Ukubulala Egameni LikaNkulunkulu
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EFRANCE
“Egameni Likankulunkulu, Siyabulala Futhi Sizoqhubeka Sibulala”
NGAPHANSI kwalesi sihloko esikhulu esicashunwe ngenhla, i-International Herald Tribune yaphawula: “Leli khulu leminyaka, ngokuvamile abantu abanamathemba abalibheka njengelinolwazi, liye laphawuleka njengamakhulu eminyaka alandulelayo ngokuthambekela okusabekayo kokubulalana kwabantu egameni likaNkulunkulu.”
Lombhali wabhekisela ezibonelweni zezibhicongo zenkolo zasemandulo. Khona-ke, ebhekisela ezibhicongweni eziye zenzeka kuleli khulu lama-20, waphetha: “Esikubonayo ukuqhubeka konya olunyantisa igazi lokungabekezelelani okwakukhona eminyakeni edlule. Ukusonta kusalokhu kuyizaba zobudlova bezombangazwe nokunqotshwa kwezindawo.”
Abanye bazama ukuthethelela izimpi zenkolo zanamuhla ngokuphawula ukuthi uNkulunkulu wakuvumela ukuba ama-Israyeli asendulo abulale abantu baseKhanani. Nokho, leso akunakuba isizathu sokuba balwe labo abathi bangamaKristu namuhla. Ngani? Ngoba ama-Israyeli ayeyalwe ngokuqondile uNkulunkulu ukuba akhiphe izahlulelo zakhe zokulunga kubantu ababekhulekela amademoni, abakukhulekela kwabo kwakuhlanganisa ukuziphatha okubi kakhulu ngokobulili nokwenza imihlatshelo ngabantwana.—Duteronomi 7:1-5; 2 IziKronike 28:3.
Ubufakazi bokuthi izimpi zama-Israyeli asendulo zazingezona izimpi ezivamile ukwenza kukaNkulunkulu ukuthi lesi sizwe sinqobe ngendlela eyisimangaliso. Ngokwesibonelo, ama-Israyeli asendulo ake ayalwa ukuba asebenzise izimpondo, izimbiza nezimbaqa—okungezona neze izikhali zempi! Ngesinye isikhathi abahlabeleli bamiswa phambi kwebutho lama-Israyeli elalibhekene namabutho anamandla ezizwe eziningana ezazihlasela.—AbAhluleli 7:17-22; 2 IziKronike 20:10-26.
Ngaphezu kwalokho, ngezinye izikhathi, lapho ama-Israyeli ehileleka ezimpini ezazingavunyelwe uNkulunkulu, wayengawabusisi futhi ayehlulwa. (Duteronomi 28:15, 25; AbAhluleli 2:11-14; 1 Samuweli 4:1-3, 10, 11) Ngakho-ke, akunakubhekiselwa ezimpini zama-Israyeli njengesisekelo sokuthethelela izimpi zeLobukholwa.
Egameni lenkolo, amaHindu aye alwa namaSulumane namaSikh; amaSulumane angamaShia aye alwa namaSulumane angamaSunni; kanti eSri Lanka, amaBuddha namaHindu aye abulalana.
Izimpi ezaba khona eFrance phakathi nekhulu le-16 zaziyisibonelo sokubulala egameni likaNkulunkulu. Indaba yalezi zimpi iqukethe ezinye zezenzakalo ezihlasimulisa umzimba zokuchithwa kwegazi emlandweni wenkolo yamaRoma Katolika neyamaProthestani eYurophu. Ake sihlole lezi zimpi, futhi sibone ukuthi singafundani kuzo.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
U.S. Army photo