Ikolmanskop—Lapho Kona Khona Isihlabathi Nokugqwala
Ezihlabathini ezishisayo zasoGwadule iNamib, eduze kogu olushanelwe umoya eningizimu yaseNamibia, kunamanxiwa angasenamuntu edolobha elahlalwa ngabantu iminyaka engaphansi kwengu-50—iKolmanskop.
Ngenkathi kutholwa amadayimane lapha ngo-1908, abavukuzi, izikhulu zezimayini, nabantu abehlukahlukene abangamaqili batheleka njengamanqe. Ngokushesha iKolmanskop yayisiyidolobha elichumayo, elalinanezindlu ezinhle ezakhiwe ngendlela yamakoloni aseJalimane, ihhovisi leposi, nehhotela lalo ngokwalo. IKolmanskop yayinanendlu yokugembulela enezitezi ezimbili, indlu yebhayisikobho nenkundla yokudlala ibowl—ukunethezeka okwakwenza ukuphila kube mnandi oGwadule lwaseNamib olukude.
Kodwa sona kanye isizathu sokuba khona kweKolmanskop saholela ekuwohlokeni kwayo. Amatshe amakhulu ayigugu nanenzuzo enkulu ancipha ezimayini. Abavukuzi baheheka bahamba njengoba idayimane eliningi nelihle lase litholakala nakwezinye izindawo. Ngaphezu kwalokho, ekuqaleni kwawo-1900 imboni yedayimane yawa. Kancane kancane izinga lokuphila kulelidolobha lehla kwaze kwaba yilapho ekugcineni iKolmanskop ishiywa ngo-1956.
Namuhla, imishini engasasetshenziswa iyagqwala ngaphansi kwelanga elishisa kakhulu laseAfrika—isikhumbuzo somuntu semizamo yakhe yesikhashana yokuhlwitha umcebo emhlabeni. UJesu wathi: “Zibekeleleni ingcebo ezulwini, lapho kungoni inundu nokugqwala.”—Mathewu 6:20.