Umpristi Uvuma Ubuhle BoFakazi
Ngumlobeli we-Phaphama! e-Australia
NGO-1991 iHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova laseCondobolin eNew South Wales, e-Australia, lacekelwa phansi umlilo. Emasontweni ambalwa kamuva, umpristi wendawo waseSheshi wabhalela amalungu esonto lakhe incwadi wabonisa uzwela “ngokulahleka kwendawo yokukhulekela.” Incwadi yakhe yaqhubeka yathi:
“Nakuba kunomehluko ocacile phakathi kwenqubo yethu neyabo, sekuyiminyaka eminingi ngizincoma kakhulu lezozici zenqubo yenkolo yabo engikholelwa ukuthi zinhle zona ngokwazo.” Ziyini ezinye zalezozici ezinhle?
Okokuqala: “Bayikhathalela kakhulu imfundiso yenkolo yabo. Bahlangana ndawonye izikhathi ezimbili noma ezintathu isonto ngalinye ngenxa yalenjongo.” Lokhu kuyiqiniso—oFakazi BakaJehova bayinkolo efundayo, efundisayo, neshumayelayo. Baba nemihlangano emithathu masonto onke.
Iphuzu lesibili lalompristi lathi: ‘Njalo bahambela amakhaya abantu ngevangeli. . . . Bathanda ukuba sazi ukuthi ihlelo lesithathu elikhulu kunawo wonke e-Australia lakhiwa abantu abathi abanaNkolo (abantu abangu-3 841 000). Ama-JW [Jehovah’s Witnesses] akuwanelisi ukuzigodlela inkolo yawo kodwa afuna ukuyihlanganyela nabanye abantu.’ OFakazi BakaJehova bayazi ukuthi kumelwe basabele kuMathewu 24:14 nakuMarku 13:10 ngokushumayela izindaba ezinhle.
Iphuzu lesithathu: “Akubonakali bandisa imali yabo ngokuthengisela umphakathi emigwaqweni nangezinye izindlela zokwandisa imali. Imali abanayo iphuma phakathi [kwabo].” IBhayibheli lithi, ‘namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle,’ futhi lithi, ‘kubusisekile ukupha kunokwamukela.’ Ngakho, abazamukeli izinkongozelo. Ngendlela ewukuhlakanipha babeka amabhokisi omnikelo emahholo abo.—Mathewu 10:8; IzEnzo 20:35.
Yisiphi isici sokugcina esifanele ukunconywa asiphawula? “Bakha izindawo zabo zokukhulekela ngesikhathi nangezindleko ezincane. . . . Ningase nithande ukuvakashela iGum Bend Lake Road . . . nibone ama-JW endawo . . . esebenza esakhiweni seHholo LoMbuso elisha. Alinganisela ukuthi lomsebenzi uzowathatha izinsuku ezintathu.” Khona-ke yisiphi iseluleko asinikeza amalungu esonto lakhe?
Ngisikisela ukuba niwafunde lamaphuzu amane engiwasho ngenhla bese nizibuza ukuthi anganisiza kanjani ukuba nicabange ngenqubo esobala yenkolo yenu. . . . Ngokuqondene namaphuzu amane esengiwashilo ngingathi amalungu avamile esonto laseSheshi nawamanye amasonto obuKristu afana nafile uma eqhathaniswa nama-JW.”
Uma ungathanda ukuvakashela eHholo LoMbuso uzibonele ngokwakho indlela oFakazi BakaJehova abakhulekela ngayo nalokho abakukholelwayo, zizwe ukhululekile ukuya eHholo LoMbuso eliseduze nawe, noma usibhalele ucele ikheli lehholo eliseduze nawe.
[Isithombe ekhasini 31]
IHholo LoMbuso laseCondobolin, eNew South Wales