Indlala Yowesilisa Nezinkinga Zayo
INGABE unazo izinkinga zendlala yabesilisa (prostate)? Uma ungowesilisa futhi ungaphezu kuka-40, ungase uqale ukuhlangabezana nazo. Kulinganiselwa ukuthi abangaphezu kwengxenye kubantu besilisa baseNyakatho Melika abangaphezu kweminyaka engu-60 banesifo sokukhukhumala kwendlala yabesilisa futhi cishe amaphesenti angu-95 alabo abafinyelela eminyakeni yabo yawo-80 bayohlushwa yilenkinga. Kodwa iyini lendlala ebizwa ngokuthi iprostate? Ikuphi, futhi yenzani?
Inesimo sombhoshongo ongunxa-ntathu obhekiswe phansi, iprostate itholakala engxenyeni yesisu engezansi ngaphansi kwesinye. Ikwabesilisa bodwa kodwa ihlobene nebele labesifazane ngohlobo lwezicubu zayo. Ngesikhathi sokuzalwa, isuke ingenkulu kakhulu kunom-alimondi. Nokho, lapho kuqala ukuthomba, iyakhula ibe nkulu kangangechestnut.
Iprostate yakhiwa igobongo elinezinyama elinezindlala ezinjengamasakana ezingu-30 kuya ku-50. Lezizindlala zikhiqiza uketshezi lweprostate, ngaphandle kwalo indoda ngokuqinisekile cishe ingethole bantwana. Isicubu senyama esingaphakathi kwezindlala sisongekile, ukuze sikwazi ukunwebeka futhi sigcine uketshezi njengoba lwakheka. Ngemva kokuba owesilisa efinyelele ukuthomba, lamasakana aqalisa ukukhiqiza uketshezi oluncane usuku ngalunye, ngokuvamile oluphuma nomchamo uma engazange abe nobuhlobo bobulili.
Akuyona yonke imisebenzi yeprostate eyaziwayo, kodwa injongo yayo eyinhloko ibonakala iwukukhiqiza uketshezi olondla izigidi zamangqamuzana esidoda futhi lwenza kube lula ngawo ukuhamba. Ngakho-ke, ibalulekile endodeni ukuze ikwazi ukuthola abantwana. Nokho, ingazibangela izinkinga futhi njengoba ikhula. Ziyini izimpawu zokukhathazwa yiprostate, futhi ingabe kukhona okuthile iziguli ezingakwenza?
Izimpawu Ezixwayisayo
Phakathi kweprostate kudabula iurethra, ithumbu elikhipha umchamo osesinyeni, futhi kulapha lapho inkinga ikhona. Uma amasakana aphakathi kuyiprostate engenwa yisifo, elimala, ephatheka kabi noma eminyaniswa uketshezi, angase acindezele iurethra futhi aphazamise ukukhishwa komchamo. Kwenzeka okufanayo uma indlala ngokwayo ikhukhumala.
Ngokuvamile izimpawu zokuqala zalenkinga zicishe zingaqapheleki futhi ziyefana kungakhathaliseki ukuthi imbangela eyisisekelo iyini. Onalenkinga kungase kudingeke avuke kanye noma kabili phakathi nobusuku ukuze aye endlini encane, into obekungadingeki ayenze ngaphambili. Kancane kancane, kuya kudingeka avuke kaningana. Naphezu kokuzizwa ephiswe kakhulu, umchamo uphuma kancane nangezikhawu. Uzizwa ephisiwe ngisho nakuba ebesanda kubuya endlini encane. Manje iprostate izenza yaziwe ukuthi ikhona ngendlela ebuhlungu, ecasulayo, futhi ngezinye izikhathi edumazayo. Ukuqonda isizathu kuyosiza amadoda, kanjalo nomkawo, ukubhekana nalenkinga.
Izinkinga Zendlala Yowesilisa
Izinto eziningi ezihlukahlukene zingabangela izinkinga zeprostate, futhi sizoxoxa ngazo kafushane ngayinye ngayinye:
I“prostatitis”: Lokhu kuwubuhlungu bendlala iprostate futhi bungase buthathelwane noma bubangele ukuqumbelana kwayo. Amagciwane, afana nalawo atholakala esifweni esithathelwana ngobulili njengesipatsholo noma avela esifweni esikwenye ingxenye yomzimba, angabubangela ubuhlungu bendlala iprostate. Izifo ezinjalo zivela kumuntu wanoma yibuphi ubudala ngemva kokuba lendlala isikhule ngokwanele.
Iprostatitis ebangelwa ukuqumbelana iyadida kakhulu. Lesisimo abanye odokotela basihlanganisa nenkanuko yobulili nomcabango ovusa inkanuko. UDkt. Stanley Brosman waseUniversity of California School of Medicine usikisela izizathu ezimbili ezibangela lenkinga: “isenzo sobulili esingaqhutshwa ngokufanele” kanye “nokwehluleka kweprostate ukuzikhama ngokwayo ngesikhathi sokuphuma kwesidoda.” Nokho, ukuthi kungani iprostate ingazikhami ngokuphelele kusalokhu kuyimfihlo.
Ukukhukhumala: Ngokumangalisayo, njengoba indoda ikhula, iprostate ingase iqale ukukhukhumala. Nakuba ukuhlolisisa okuningi kuye kwenziwa, odokotela basaxakwa ukuthi kungani lokhu kwenzeka. Abanye basikisela ukuthi kubangelwa ushintsho kumahormone asemzimbeni. Ukukhukhumala kungase kungadali-nkinga kwamanye amadoda. Nokho, njengoba landa inani labesilisa asebekhulile, kanjalo liyanda nenani lemibiko yokukhukhumala kweprostate okuholela ezinkingeni zokuchama.
Umdlavuza: Umdlavuza weprostate uphakathi kwemidlavuza evame kakhulu emadodeni. Inkinga lapha iwukuthi awuvamile ukubonakala usaqala. Ngokuvamile umdlavuza wanda kancane kancane, futhi amadoda amaningi afa ngenxa yezinye izimbangela ngaphambi kokuba abulawe umdlavuza weprostate. Okudingekile ukuze umdlavuza weprostate usheshe ubonakale ukuhlolwa udokotela, njalo ngonyaka, kuhlanganise nokuhlolwa emtshazweni. Udokotela angathinta ingxenye yendlala ngomunwe ogqokiswe igilavu yerabha, futhi athole uma kukhona noma yiziphi izigaxana eziqinile, ezisazinkinobhana, ezingasho ukuthi kunomdlavuza. Uma kutholakala amabala athile, kuyokwenziwa ukuhlolisisa okuqhubekayo, kuhlanganise nebiopsy (ukukhishwa kwezicubu zenyama ukuze zihlolwe), ukuze kutholakale ukuthi izingqamuzana zomdlavuza zikhona yini.
Ukwelapha
Njengoba nje kunezimbangela eziningi zezinkinga zeprostate, kunezindlela eziningi zokwelapha.
Umuthi Wokwelapha: Uma iprostatitis ibangelwa yisifo, ukwelapha ngezibulala-magciwane kuvamise ukusetshenziswa. Udokotela angase futhi atuse ukudla okukhethekile. UDkt. Harvey Gordon uyabhala: “Ngikholelwa ukuthi izimpawu ezicasulayo zokusha kwezinyama zeurethra (urethritis) engemuva ngempela zikhuthazwa ukuphuzwa kotshwala obudakisayo nokudla okunezinongo. Ngaphezu kwalokho, ngicabanga ukuthi ikhofi lingase libekwe icala ngokufanayo.”
Ukuhlinzwa: Ukunqunywa ngokuphelele kwengxenyana yeprostate kungasusa ukucindezeleka kuyiurethra. Izindlela ezihlukahlukene zokuhlinza ziyasetshenziswa kulokhu. Uma nje imizwa engemuva kweprostate ingalinyazwanga, indoda iyohlala inamandla. Nokho, ingase ingabatholi abantwana. Ngani? Ukuhlinzwa kweprostate kungase kulimaze umsipha ngokuvamile ovala entanyeni yesinye. Ngokomphumela, isidoda manje siyothatha indlela elula singene esinyeni, lapho siyophuma khona nomchamo.
Ukwelashwa komdlavuza: Uma kutholakala umdlavuza, kukhona izindlela ezihlukahlukene zokwelapha, kuxhomeke esimweni sokukhula kwawo. Akukho ndlela eyodwa yokwelapha eye yazibonakalisa ingcono, kodwa phakathi kwalezo ezikhona kukhona ukwelapha ngamahormone, ukushiswa ngemisebe, nokuhlinzwa ngendlela evamile noma ngomshini okhipha imisebe kagesi. Lapho kuhlinzwa indlala iyasuswa, kuphumele cishe ekubeni ngongenanzalo ngokuphelele.
Ukudla: Ngokuthakazelisayo, kuye kwenziwa ukuhlola okubonisa ukuthi iprostate iyisizinda esikhulu lapho kunqwabelana khona izinc (ikhemikhali esansimbi) emzimbeni. Uma ukudla kwendoda kungenayo izinc eyanele, iprostate iqala ukulahlekelwa yilekhemikhali etholakala kanzima, futhi abanye abacwaningi bahlanganisa lokhu nezinhlobonhlobo zezinkinga zeprostate. Amadoda amaningi athi aye athola ukukhululeka ezinkathazweni zawo ngosizo lokunezelwa kwezinc ekudleni.
Exoxa ngalendlela yokwelapha, uDkt. Monroe Greenberger, isazi sezifo zezitho zokuchama (urologist) saseNew York, unikeza iseluleko esiphilile: “Endodeni esifinyelela ubudala lapho izinkinga zeprostate kungenzeka ziyihluphe khona, ukudla okufanele kubalulekile. . . . Nakuba ukubaluleka okukhulu kwezinc, amavitamin, nokudla okuthile empilweni yeprostate kusesebangeni lokuhlolwa futhi kungenakunqunywa ngokwezibalo, ubufakazi bunganelisa ngokwanele ukuba ngilindele futhi ngilalelisise ngokucophelela, futhi ngicabanga ukuthi nabanye kumelwe benze okufanayo. Nokho—futhi lokhu kubalulekile kukho konke ukuzinakekela komuntu ngokwakhe.—ungathembeli ekudleni okuthile, amavitamin, noma okusansimbi (minerals) kuphela ukuze uthole impilo enhle. Bonana nodokotela wakho njalo.”—What Every Man Should Know About His Prostate.
Izindinganiso Zokuziphatha ZeBhayibheli Ziyisivikelo
Impilo enhle yeprostate ibonakala futhi ihlangene nezindinganiso eziphakeme zokuziphatha zeBhayibheli. Bonke abesilisa bayokwenza kahle uma beqaphela lezizimiso ezimbili ngokukhethekile:
Ukwethembeka kumkakho: AmaHeberu 13:4 ayaxwayisa: “Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi-nasisihla.” Njengoba ukungenwa isifo kweprostate kungase kube umphumela wesifo sokubhajwa, isenzo sokuhlangana nanoma ubani ngokobulili singaholela ezinkingeni zeprostate nakwezinye izinkinga.
Ukulondoloza imicabango yakho: KuMathewu 5:28 uJesu Kristu uyayala: “Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.” Ukulandela iseluleko sikaJesu kungaba nengxenye empilweni enhle yeprostate. Kanjani? Lapho inkanuko ivuswa endodeni, iprostate izilungiselela ukuhlangana kobulili. UDkt. Brosman ubhala ukuthi izikhathi eziphindaphindiwe zokuvukelwa okungalandelwa ukukhishwa kwesidoda zibangela ukunqwabelana koketshezi kuyiprostate nasezikhwamaneni zesidoda futhi kungaholela ezinkathazweni zeprostate.
Namuhla, abantu abaningi bafuna injabulo yobulili ngokufunda izincwadi ezingcolile noma ezivusa inkanuko yobulili noma ngokubukela amabhayisikobho noma izinhlelo zethelevishini ezingcolile. Yeka ukuthi kungcono kanjani ukulandela iseluleko somphostoli uPawulu: “Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengoba kufanele abangcwele.”—Efesu 5:3; bheka futhi eyabaseFilipi 4:8.
Yebo, iprostate ingesinye isimangaliso soMdali wethu. Ngaphandle kwayo, cishe bekungeke kube khona ukuzala. Ngakho-ke ngenxa yokuhlonipha umzimba wayo kanye nomklamo kaNkulunkulu, indoda ngayinye kumelwe ithathe izinyathelo zokugcina iprostate yayo iphilile.
[Imidwebo ekhasini 26]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Isinye
IProstate
iUrethra
Ithumbu Elingezansi