Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukucwaninga Ngezilwane Nganginqikaza ukufunda isihloko sokucwaninga ngezilwane (July 8, 1990) ngoba ngangazi ukuthi siyindaba ethinta imizwelo. Kodwa nasisingatha ngendlela enobuciko nelinganiselayo.
N. V., United States
Njengoba ukucwaninga kuwuhlobo lomsebenzi engiwenzayo, ngangishisekela kakhulu ukufunda lokho okwakushiwo iPhaphama! Kusobala ukuthi iBhayibheli alikulahli ukucwaninga ngezilwane, nokho alikuthetheleli ukuba nonya ezilwaneni. Uma umsebenzi wami esikhathini esizayo ufuna ukusetshenziswa kwezilwane, ngiyoqaphela ukuba ngingazixhaphazi noma ngibe nonya kuzo.
O. O., United States
Isihloko senu sasidumaza. Nanikela amakhasi amahlanu nikhuluma ngobudlova obenziwa abavukeli (okungandile kangako). Nokho, “izindaba ezethusayo” zafingqwa esihlokwaneni esisodwa. Umuntu angasilondoloza kanjani isimo sengqondo esilinganiselayo uma ebona unya olunjalo olukhohlakele? Yebo, ukucwaninga ngezilwane kuye kwaba neqhaza ekuthuthukeni kwezokwelapha. Kodwa ingabe asinakukuyeka manje?
S. F., Federal Republic yaseJalimane
Isihloko senu sabonakala sikuvuna ukucwaninga ngezilwane uma kungahileli ubuhlungu obukhulu. Kunanzuzoni uma okuthile kutholakala ngokuhlupheka nokufa kwezilwane ezingenacala?
M. B., United States
Ukucwaninga ngezilwane kuyindaba evusa imizwelo, futhi izihloko zethu zadonsa ukusabela okunzima ngokungavamile kubafundi. IBhayibheli alikulahli konke ukusebenzisa izilwane ukuze kuzuziswe abantu. Kodwa ngokuqondakalayo, abaningi bacasulwa yinoma yiluphi uhlobo lokuhlupheka kwezilwane, futhi ngokuqinisekile siyayihlonipha imizwa yabo kulendaba.—ED.
Ukuluthwa yi“crack” Kuye kwadingeka ukuba nginibhalele ukuze nginazise ukuthi izihloko zenu eziphathelene nokuluthwa icrack (July 22, 1990) zazifundisa kakhulu. Njengoba ngake ngaba umlutha wecrack, ngaze ngakwazi ukugqashula kuyo lapho ngiqala ukutadisha iBhayibheli nokuhlanganyela noFakazi BakaJehova. Ngangivame ukusebenzisela imali yami yentela yendlu, imali yokukhokhela imoto, nemali yokuntshontshwa ekutholeni icrack. Ngazaca ngaba ngangothi lokuvungula. Kodwa ngokusekela nangokuqondisa koFakazi BakaJehova, ngalithola ikhambi.
C. H., United States
Amabhayisikobho Isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Kunendaba Ukuthi Yimaphi Amabhayisikobho Engiwabukelayo?” (July 22, 1990) sangisiza ukuba ngiqaphele amandla amabhayisikobho anawo kubantu. Ngeke ngisawabuka amabhayisikobho okuthiwa awabadala kuphela.
W. R., United States
Angivamile ukuya emabhayisikobho, ngakho sengiqale ukufunda izincwadi eziphathelene nezilwane, umsebenzi wezandla, nomlando. Kunezincwadi eziningi ezinhle ezifundisayo nezingalusebenzisi ulimi olungcolile.
L. H., United States
Ngasithanda ngempela isihloko senu esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingayikhetha Kanjani Ibhayisikobho Enhle?” (August 8, 1990) Kusenento engididayo. Kungalunga yini ngomKristu ukubuka ibhayisikobho ebhalwe ukuthi PG-13?
R. J., United States
EUnited States, ibhayisikobho ebhalwe ukuthi PG-13 ivulelwe ukubukwa abantu babo bonke ubudala, “kodwa abazali baxwayiswa ngokunamandla ukuba banikeze isiqondiso esikhethekile ekubukweni kwawo abantwana abangaphansi kweminyaka engu-13.” (“World Book Encyclopedia”) UmKristu uyoba ngoqaphile uma ibhayisikobho ibhalwe kanjalo. Nokho, okubhalwe kumabhayisikobho kubonisa izindinganiso zezwe, hhayi izimiso zeBhayibheli, futhi ngokuvamile izindinganiso ezinjalo ziyashintshashintsha. Ngakho emazweni lapho kunesimiso sokubhala amabhayisikobho, abantu ngabanye kumelwe banqume ukuthi lokho kuyobaqondisa ngezinga elingakanani. Intsha kumelwe ilandele isiqondiso sabazali bayo. Uma, naphezu kokubhaliwe okubonakala kukuhle, ibhayisikobho ishintsha iba engenhle, umuntu angaphuma lapho ibukelwa khona noma acishe ithelevishini yakhe.—ED.