Ingabe Ungazethemba Izindaba Ozizwayo?
NGOMAY 10, 1927, isihloko esikhethekile sephephandaba laseFrance iLa Presse sabika ukuthi uhambo lokuqala olwaphumelela lwasemoyeni lokungami ndawo olwalunqamula iAtlantic lwathathwa abashayeli bendiza ababili baseFrance, uNungesser noColi. Ikhasi lokuqala lalinezithombe zalabagibeli bendiza ababili kanye nemininingwane ephathelene nokufika kwabo eNew York. Kodwa lendaba yayingamanga. Eqinisweni, leyondiza yayilahlekile, futhi abagibeli bendiza babebulewe.
Nokho, imibiko yezindaba ezingamanga ivame kakhulu kunokuba mhlawumbe abantu abaningi becabanga. Ngo-1983, izindaba eziyimfihlo, okukholelwa ukuthi ngezikaHitler, zakhishwa komagazini ababalulekile abaphuma masonto onke, ikakhulukazi eFrance naseNtshonalanga Jalimane. Kamuva kwatholakala ukuthi zaziyinkohliso.
Ngokufanayo, ngo-1980 indaba eyayiphathelene nomlutha wezidakamizwa osemusha yakhishwa kuyiWashington Post. Lokho kulandisa kwazuzela umlobi wakho umklomelo kaPulitzer, umvuzo omkhulu kunayo yonke wabahleli bamaphephandaba eUnited States. Kodwa kamuva kwatholakala ukuthi lendaba yayiyinsumansumane, amanga. Ngaphansi kokucindezelwa abaseshi, lomlobi wafaka isicelo sakhe sokuhoxa, ethi: “Ngiyaxolisa ephephandabeni lami, emsebenzini wami, emkhandlwini wePulitzer nakubo bonke abafuni beqiniso.”
Nokho, izindaba eziqanjiwe, noma imibiko engamanga, akuzona nje ukuphela kwezithiyo ezivimbela ukufinyelela eqinisweni ngalokho okwenzekayo ezweni.
Ukukhethwa Nokusakazwa Kwezindaba
Abalobi nabahleli bezindaba ngokuvamile bakhetha izindaba ezivusa isithakazelo somphakathi kodwa ezingase zingabi nakho ukubaluleka kwangempela. Ezicatshangelwa kuqala yilezo ezivusa imizwa noma ezidonsa amehlo ukuze kwandiswe ukusakazwa neqophelo. Ompetha bezokuzijabulisa kanye nezemidlalo bayaqokonyiswa, kungakhathaliseki ukuthi isiphi isibonelo abasinikeza intsha. Ngakho uma omunye wabo eqomile noma eqonyiwe, eshada, noma efa, ngokuvamile sekuyizindaba lezo.
Ngokuvamile izindaba zethelevishini ziqokomisa izihloko ezikhangayo emehlweni. Umqondisi wefemu enkulu yokusakaza ngethelevishini, njengoba kwabikwa kumagazini weTV Guide, “wathi ufuna ‘izikhathi’ emsakazweni—ezivusa umzwelo, izikhathi ezivusa imizwa ukuze ayenge isethameli kuzo zonke izindaba.” Ngempela, ukukhanga izethameli ngokuvamile kukhathalelwa kakhulu kunokuba kukhathalelwe ukufundisa umphakathi.
Indlela izenzakalo eziboniswa ngayo ingase yehluleke ukunikeza indaba njengoba injalo. Ngokwesibonelo, isenezelo samasonto onke sephephandaba laseFrance lansuku zonke iMonde sakhuluma “ngamathelevishini amathathu aqhumayo [eFrance] ezinsukwini eziyishumi nanhlanu nje kuphela.” Nakuba lokhu kwasakazwa njengokuthile okungavamile, inani lokuqhuma kwamathelevishini kuleyonkathi yezinsuku ezingu-15 eqinisweni lalilincane kunelivamile.
Futhi, ngezinye izikhathi izindaba ezibalulekile zingase zisakazwe ngendlela ebandlululayo. IParade Magazine ibika ukuthi izikhulu nabezombangazwe ngokuvamile “zidlulisela ukukhohlisa kwazo ngomthombo wezindaba, ziphendukezela izindaba ukuze zithonye ukucabanga kwakho. Zikhetha amaqiniso ambalwa kunokuba zikutshele lonke iqiniso.”
Lokhu kukhathaza abakhulumeli abaningi bezindaba. IEncyclopædia Universalis yaseFrance ithi: “Kusukela ngasekupheleni kwawo-1980, umthombo wezindaba obalulekile, futhi ikakhulukazi ithelevishini, uye walahlwa yibo bonke, izazi nabantu abavamile, umuntu ozihambela esitaladini, nawumphakathi, ngenxa yalokho okushoyo nalokho ongakusho, ngendlela okushiwo ngayo nangenxa yokugudlisela kobuqili okuhlukahlukene.”
Ukuthekelana izindaba ngokukhululekile ngokwesilinganiso somhlaba wonke nakho kuyinkinga futhi kwakuyisihloko senkulumo-mpikiswano eshubile eUNESCO (United Nations Educational, Scientific, and Cultural Organization). Amazwe asathuthuka akhononda ngokuthi ayephawulwa ezindabeni kuphela lapho kwenzeka izinhlekelele noma izinkinga ezingathi sína zezombangazwe. Ngemva kokusho ukuthi izinhlangano ezithile zokunyathelisa zaseNtshonalanga zethula izindaba eziningi kakhulu ngamazwe aseNyakatho neNkabazwe kunangalawo aseNingizimu neNkabazwe, isihloko ephephandabeni laseFrance lansuku zonke iMonde senezela: “Lokhu kuye kwadala ukuntengantenga okungathi sína okuthinta umbono womphakathi emazweni athuthukile nasemazweni asathuthuka.”
Amaqembu Acindezelayo
Ukucindezela okulethwa abakhangisi kubabhali bezindaba nakho kuyazithinta izindaba umphakathi ozamukelayo. Ngawo-1940 umagazini waseU.S. awubange usathola ukukhangisa kubenzi bopiyano lapho ukhipha isihloko esasibonisa izinzuzo zokusebenzisa isiginci lapho kuculwa. Kamuva kulomagazini kwakhishwa uhlu lomhleli olwalutusa kakhulu upiyano! Ngakho-ke, ukuntuleka okukhulu kwezihloko ezidalula izingozi zokubhema akumelwe kumangalise uma kubhekwa inani lomagazini ukukhangiswa kukagwayi okuwumthombo wabo oyinhloko wezinzuzo ezinkulu ezingokwezimali.
Esinye isici esicindezelayo sihilela abafundi noma izethameli ngokwazo. URaymond Castans, owayengumqondisi wesiteshi somsakazo esithandwa kakhulu saseFrance, wachaza ukuthi izilaleli ngokwengxenye enkulu zazisadla ngoludala, ngakho kwakumelwe kucoshelelwe ukuthi azicasulwa. Ngakho-ke ingabe kuyamangalisa ukuthi ezweni lapho inkolo ethile ibusa khona, amaqiniso angathandeki ngayo aye afihlwa noma ancishiswa?
Ukucindezela okumelwe kubekezelelwe kulethwa futhi nangamaqembu avukelayo noma abantu abanomuzwa wokuthi imibono yabo ayinikezwa ukunakekela okwanele emthonjeni wezindaba. Eminyakeni embalwa edlule, amaphekula athumba uAldo Moro, owayewundunankulu waseItaly, afuna ngenkani ukuthi izikhalazo zawo zihlanganiswe zonke kuyithelevishini, ngomsakazo, nasemaphephandabeni aseItaly. Ngokufanayo, amaphekula athumba izindiza futhi athathe abathunjwa aphuma ezihlokweni eziphambili zeTV futhi ngaleyondlela athola ukwaziwa akufunayo.
Ngezinye izikhathi abezindaba bayasolwa ngokuvuma ukusakaza izimiso nemibono egxilile. Kodwa ingabe singalindela ukuba imboni efuna ukuzuza abafundi nezilaleli eziningi isakaze imiqondo nemibono ephambene naleyo yabantu abaningi ebakhonzayo?
Enye inkinga efanayo ukuthi emazweni amaningi amanani akhuphukayo aye abangela amaphephandaba ansuku zonke ukuba axubane, ngaleyondlela akha “imibuso yamaphephandaba” engokoqobo ezandleni zamaqembu amancane noma ngisho umuntu oyedwa. Uma inani labanikazi liqhubeka nokwehla, lokhu kuzolinganisela izinhlobonhlobo zemibono enyathelisiwe.
Ithonya Emphakathini
Akungabazeki ukuthi ezokusakazwa kwezindaba nazo futhi ziye zahlanganyela ekulolongweni kwezindinganiso zezenhlalo. Lokhu kwenziwa ngokubonisa izindinganiso zokuziphatha nezindlela zokuphila ezaziyokwenqatshwa eminyakeni embalwa nje edlule njengezamukelekayo.
Ngokwesibonelo, ngasekuqaleni kwawo-1980, indoda eyayineminyaka yobudala ephakathi, engomunye woFakazi BakaJehova, yayibe nengxoxo ngobungqingili noyise, ngalesosikhathi owayehlala eduze kwaseSan Francisco, eCalifornia. Ngesikhathi esemusha, lobaba wayedlulisele endodaneni yakhe umbono wakhe wokuthi ubungqingili babushaqisa. Kodwa, emashumini eminyaka kamuva, esethonywe isimiso sokusakazwa kwezindaba, lobaba osegugile wabulwela ubungqingili njengenye indlela yokuphila eyamukelekayo.
IEncyclopedia of Sociology (ngesiFulentshi) iyaqinisekisa: “Umsakazo nethelevishini kungase . . . kugxilise kahle kakhulu imibono emisha, kukhuthaze ukuthambekela emibonweni eqanjiwe noma ukudala uchuku. Ngenxa yokunambitha izindaba ezinevuso, imithombo yezindaba enjalo izinika amandla kwasekuqaleni futhi ibe nehaba ngokubaluleka kwazo.”
Uma singafuni ukuba izindinganiso zethu zilolongwe imithombo yezindaba, yini esingayenza? Kumelwe silandele iseluleko esihlakaniphile esitholakala eBhayibhelini. Lokhu kungenxa yokuthi izindinganiso nezimiso zalo zihlala zibalulekile ngaso sonke isikhathi ngenzuzo yawo wonke umphakathi emlandweni. Ngaphezu kwalokho, ziyasisiza ukuba sibone indlela okubaluleke ngayo ukulolongwa izindinganiso zikaNkulunkulu hhayi imibono ethandwayo yezwe lesimanje.—Isaya 48:17; Roma 12:2; Efesu 4:22-24.
Futhi, imiBhalo ichaza isici esibalulekile sezindaba ngokuvamile esingakutholi ukusakazwa ngemithombo yezindaba. Ake sihlole lesici esihlokweni esilandelayo.
[Isithombe ekhasini 7]
Izinhlangano zabavukeli zithola ukwaziwa ezikufunayo
[Umthombo]
Photo ANSA