Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 1/8 kk. 26-27
  • Obani Abaya Ezulwini?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Obani Abaya Ezulwini?
  • I-Phaphama!—1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abangekho Ezulwini
  • UJesu Wavula Indlela
  • UMbuso Wasezulwini
  • Indikimba Yababusi Ekhethiwe
  • Obani Abaya Ezulwini, Futhi Ngani?
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Ukuphila Okuphakade—Bayokwamukela Kuphi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Ingabe Bonke Abantu Abalungile Baya Ezulwini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 1/8 kk. 26-27

Umbono WeBhayibheli

Obani Abaya Ezulwini?

IBHOMU lamaphekula lihlakaza indiza emoyeni, libulala bonke abagibeli. Izihlobo nabangane bezisulu batshelwa ukuthi abathandekayo babo sebesezulwini, njengokungathi kuyisinxephezelo sokufa kwabo okuzumayo nokubuhlungu.

Umculi odumile uyafa bese kuthiwa ‘ushaya amacilongo nezingelosi ezulwini.’

Izifo, indlala, noma izingozi zifushanisa ukuphila kwezinsana, futhi abefundisi bathi manje zijabulela inkazimulo yasezulwini, ngokunokwenzeka ziyizingelosi!

Ingabe uNkulunkulu uqeda ukuhlupheka kwabancane nabadala ngokubabizela kuye ekuthuleni kwasezulwini bonke abanjalo? Ingabe ukwamukelwa ezulwini kumane nje kuyindlela kaNkulunkulu yokulondoloza konke okuhle nokuncomekayo esintwini? Uyini umbono weBhayibheli?

Abangekho Ezulwini

Amazwi eBhayibheli acacile: “Kepha kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na?” (1 Korinte 6:9) Nokho, iBhayibheli likhuluma futhi ngabaningi abalungile nezisulu zokungabi nabulungisa ababengeke baye ezulwini.

UJesu ngokwakhe wathi ngoJohane uMbhapathizi ngokushesha owayezofela ukholo: “Ngiqinisile ngithi kini: Kwabazelwe ngabesifazane akuvelanga omkhulu kunoJohane uMbhapathizi; kepha omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye.” (Mathewu 11:11) Bonke abafana abaneminyaka emibili nangaphansi eBetlehema nasezifundeni zayo babulawa ngonya iNkosi embi uHerode ngomzamo wokubulala umntwana uJesu. (Mathewu 2:16) Nokho, uJesu wathi: “Akakho [indoda noma owesifazane noma ingane] owenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu [uJesu].” (Johane 3:13) Kungani uJesu engazange athi lezizisulu zokungabi nabulungisa zisezulwini?

UJesu Wavula Indlela

UJesu wazibiza ngokuthi ‘uyindlela neqiniso nokuphila’ futhi umphostoli uPawulu wabhekisela kuye ngokuthi ‘ulibo lwabaleleyo.’ (Johane 14:6; 1 Korinte 15:20) Ngenxa yalokho, akekho owayengamandulela ngokungena ezulwini. Kodwa lapho uJesu enyukela ezulwini ezinsukwini ezingaba ngu-40 ngemva kokuvuka kwakhe kwabafileyo, ingabe ngalesosikhathi walandelwa amadoda okholo afanelekayo ayesefile kakade? Ezinsukwini ezingaba yishumi kamuva, umphostoli uPetru wathi iNkosi uDavide ‘yafa, yembelwa, nokuthi ithuna layo lisekhona kithi nanamuhla. . . . Ngokuba uDavide akenyukelanga ezulwini.’—IzEnzo 2:29, 34.

Ngakho, ukwamukelwa ezulwini kuhilela okungaphezu nje kwesinxephezelo ngenxa yokuhlushwa ukungabi nabulungisa noma ngisho nokuvuzwa kokwethembeka komuntu siqu. Kunalokho, kulungiselelwa ukwakhiwa kwendikimba yababusi ezinze ezulwini eyakhiwa inani labantu elingabameleli elingaphansi kokuqondisa kukaKristu, eligcotshwe ngomoya ongcwele.—Roma 8:15-17; IsAmbulo 14:1-3.

UMbuso Wasezulwini

UJesu wabhekisela kulokhu kubusa, noma uhulumeni, ngokuthi “umbuso wezulu” noma ‘umbuso kaNkulunkulu.’ (Mathewu 5:3, 20; Luka 7:28) Kwakungahlosiwe ukuba kufakwe uquqaba lwesintu kulendikimba yesishayamthetho. Ngakho, uJesu wabhekisela kuyo ngokuthi ‘umhlambi omncane.’ (Luka 12:32) Olimini lokuqala olwasetshenziswa kulengxenye yeBhayibheli, igama elithi “omncane” (mi·krosʹ) liphikisana nelithi omkhulu (meʹgas), futhi ukusetshenziswa kwalo kuLuka 12:32 kubhekisela esibalweni esiyidlanzana. Ngakho, inani lamalungu ‘ombuso wezulu’ lilinganiselwe. Ngokwesibonelo: Uma ubungacelwa ukuba uthele amanzi ayingcosana engilazini, ubuyoqikelela ukuba angachichimi. Ngokufanayo-ke, ‘umhlambi omncane’ awunakuba nenani labantu elichichimayo. UMbuso kaNkulunkulu unenani elinqunyiwe (‘elincane’) labayobusa noKristu.

Inani eliqondile lalababusi, abangu-144 000, lembulwa kumphostoli uJohane. (IsAmbulo 14:1, 4) Ekuqaleni kusAmbulo bona laba kuthiwa ‘bavela kuyo yonke imindeni nezilimi nabantu nezizwe ukuze babe umbuso nabapristi kuNkulunkulu,’ futhi bayobusa umhlaba njengamakhosi besezulwini. (IsAmbulo 5:9, 10) Lendikimba yesishayamthetho esebenzelana noJesu Kristu iwuMbuso afundisa abalandeli bakhe ukuba bawuthandazele. Futhi iyithuluzi okuyoqedwa ngalo ukubuswa kabi kwalomhlaba, ngaleyondlela kubuyiselwe ubulungisa nokuthula ekhaya lomuntu, umhlaba, kanye nobungqabavu baphakade kwabakhe kuwo.—IHubo 37:29; Mathewu 6:9, 10.

Indikimba Yababusi Ekhethiwe

Njengoba ukubusa kwabantu okuyosuswa yiloMbuso kugcwele ukonakala, siyasibona yini isizathu sokuba labo abahlanganiswe kulowohulumeni wasezulwini bakhethwe futhi bahlolwe ngokucophelela uNkulunkulu? Isimo samanje sesintu singase sifaniswe nesabagibeli abaningi abasendizeni elimele esimweni esibi sezulu. Esimweni esibucayi kanjalo, ingabe ubuyofuna iqembu lezisebenzi ezisezintsha, eziyizimfundamakhwelo? Lutho neze! Kulesisimo bekungadingeka iqembu lezisebenzi elikhethwe ngokucophelela ngokuvumelana nezimfanelo eziqatha.

Ngokuqondene nalabo abayokhonza ezulwini noKristu Jesu, siyajabula ngokwazi ukuthi “uNkulunkulu umisile izitho zonke, yileso naleso emzimbeni ngokuthanda kwakhe.” (1 Korinte 12:18) Isifiso somuntu siqu noma ukuhahela isikhundla eMbusweni akusona isici esinqumayo. (Mathewu 20:20-23) UNkulunkulu uye wamisa izindinganiso ezithile zokholo nokuziphatha ukuze avimbele ukwamukelwa kwabangafaneleki. (Johane 6:44; Efesu 5:5) Amazwi esethulo eNtshumayelweni kaJesu yaseNtabeni abonisa ukuthi abayobusa noKristu kumelwe kube abantu abangokomoya, abamnene, abathanda ukulunga, abanesihe, abanenhliziyo ehlanzekile, nabanokuthula.—Mathewu 5:3-9; bheka nesAmbulo 2:10.

Ngokujabulisayo, ingxenye enkulu yesintu, nakuba ingakhethwanga uNkulunkulu ukuba ibe phakathi kwalendikimba engababusi abangabameleli basezulwini, ayishiywanga dengwane. Iyohlala kulomhlaba omuhle futhi ijabulele izinzuzo zokubusa kwakhe kwaphezulu. Izisulu zokungabi nabulungisa kwesikhathi esidlule osekuyisikhathi eside zifile ziyobuyiselwa ekuphileni ukuze ziphile nalabo abayosinda ukuze babone uMbuso kaNkulunkulu ‘ufika’ ngomqondo ophelele. Lesisithembiso siyogcwaliswa: “Abaqotho bayakuhlala ezweni, abapheleleyo basale kulo.”—Mathewu 6:9, 10; IzAga 2:21; IzEnzo 24:15.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela