni, ekuzindleni, ekuvumeni izono nasenkulumweni yombhishobhi.

Ngemva kwalokho, ngaqaphela ukuthi ukholo lwami lwalungakaqini. Ngabuza umbhishobhi: “Kungani ngingakabi nokholo oluqinile?”

Lombhishobhi waphendula: “Ukholo luyisipho sikaNkulunkulu, futhi ulunikeza labo afuna ukubanikeza lona.” Impendulo yakhe yangidumaza kangangokuba ngayeka ukufuna uNkulunkulu futhi ngaqala ukuzinikela ngokukhethekile ezifundweni zami zezobuciko.

Ukuthola Udumo Lwamazwe Ngamazwe

Ngemva kokuphothula esikoleni eRoma ngo-1948, ngathola umfundaze wonyaka owodwa wokuyofunda esikoleni esiphakeme sezobuciko eVienna, e-Austria. Ngaphothula lapho onyakeni olandelayo futhi ngathola umfundaze wonyaka owodwa wokuqhubeka nezifundo zami eLjubljana, eSlovenia (ngaphambili eyayiyingxenye yeYugoslavia). Ngaleso sikhathi umgomo wami kwakuwukuthuthela eParis, eFrance, isikhungo sezobuciko.

Nokho, ngo-1951, ngathola ithuba lokusebenza eStockholm, eSweden. Ngathuthela lapho nginenjongo yokuqongelela imali ukuze ngiphishekele izifundo zami zezobuciko eParis. Kodwa-ke ngahlangana noMicky, futhi sashada ngo-1952 sakha umuzi eStockholm. Ngathola umsebenzi eshabhu elincane lapho ngangiqopha khona izithombe zamatshe, zemabula nezegwadle (granite). Ezinye zalezi kubukiswe ngazo eMillesgarden, ipaki eliwumnyuziyamu edolobheni laseLidingö, ngaseStockholm.

Ngangifunde indlela endala yokubumba izithombe nge-bronze eRoma—indlela eyayingasasetshenziswa—futhi ngafundisa ngalobu buciko e-Art Vocational Training School na-se-Academy of Art eStockholm. Kamuva, nganikezwa ishabhu lokubumba izithombe nge-bronze emnyuziyamu ongenalo uphahla eSkansen eStockholm. Lapho, ngokuvamile phambi kwezihlwele, ngangiqopha izithombe nge-bronze noma ngomthofu. Futhi ngaqashwa ukuba ngivuselele izithombe eziqoshiwe zasendulo zenkosi yaseSweden yangaleso sikhathi, uGustav VI. Lezi zithombe kubukiswe ngazo eSigodlweni Sasebukhosini kanye nasenqabeni yaseDrottningholm eStockholm.

Phakathi kuka-1954 no-1960, umsebenzi wami wanconywa abezindaba nabahloli bezobuciko. Eziningi zezithombe zami kwakubukiswa ngazo emadolobheni amakhulu aseYurophu, kuhlanganise naseStockholm, eRoma, eLjubljana, eVienna, eZagreb naseBelgrade. EBelgrade, uMarshal Tito wathenga ezinye zezithombe zami ukuze ahlobise ngazo emzini wakhe. EModern Gallery eRoma kunesithombe esikhulu sowesifazane esingenakhanda nazingalo engasiqopha ngegwadle, futhi izithombe zami zobuciko kukhangiswe ngazo e-Albertina Museum eVienna. IModern Museum eStockholm inesinye sezithombe zami eziqoshwe nge-bronze nomthofu, kanti eModern Gallery eLjubljana kunesithombe engasiqopha nge-bronze.

Ukuba Nesithakazelo Futhi Enkolweni

Ngemva kweminyaka embalwa sishadile, uMicky waphawula ukuthi nganginesithakazelo futhi enkolweni. Ngangilokhu ngizibuza, ‘Luphi ukholo amaKristu okuqala ayezimisele ukulufela?’ Ngaphinda ngaqala ukuya ezinkonzweni zenkolo, njengezesonto likaMoya nezamaSabatha. Ngazama ngisho nobuSulumane nobuBuddha.

Ngo-1959, ngaphambi kokuya embukisweni wezobuciko eMilan, e-Italy, ngavakashela edolobhaneni lakithi lase-Aurisina izinsuku ezimbalwa. Izakhamuzi zangitshela ngendoda ethile eyayilazi kakhulu iBhayibheli. Yayingomunye woFakazi BakaJehova. Lapho ngithola ithuba lokukhuluma nayo, yangibonisa eBhayibhelini izinto engangingakaze ngizibone ngaphambili. Ngafunda ukuthi umuntu ungumphefumulo—akanawo umphefumulo ohlukene nomzimba wakhe—nokuthi umphefumulo womuntu uyafa, hhayi ukuthi awufi njengoba ezinye izinkolo zifundisa kanjalo.—Genesise 2:7; Hezekeli 18:4.

Ngaphezu kwalokho, lendoda yangibonisa ukuthi injongo kaNkulunkulu lapho edala u-Adamu no-Eva kwakungekhona ukuba bafe, kodwa kwakuwukuba baphile phakade ngenjabulo emhlabeni. Umbhangqwana wabantu wokuqala wafa ngoba ungalalelanga. (Genesise 1:28; 2:15-17) Ngafunda ukuthi ngokunikela ngeNdodana yakhe njengesihlengo, uNkulunkulu wenzela isintu ilungiselelo lokuba nethemba lokuphila okumi phakade, elalahlwa u-Adamu ngokungalaleli. (Johane 3:16) Kwangijabulisa kakhulu ukufunda ngalezi zinto.—IHubo 37:29; IsAmbulo 21:3, 4.

Inkathi Yoshintsho

Ngokushesha ngemva kwalokho ngaphindela eSweden, futhi sinoMicky sazama ukuthola oFakazi BakaJehova. Kodwa asizange silithole ikheli labo. Nokho, ezinsukwini ezimbalwa kamuva, bangqongqoza endlini yethu! Ngaqala ukufunda izincwadi abangishiyela zona, futhi ngokushesha ngaqiniseka ukuthi zazineqiniso. Nokho, ngangifuna ukuqiniseka ngokuthi ngixoxe nomngane wami omkhulu, umbhishobhi omkhulu wamaKatolika, engajwayelana naye ngesikhathi ngisafunda eRoma ngasekupheleni kwawo-1940. Ngakho, ngo-January 1961, ngahamba ngayombona.

Ngaleso sikhathi lomngane wami wayesengamele wonke umsebenzi wezithunywa zevangeli ezingamaKatolika emhlabeni wonke. Yeka indlela engamangala ngayo! Ngamangala lapho ngithola ukuthi lombhishobhi omkhulu wayengenalo ngisho nolwazi oluyisisekelo lweBhayibheli. Lapho sixoxa ngalokho okwenzeka ekufeni, wathi: “Esikukholelwayo manje kungase kutholakale kungokuphambene ngokuphelele.” Futhi lapho sixoxa ngokubhekisela kukamphostoli uPetru esithembisweni seBhayibheli ‘samazulu amasha nomhlaba omusha,’ wayengaqiniseki ukuthi sisho ukuthini lesi sithembiso.—2 Petru 3:13; Isaya 65:17-25.

Lapho ngiphindela eStockholm, ngaqala ukulifunda njalo iBhayibheli nomunye woFakazi mina nomkami esasijwayelene naye. Ngajabula lapho ngibona ukukhula kwesithakazelo sikaMicky ekufundeni. Ekugcineni, ngo-February 26, 1961, ngabonakalisa ukuzinikezela kwami kuJehova ngobhapathizo lwamanzi, kanti uMicky wabhapathizwa ngonyaka olandelayo.

Ukwenza Ushintsho Emsebenzini

Sathola umntwana wentombazane ngo-1956 nomfana ngo-1961. Njengoba sase sinomkhaya okwakufanele siwondle, kwase kudingeka ngibe nomsebenzi ozinzile. Ngajabula lapho ngithola isimemo sokwakha itshe lesikhumbuzo elikhulu edolobhaneni engazalelwa kulo. Lalizoba isikhumbuzo sabashokobezi abafa eMpini Yezwe II. Lelitshe lesikhumbuzo lalizoba umsebenzi onemali enhle. Kodwa ngemva kokucabangela izici ezihlukahlukene—kuhlanganise neqiniso lokuthi kwakuzophela izinyanga ngingekho ekhaya nasebandleni lobuKristu futhi ngangizobe ngihlala ezweni eligcwele ubuKhomanisi nalapho kwakungeke kube lula khona ukuphishekela izithakazelo ezingokomoya—ngawenqaba lomsebenzi.

Omunye umsebenzi wahlupha unembeza wami. Ngacelwa ukuba ngakhe umhlobiso omkhulu wendawo entsha yokushisa izidumbu eSweden. Lapho ngiwuqeda, ngamenyelwa ekuvulweni kwawo. Kodwa ngemva kokuthola ukuthi umbhishobhi waseStockholm wayezokwembula umsebenzi wami, nganquma ukuba ngingahlanganyeli emkhosini nabantu abanezimfundiso namasiko aphambene ngokuqondile neZwi likaNkulunkulu.—2 Korinte 6:14-18.

Ngenxa yokungaqiniseki ngokuthola umsebenzi ovamile njengomqophi wezithombe, ngaqala ukuba nobunzima ekunakekeleni kahle izidingo zezinto ezibonakalayo zomkhaya wami. (1 Thimothewu 5:8) Ngakucabangela ngomthandazo engangingase ngikwenze ukuze ngiziphilise. Ngemva kwalokho, kwafika kimi umdwebi wamapulani ezindlu enomfanekiso ayewuklamile wesakhiwo esithile. Wangicela ukuba ngiwuthwebule. Njengoba ngangikwazi kahle ukuthwebula izithombe ngenxa yokuhlangenwe nakho kwami ekuthwebuleni izithombe zami eziqoshiwe, ngawamukela ngazo zombili lomsebenzi. Phakathi naleyo minyaka kwakunomsebenzi omkhulu wokwakha owawenziwa eSweden, futhi kwakunesidingo sokuthwebula imifanekiso yokwakha. Ngakho, ngathola umsebenzi omningi kubadwebi abaningi bamapulani ezindlu futhi ngakwazi ukuwondla kahle umkhaya wami.

Kwakungalesi sikhathi lapho ngavakashela khona i-Cultural Institute yase-Italy eStockholm ukuze ngihlanganyele nabanye izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 24:14) Ngangimazi umqondisi walesi sikhungo futhi ngakwazi ukuhlela ukuba ngikhulume naye. Kwakungemva kokuba esezwile ukuthi ngangingaseyena umqophi wezithombe, lapho amemeza khona wathi: “Uye wazidicilela phansi ezobuciko!” Ngachaza ukuthi nganginezibopho ezibalulekile kuNkulunkulu nasemkhayeni wami.

Kumelwe ngivume ukuthi esikhathini eside ezobuciko zaziyinto ebaluleke kunazo zonke ekuphileni kwami. Nokho, ngaqaphela ukuthi uma ngiqhubeka nokuphishekela ezobuciko, kwakuyofana nokuzama ukukhonza amakhosi amabili. (Mathewu 6:24) Ngangiqiniseka ukuthi into ebaluleke kunazo zonke engangingayenza kwakuwukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Ngakho nganquma ukuwuyeka umsebenzi wokuqopha izithombe, futhi uJehova uNkulunkulu uye wangibusisa kakhulu ngesinqumo sami.—Malaki 3:10.

Amalungelo Enkonzo YobuKristu

Ekuqaleni kwawo-1970, ababaleki abaningi baseningizimu nasempumalanga yeYurophu ababethuthele eSweden baqala ukubonisa isithakazelo eqinisweni leBhayibheli. Ngakho, kusukela ngo-1973, ngaba nelungelo lokutadisha iBhayibheli nababaleki ababekhuluma isiNtaliyane, iSpanishi nesiSerbo-Croatian, futhi ngasiza ekumisweni kwamabandla namaqembu amasha ezifundo zalamaqembu ezilimi. Ngamiswa ukuba ngihlele imihlangano emikhulu yobuKristu yesiNtaliyane nokuqondisa amadrama eBhayibheli kuyo. Ngezinye izikhathi, ngangijabulela nelungelo lokukhonza amabandla eSweden njengombonisi ojikelezayo.

Ngenxa yokusiza ekuhleleni imihlangano emikhulu yesiNtaliyane eSweden, ngangixhumana nehhovisi legatsha le-Watch Tower Society eRoma. Abafowethu base-Italy bangitshela ukuthi kwakuntuleka abadala bamabandla e-Italy ngenxa yokwanda ngokushesha komsebenzi wokushumayela lapho. Ngakho ngo-1987, mina noMicky sathuthela eLiguria, ngaseGenoa, e-Italy. Ngaleso sikhathi abantwana bethu base bekhulile futhi sebehlala bodwa. Sachitha iminyaka emibili ejabulisayo e-Italy futhi saba nengxenye ekwakhiweni kwebandla elisha laseLiguria. Sakubona ngokuphelele ukugcwaliseka kwezAga 10:22: “Isibusiso sikaJehova siyacebisa.”

Ngezinye izikhathi mina noMicky sizama ukufingqa izibusiso esizithole kuJehova, futhi uhlu lwazo luba lude. Ngaphandle kokuba nengxenye ekumiseni amabandla amasha, siye sakwazi ukusiza abantu abaningi, kuhlanganise nabantwana bethu, kuze kube seqophelweni lokuzinikezela nobhapathizo nasekubeni amaKristu avuthiwe. Angizisoli ngesinqumo sami sokuyeka umsebenzi wami njengomqophi wezithombe odumile, ngoba ngiye ngakhetha umsebenzi onomvuzo kakhulu wokukhonza uNkulunkulu wethu onothando, uJehova. Ngakho mina nabathandekayo bami siye saba nethemba eliqinile lokuphila okuphakade, ngenxa yosizo lukaJehova.—Njengoba ilandiswa nguCelo Pertot.

[Isithombe ekhasini 13]

Ngiqopha isithombe ngo-1955

[Isithombe ekhasini 15]

Nginomkami

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela