Ukubuka Okwezwe
“Ubulili Obulondekile”—Abulondekile Kangako Kwabesifazane
Naphezu kokunconywa yonke indawo “kobulili obulondekile” nokusetshenziswa kwama-condom ukuze kugwenywe ingculaza, odokotela sebeqala ukukungabaza ukuhlakanipha kweseluleko esinjalo. Umbiko wezokwelapha osephephandabeni laseParis i-Figaro uthi nakuba ngokwezinga elithile ama-condom ewavikela amadoda ekutholeni ingculaza, awabavikeli abesifazane ngoba umuntu osenalo igciwane angayingcolisa kalula i-condom ngaphandle. Abesifazane futhi basengozini nakakhulu yokuthola leligciwane lapho besesikhathini nalapho benezifo ezithile zangaphansi noma belimele. Ngokwezibalo, ukuphumelela kwama-condom ekuvikeleni abesifazane engculazeni sekungaphansi kwamaphesenti angu-69. Omunye udokotela ephawula ngalokhu kwehla “kokulondeka,” wathi: “Besingathini ngendiza enamathuba angamaphesenti angu-69 ngonyaka okuthi ngeke iphahlazeke?”
Ukuvivinya Ubuchopho
“Ikhono lokukhumbula elingasebenzi kahle ngokuvamile alibangelwa ukudalelwa kodwa ukungaqeqeshwa kahle,” kubika i-DAK Magazin, incwadi yaseJalimane yezempilo. Njengoba nje imisipha iphelelwa amandla uma ingasetshenziswa, nobuchopho buyakhohlwa futhi bugcine ukwazisa okuncane uma bungasetshenziswa. Ingabe ngokuyinhloko lena inkinga yasebekhulile? Lutho neze! “Njengoba senzelwa lula izinto uma kuziwa ekucabangeni noma senzelwa lula ngokungadingekile,” kusho lomagazini, ngisho nentsha isengozini yokuba ikhono layo lokukhumbula ligqwale ngokungazigcini izingqondo zayo zimatasa ngendlela efanele. Yini engasiza? Lomagazini utusa ukuba kuvivinywe ubuchopho, kusetshenziswa imidlalo ehilela ingqondo, enjengama-puzzle ahlanganisa izinombolo nezinhlamvu zamagama, ukuze ingqondo nekhono lokukhumbula kushukumiseke. ‘Ama-crossword puzzle futhi angasiza.’
Isigijimi Sephepha Langasese Lasezitimeleni
Kuze kube yilapho sekusungulwe umshini wesimanje, okuwukuphela kwendlela umqondisi wesitimela angatshela ngayo iziphathimandla ngesimo esiphuthumayo cishe kuzo zonke izitimela zase-Italy izoqhubeka ihamba kanje: Bhala umyalezo othile, uwufake kuyi-roll yephepha langasese, bese uwujikijela esiteshini esilandelayo ungaphakathi esitimeleni esigijimayo, ngethemba lokuthi uzotholakala bese ziyaziswa iziphathimandla. Lendlela, “endala ngangojantshi ngokwawo,” ituswa izikhulu zemithetho yezitimela. “Iseyindlela esebenza kahle, ehloliwe yabonakala iphumelela,” kusho isikhulu se-Italian State Railways, esiqaphelayo nokho ukuthi “ukuxhumana ezitimeleni kuyinkinga engathi sína.” Lapho kugula umgibeli, kunomthwalo osolekayo, kwenziwa isenzo sobudlova, noma kubanjwa inkunzi, “izisebenzi zeState Railways eqinisweni azinamandla okwenza okuthile,” kusho iphephandaba lase-Italy i-Corriere della Sera, njengoba zingenalo igunya lokungenela. Ukuze i-Italian State Railways ixazulule lenkinga yokuxhumana, ihlose ukusebenzisa izingcingo eziphathekayo kungekudala.
Impicabadala Yezibhamu Zase-United States
Ukwanda kwenani labantu ababulawa ngezibhamu e-United States, kuhlangene nokuqubuka kokudutshulwa kwabantu abaningi, kuphumele ekubeni khona kwalabo abacabanga ukuthi sekuyisikhathi sokuphuca izigebengu izibhamu nalabo abanomuzwa wokuthi sekuyisikhathi sokuba bazithengele zona. “Eqinisweni, kungenzeka ukuthi iningi labantu likucabanga kokubili kanye kanye,” kusho umagazini i-Time. Futhi nakuba kukhula ukucindezela kokuba kulawulwe izibhamu, abantu abaningi kunanini ngaphambili bathenga izibhamu. Lapho umthetho kaBrady (umthetho wokulawula izibhamu) wamukelwa, abadayisi bezibhamu babika ukuthi bathengisa amanani aphakeme ngokumangalisayo ngaphambi kokuba uqale ukusebenza. Manje e-United States kunezibhamu ezingaba izigidi ezingu-211. Lapho kuzanywa ukunciphisa lelinani, kwaqalwa izinhlelo zokuthi abantu babuyise amavolovolo bese bethola isitifiketi sesipho esingu-$100 (R360)—kungabuzwa mibuzo. Lemikhankaso yaqoqa amakhulu ngamakhulu ezibhamu emphakathini kodwa futhi yabangela abanye ukuba bathenge izibhamu ezishibhile ukuze bazibuyise bese bethola inzuzo. Omunye ongumnikazi wesitolo sezibhamu wathi: “Ngiyakuqinisekisa, iningi labantu ababuyisa izibhamu ekuseni liyobe lisenazo ntambama.”
Ukulalela Izimfihlo Ungabonwa EJapane
Lapho ibiza ukulalela izimfihlo ungabonwa ngokuthi ‘indlela yaseJapane yokuchitha isikhathi,’ i-Mainichi Daily News yabika ukuthi “iJapane ingelinye lamazwe lapho abantu belalela khona izimfihlo bengabonwa ukwedlula wonke emhlabeni, kudayiswa ama-microphone amancane anemisakazo” angu-60 000 unyaka ngamunye. Ezinye izinto zokulalela izimfihlo zincane kangangokuthi zingangena emapenini. Kuneminye imishini ekwazi ukubamba ingxoxo eqhele ngamamitha angu-15 iyiyise ebangeni elingamakhilomitha amathathu. Obani abalalela izimfihlo bengabonwa eJapane? Ngokwaleliphephandaba, abaningi abalalela izimfihlo bamane nje bafune ‘izinkinobhana ukuze bathole izindaba ezimnandi’ zokuhleba. Kodwa abaningi “abantu abaqomile noma abaqonyiwe abanesikhwele abafuna ukuqinisekiswa ngothando lomngane wabo, noma obaba abathanda ukugada amadodakazi abo.”
Ingculaza Iqothula I-Afrika
Ngokwezibalo ezenziwa i-World Health Organization, kubantu abayizigidi ezingu-15 abaziwayo ukuthi banengculaza emhlabeni, abayizigidi eziyishumi base-Afrika, okwenza ibe izwekazi elinabantu abaningi kakhulu abanaleligciwane. UProfesa Nathan Clumek wachaza izinyathelo manje ezithathwayo zokulwa nalomashayabhuqe oyingculaza ngokuthi “ukusebenzela emuva okwenkukhu.” Engxoxweni eyakhishwa ephephandabeni lansuku zonke laseParis i-Monde, uProfesa Clumek wathi abaphathi bamazwe ase-Afrika abakayiqapheli ngokugcwele inhlekelele ezobangelwa yileligciwane e-Afrika. Ngo-1987, ngesikhathi uProfesa Clumek elinganisa ukuthi amaphesenti ayishumi alelizwekazi ayongenwa ingculaza, abaningi bacabanga ukuthi usho ihaba. Namuhla kulinganiselwa ukuthi abantu base-Afrika abangamaphesenti angu-20 kuya kwangu-40 bazobe benaleligciwane elibulalayo.
Ukudoba Ngokweqisa Kuphundla Izilwandle
“Isisho sesiNgisi sithi ‘Izinhlanzi ziningi olwandle.’ Kodwa sinephutha,” kuphawula i-Economist. “Ulwandle lunezinhlanzi eziningi kodwa luye lwaxhashazwa ngokweqile.” Kusukela zidotshwe kakhulu ngo-1989, kuye kwehla ukubanjwa kwezinhlanzi emhlabeni. Isizathu sisobala: “Kuye kwashiywa izinhlanzi ezimbalwa kakhulu olwandle ukuba zichamusele. Abadobi baphila ngesisekelo sebhizinisi lapho bedla lezozinhlanzi okufanele zizale ezinye.” Ngokwe-United Nations Food Agriculture Organization, izindawo zomhlaba zokudoba zasolwandle ezinkulukazi ezingu-13 kwezingu-17 zisenkingeni—ezine zazo zichazwa njengezingasenazo izinhlanzi ezingadotshelwa ukudayiswa. Ubuchwepheshe obuseqophelweni eliphezulu—obunjengokuxhumana nge-sonar nange-satellite—kwenze abadobi bakwazi ukuthola ngisho nezinhlanzi ezisezindaweni eziqhelile nokuba bakwazi ukuphindela ezindaweni okunezinhlanzi eziningana abangadoba kuzo. Izikebhe ezinkulu ezinemishini yokulungisa ukudla ezingangenkundla yebhola likanobhutshuzwayo, ezinamanetha amakhulu nangaphezu kwalokho, zibamba inqwaba yezinhlanzi. Ohulumeni okumelwe basolwe ngalokhu kusaphaza, kusho i-Economist, ngoba amaphesenti angu-90 ezinhlanzi ezibanjwayo emhlabeni asebangeni elingaba amakhilomitha angu-370 ukusuka ezingwini zamanye amazwe, okungamanzi abathi aphethwe yibo. Ohulumeni bayayenqabela imikhumbi yokudoba yakwamanye amazwe ukuba idobe kodwa bayayivumela eyasekhaya ukuba yande, baze bayixhase nokuyixhasa ngezimali.
Imikhuba Engcono Yokulala
“Isifo sokuqwasha singase sibonakale sizuzisa kubantu abaningi, kodwa imiphumela yokuncisha umzimba amahora okulala iyogcina ingasazuzisi,” kusho umagazini waseBrazil i-Exame. Isazi sokusebenza kwesimiso semizwa uRubens Reimão siyachaza: “Umzimba ngeke uwakhohlwe amahora okulala ongawatholanga. Ngokuphambene nalokho, uyohlale ukhumbula futhi ngokushesha ufune ukuba ukhokhelwe okubonakala ngokukhohlwa, izinkinga zokungakwazi ukugxilisa ingqondo kokuthile, nekhono lokucabanga elisebenza ngokunwabuluka.” Ukuze ugweme ukukhathazeka okungadingekile, uDkt. Reimão utusa ukuthi: “Ukuxazulula izinkinga zasemsebenzini noma ukucabanga ngazo kwenze lapho usemsebenzini.” Ukuze ukwazi ukuphumula futhi ulale kahle, i-Exame isikisela ukuvivinywa komzimba njalo, umculo opholile, ukukhanya okungahlabi, nokucabanga izinto ezinhle.
IMisa LamaKatolika Lihanjiswa Amantombazane Anakekela I-altare
Kuze kube manje, ezinye izikhulu zesonto bezikuthalalisa ukusebenzisa amantombazane ukuba asize abapristi uma kugujwa iMisa. Encwadini eyagunyazwa uPapa John Paul II yabe isithunyelwa kubengameli bemihlangano yababhishobhi abangamaKatolika emhlabeni wonke, i-Congregation for Divine Worship ne-Discipline of the Sacraments ivumele ababhishobhi ngabanye ukuba bazikhethele ukuthi bayawagunyaza yini amantombazane anakekela i-altare ukuba asize ahambise iMisa. Ngokwe-Corriere della Sera, njengoba umkhulumeli weVatican uJoaquin Navarro Valls ayenikeza lesisaziso futhi ukuze “asuse nethenjana elincane lezifiso zabesifazane” washesha ukucacisa ukuthi lelilungiselelo alisiguquli isimo sengqondo salelisonto ngakubefundisi besifazane. Pho kungani kusetshenziswa amantombazane? Isazi sezenhlalo uFranco Ferrarotti saphawula: “Akungimangalisi mina. ISonto alisabatholi abapristi, futhi kubonakala lingasabatholi nabafana.”
Ihlelo Labathenwa
I-Indian Express yaseBombay ibika ukuthi ezweni laseNdiya kunabathenwa abangaphezu kwesigidi. Amaphesenti amabili kuphela kuwo azalwa ekulesisimo. Abanye baphakulwa. Ngokwe-Express, abafana abahle bayahuhwa noma bathunjwe bese beyiswa kwesinye sezikhungo zabathenwa eNdiya. Kuleyondawo abafana bafakwa emkhosini ohlanganisa “ukuphathwa njengenkosana” ogcina ngokususwa kwamasende abo. Kamuva, lomthenwa omusha uthathwa umthenwa omdala, kwakhiwe ubuhlobo “bukamama nendodakazi.” Lababathenwa bethiwa amagama abesifazane bese beziphatha futhi bagqoke njengabesifazane. Abathenwa abaningi bahlanganiswe baba yihlelo elinonkulunkulu ophethe. Kunenqwaba yamathempeli ezweni laseNdiya lapho abathenwa bedunyiswa khona futhi bahlonishwe njengezidalwa zaphezulu phakathi nomkhosi othile waminyaka yonke.