Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukuphindukuzalwa Ngiyabonga ngochungechunge oluhle kakhulu lwezihloko ezithi “Wake Waphila Ngaphambili? Ingabe Uyophinde Uphile?” (June 8, 1994) Ngendlela elula nenengqondo lezizihloko zidlulisela iqiniso ngesimo sabafile. Ngicabanga ukuthi noma ubani ofuna iqiniso ngokuqondene nalendaba uyoshukumiseleka ukuba akwamukele enikubhalile.
F. P., Italy
Owayengumshayisibhakela Ngiyabonga kakhulu ngesihloko esithi “Ngafunda Ukuzonda Lokho Engangikuthanda.” (June 8, 1994) Indaba ka-Obdulio Nuñez iye yasisiza ukuba siqonde ezinye zezinkinga ezingokwempilo zomyeni wami. Njengoba ayengumshayisibhakela, naye uhlushwa ukucindezeleka. Ngempela, uJehova uNkulunkulu oye wasiza umyeni wami ukuba ashintshe ukuphila kwakhe!
S. S., United States
Ubuhlungu Nginguchwepheshe wokubhucunga futhi ngithanda ukunibonga ngochungechunge oluthi “Ingabe Ukuphila Okungenabo Ubuhlungu Kungaba Khona?” (June 22, 1994) Ngahlabeka umxhwele ngempela ngokuqonda, ukulinganisela, nokuhlakanipha okusobala ekucwaningweni nasekunikezweni kwalokhu kwaziswa. Lesisihloko siyoba usizo oluyigugu kochwepheshe, iziguli, nabanye. Ngokusebenzisa izindlela zokubhucunga, ngiyaqhubeka ngilwa nobuhlungu, ngilindele usuku ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu lapho ubuhlungu obungamahlalakhona bungasayikuba khona.
D. T., Denmark
Lezizihloko zangiduduza kakhulu. Ngazihlanganyela nedlanzana labanye, labo njengami, ababekezelela ubuhlungu nsuku zonke.
M. G., United States
Nginibhalela ngicambalele embhedeni, okuyindawo ebenginganyakazi kuyo ngezikhathi ezithile eminyakeni emibili nengxenye edlule ngenxa yamathambo omgogodla amabili aqhoshile. Ngiyabonga ngesihloko esihle kakhulu esithi “Ingabe Uhlushwa Ubuhlungu Beqolo?” (June 8, 1994) Ngakhala lapho ngisifunda, ngoba kwakunjengokungathi nikhuluma nami. Ngangingacabangi ukuthi ukhona owayengaqonda lenkinga ngokucace kangaka.
B. H., England
Ezinsukwini nje eziyishumi ezidlule, kwadingeka ukuba ngihlinzwe iqolo, ngakho ngiyanibonga ngalokhu kwaziswa okunembile. Lesisihloko singisize ukuba ngiqonde imbangela yobuhlungu engibuzwayo. Ukusikisela okunikeziwe kuwusizo kakhulu, futhi ngithemba ukuthi abaningi bayokusebenzisa futhi bagweme ukuhlinzwa.
K. G., Hungary
Iphutha Ekunembeni Kwesikhathi Ngomculo? Ngasithanda kakhulu isihloko esithi “Ukusuka Ekubeni Yi-hippie Kuya Ekubeni Isithunywa Sevangeli ENingizimu Melika.” (March 22, 1994) Kodwa ngadidwa iphuzu elilodwa. URichard Fleet uthi waya eLiverpool eyobona ama-Beatles ngo-September 1973. Ngokwazi kwami, ama-Beatles acula obala okokugcina ngo-1969 futhi ahlukana ngo-1970.
C. S., Germany
Siyaxolisa ngalokhu kudideka. URichard Fleet wayeqonde ukuthi waya eLiverpool ukuyobona isikhungo lapho ama-Beatles ayeke acula khona.—ED.
Ukuzibulala Nginibonga ngenhliziyo yami yonke ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Ukuzibulala Kuyikhambi?” (April 8, 1994) Ngiye ngalangazelela ukuthatha lesosinyathelo izikhathi eziningi. Lapho ngisengujahidada, ngaxhashazwa ngokobulili othile engangimethemba. . . . Esikhathini esidlule, ngiye ngabhala izincwadi eziningi ezithi, ‘Ngifuna ukufa’ kangangokuthi angisazi nokuthi zingaki. Kusukela ngalesosikhathi ngiye ngaba omunye woFakazi BakaJehova, futhi manje ngikhonza njengomshumayeli wesikhathi esigcwele, kodwa ngisaba nawo lomuzwa ngezinye izikhathi. Ngangizizwa kanjalo osukwini lwangaphambi nje kokuba ngithole lesisihloko. Sangikhalisa. Kodwa uJehova uye wangivumela ukuba ngiqhubeke ngiphila, futhi kubonakala sengathi ungitshela ngobumnene ukuthi, ‘Qhubeka uphila.’ Ngempela, ngiyanibonga kakhulu.
Y. K., Japan