Ikusasa Lenkolo Uma Kubhekwa Isikhathi Sayo Esidlule
Ingxenye—23 1945kuqhubeke—Isikhathi Sokulungisa Izindaba Siseduze
“Isidingo sokuqala senjabulo yabantu siwukuqedwa kwenkolo. “UKarl Marx, isazi sezenhlalo nezomnotho sekhulu le-19 leminyaka esingumJalimane
NAPHEZU kokuba ayenokhokho abaningi abangabefundisi bamaJuda nhlangothi zombili zomkhaya, uKarl Marx wabhapathizwa njengomProthestani eneminyaka eyisithupha ubudala. Kodwa ebuncaneni bakhe, wasangulukiswa inkolo nezombangazwe. Waphikisa ngokuthi uma isintu sasiyoke sithole injabulo, kokubili ezombangazwe nenkolo kwakuyodingeka ukuba kushintshwe kakhulu.
IBhayibheli liyavumelana nalokhu. Kodwa nakuba izinguquko ezinkulu ezahlongozwa uMarx ziye zangayiletha intuthuko yangempela, lezo ezabikezelwa yiBhayibheli ukuthi zaziyokwenzeka esizukulwaneni sethu ziyophumelela phakade. Akukho kungabaza ngalokhu.
Ikakhulukazi kusukela ngo-1914, icala legazi lenkolo yamanga liye lafinyelela eqophelweni eliwumvuthwandaba. Kusukela ngalesosikhathi inkolo yamanga iye yahlushwa futhi ukungabi nandaba okwandayo nokuntula ukusekelwa. (Bheka izihloko ezimbili ezandulelayo kuloluchungechunge.) Ngokuphambene kakhulu, inkolo yeqiniso iye yachuma ngokuphawuleka ngokwengeziwe unyaka ngamunye.
Kodwa yini esazokwenzeka? Manje kunanini ngaphambili, kungokufanelekile ukubuza, Liyini ikusasa lenkolo uma kubhekwa isikhathi sayo esidlule?
Lithini IBhayibheli?
Izigameko zekhulu lokuqala leSikhathi sethu Esivamile zinikeza ukukhanya kulendaba. Ngenxa yokuba ezihlanganise nenkolo yamanga, uIsrayeli wabhekana nekusasa okwakubikezelwe ukuthi laliyofinyelela umvuthwandaba lapho uNkulunkulu ekhipha isahlulelo sakhe ngokumelene nalesosizwe. Kodwa kwenziwa ilungiselelo lokuba labo abaqhuba inkolo yeqiniso baphunyuke ekubhujisweni nesimiso samaJuda. UJesu watshela abafundi bakhe: “Kepha nxa nibona iJerusalema lihaqiwe yizimpi, yazini ukuthi sekusondele ukuchithwa kwalo. Khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni, abaphakathi kwalo baphume.”—Luka 21:20, 21.
Ngo-66 C.E., amabutho amaRoma ahaqa iJerusalema. Lomuzi wabonakala uzobhujiswa kanjani. Kodwa ngokungazelele amabutho ahoxa, enikeza amaKristu ithuba lokubalekela endaweni yokuphepha. Nokho, noma yimuphi umcabango wokuthi uIsrayeli oyisihlubuki wayephunyukile esijezisweni, wapheliswa eminyakeni emine kamuva lapho amaRoma ebuya, ephinda futhi ehaqa umuzi, futhi ekugcineni ewuthumba ngokubulala abaningi ababengaphakathi. IMasada, inqaba yokugcina yamaJuda, yawa eminyakeni emithathu kamuva. Nokho, inkolo yeqiniso njengoba yayiqhutshwa amaKristu athembekile, yasinda.
Manje, esizukulwaneni sethu, wonke umbuso wezwe wenkolo yamanga ubhekene ubuso nobuso nenhlekelele. “Izimpi” ziyaphinda zilungiselela ukukhipha isahlulelo saphezulu. Njengamabutho amaRoma ekhulu lokuqala leminyaka ayehlelelwe ukugcina iPax Romana (Ukuthula KwaseRoma,) amabutho akanisile anamuhla nawo ayithuluzi lokugcina ukuthula. Isiprofetho seBhayibheli sibonisa ukuthi amabutho ahlomile phakathi kwezizwe ezingamalungu eUN ayoba yithuluzi likaJehova ekulungiseni izindaba ekugcineni neJerusalema losuku lwanamuhla, eLobukholwa, kanye nalo lonke iBabiloni Elikhulu.—IsAmbulo 17:7, 16.
Kuyokwenzeka nini lokhu? EyokuQala kwabaseThesalonika 5:3 iyaphendula: “Nxa bethi: Ngukuthula nokuhlala kahle, khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.”
“lnkathi Yokumenyezelwa Kokuthula”
Ngo-1988 owayengunobhala kahulumeni waseU.S. uGeorge Schultz wathi “ukuthula kuvumbuka yonke indawo.” Uchwepheshe wezindaba zangaphandle wakhuluma “ngenkathi yokumenyezelwa kokuthula.” Iphephandaba lamasonto onke elihlonishwayo laseJalimane iZeit labuza: “Kungenzeka yini, ekhulwini leminyaka eligcwele izinhlekelele kangaka, ukuthi ishumi lokugcina lalo leminyaka liphawule ukuphela kwencithakalo nokuqala kwenkathi yohlelo olunokuthula?” Futhi umagazini iTime wathi: “Ukuthula kusongela i-Iran neIraq, iKampuchea, iAfghanistan, iAfrika eseningizimu ngisho neMelika Ephakathi.”
Unyaka ka-1989, manje ofinyelela ekupheleni, nawo uye waba unyaka ogcwele izinkulumo zokuthula. NgoFebruary iphephandaba laseJalimane iSuddeutsche Zeitung laphawula: “Kusukela cishe ngo-1985 besiphila enkathini lapho imibuso enamandla iye yenza khona okungaphezu nje kokumane isonge izidladla zayo. . . . Namuhla cishe akukho ndawo emhlabeni lapho imibuso emibili enamandla ingahlangani khona. . . . Noma kunjalo, akukaze ngaphambili kubikezelwe ukuvumelana kahle kangaka, izinhlangothi zombili zizimisele kangaka, futhi kuthathwe izinyathelo eziningi kangaka ngesikhathi esifanayo ekufinyeleleni umgomo oqondile.”
Muva nje eminyakeni eyisithupha edlule, izinto zazingabonakali zicace kangako. Umcosheli wezindaba uRoy Larson waphawula ukuthi “kuwo wonke u-1983 abaholi benkolo emhlabeni wonke babememeza bethi ‘ukuthula, ukuthula,’ kodwa akubanga nakuthula.” Ingabe izenzakalo ezimangalisayo zezwe kusukela ngalesosikhathi ziwukugcwaliseka kweyoku-1 Thesalonika 5:3? Ngeke sisho. Nokho, kusobala ukuthi namuhla, ngoDecember 1989, “ukuthula nokulondeka” kuseduze ukuba kube khona kunangaphambili.
Abaholi Benkolo Basebenza Kanzima—Basebenzelani?
Njengoba uLarson ebonisa, abaholi benkolo abazange bazithele ngabandayo ekuphishekeleni ukuthula. Eqhubeka nokulinganisa kwakhe kwango-1983, ukhuluma “ngohambo olungcwele lokuthula” lokuya eMelika Ephakathi naseCaribbean olwathathwa uJohn Paul II. Futhi phakathi nalowonyaka, iNgqungquthela yesiZwe yaseU.S. yabaBhishobhi abangamaKatolika yabhala incwadi eya kubefundisi eyayinesihloko esithi “Inselele Yokuthula.” Ngokushesha ngemva kwalokho, amanxusa amasonto angaphezu kwangama-300 avela emazweni ayi-100 ahlangana eMhlanganweni Omkhulu wesithupha Womkhandlu WamaSonto Wezwe lonke futhi avuma ngo-elethu ezwini lesinqumo elifanayo. Abavangeli abaningi bamaProthestani nabo babehilelekile kulokho uLarson akubiza ngokuthi “ukuba matasa kwembulunga yonke ngokuthula.”
Ngesikhathi usungulwa ngo-1948 nangesikhathi uhlangana ngo-1966, uMkhandlu WamaSonto Wezwe lonke wakhuluma ngokunamandla ngokumelene nokusetshenziswa kwezikhali zesimanje zokubhubhisa. Ngokuvumelana nalokho kumelana, abefundisi abaningi nezazi zenkolo baye bathatha izikhali zokuthula, amadoda anjengesazi senkolo saseJalimane esingumProthestani uHelmut Gollwitzer. Ekuqaleni kwalowonyaka, ngesikhathi sokugujwa kosuku lwakhe lokuzalwa lweminyaka engama-80, umProthestani waseSwitzerland wayemdumisa masonto onke “njengesazi senkolo esihileleke kwezombangazwe, ngaso sonke isikhathi silwela ukuthula,” lowo “ngokufundisa kwakhe nangokuhileleka kwakhe kwezombangazwe oye wathonya ngokunamandla abefundisi abaningi nomzabalazo wokuthula phakathi kwesonto.”
Ngaleyondlela, akumangazi ukuthi iBabiloni Elikhulu ngentshiseko lasekela uNyaka Wokuthula Wezizwe Zonke wango-1986, owabizwa kanjalo inhlangano yeZizwe Ezihlangene, emthethosisekelo wayo ufuna ukuba “igcine ukuthula nokulondeka komhlaba wonke.” Phakathi nalowonyaka, upapa ongumKatolika, uMbhishobhi Omkhulu ongumSheshi waseCanterbury, nabanye abaholi benkolo abangama-700, kuhlanganise namaKristu okuzisholo, amaBuddha, amaHindu, namaSulumane, abakhulekela imimoya baseAfrika, abomdabu baseMelika (amaNdiya), amaJuda, amaSikh, amaZoroastrian, amaShinto, amaJain, bahlangana ndawonye eAssisi, eduze naseRome, ukuze bathandazele ukuthula.
Muva nje, ngoJanuary 1989, eSydney, eAustralia, iSunday Telegraph yabhala ukuthi amalungu “enkolo yamaBuddha, yamaKristu, amaHindu, amaJuda, amaSulumane, amaSikh, amaUnitarian, amaBaha’i, amaConfucian, amaJain, amaShinto, amaTao, amaRaja Yoga namaZoroastrian” ayehlangene eMelbourne emhlanganweni wesihlanu wengqungquthela Yezwe Ephathelene Nenkolo Nokuthula. Ngokufanelekile, “izihambeli ezingaphezu kwama-600 ezivela emazweni angama-85 . . . zavuma ukuthi izimo ezishubile ezazibangelwa ukungezwani kwamasonto zazibhecwa ngecala njengeziyimbangela eyinhloko yempi.”
Ukuhileleka okungokwenkolo ekufuneni ukuthula kuqinisa lokho uDag Hammarskjöld, owayengunobhala-jikelele weZizwe Ezihlangene, ake akusho: “INhlangano [iUN] namasonto kumi nhlangothi-zombili njengokunengxenye emizamweni yabo bonke abantu abanenhliziyo enhle, kungakhathaliseki ukuthi siyini isivumo sabo sokholo noma uhlobo lokukhulekela, ukuze bamise ukuthula emhlabeni.”
Noma kunjalo, ukumasha kokubhikisha kweBabiloni Elikhulu kuyaqhubeka, izibhelu zalo emphakathini, nezinye izindlela zalo eziwubuqili ngokwengeziwe zokuhlanganisa inkolo nezindaba zezombangazwe kuyoholela ekubhujisweni kwalo.a Kakade sekuye kwabangela izingxabano eziningi, njengoba uAlbert Nolan, ilungu lenkolo kaDominic elivela eNingizimu Afrika, muva nje avuma, ethi: “Ukuphela kwendlela ephumelelayo yokufinyelela ukuthula ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu iwukungena empini. . . . Ukuze ukuncishiswa kwezikhali kufinyelelwe, izingxabano nohulumeni ngokunokwenzeka azinakugwemeka.”
IBabiloni Elikhulu maliqhubeke nokumemezela ukuthula. Upapa makaqhubeke nokunikela isibusiso esiyisiko iUrbi et orbi (edolobheni [iRome] nasemhlabeni) ngoKhisimusi nangoIsta. Makaqhubeke ecabangela—njengoba enza ngoMay odlule—ukuthi ukudamba okukhona kwemibango yezombangazwe kuyimpendulo kaNkulunkulu yemithandazo “yobuKristu.” Ukusho amazwi okuthula nokuzisholo ukuthi linesibusiso sikaNkulunkulu akunakulihlangula iBabiloni Elikhulu ecaleni lalo legazi lesikhathi esidlule. Lilibeka uphawu njengeliyisikhubekiso esikhulu kakhulu sokuthula phakathi kwabantu, naphakathi kwabantu noNkulunkulu, okuke kwaba khona. Ngendlela eqondile noma engaqondile, zonke izinkinga zesintu zingalandelelwa zize ziyofika emnyango walo!
Yeka ukuthi kungokubhuqa kanjani ukuthi inkolo yamanga izimbandakanye neUN, iyaqhubeka iphishekela ukuletha khona kanye “ukuthula nokulondeka” okuzobangela ukubhujiswa kwalo! Isiphelo senkolo yamanga siyolwela uNkulunkulu wenkolo yeqiniso, othi: “Ningaduki: uNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna.”—Galathiya 6:7.
Ningachithi Isikhathi—Balekani Ukuze Nisinde!
Isikhathi sokuba inkolo yamanga iquliswe icala siseduze! Okuwukuphela kwendlela yokugwema ukulahlekelwa ukuphila iwukuyishiya ngaphandle kokulibala. (IsAmbulo 18:4) Isikhathi sokuba libhujiswe kakade sesifikile.
Ngemva kokuba umhlaba omuhle kaNkulunkulu usuye wahlanzwa kuyo yonke inkolo yamanga nezinkolo zobuzwe, inkolo yeqiniso ngaphansi kokuqondisa kukahulumeni waphezulu kuphela eyosala. Yeka ithemba elijabulisayo ngabantu abasinda kulezinguquko ezimangalisayo! Ingabe uyoba phakathi kwabo? Ungathanda yini ukujabula phakade “Ebuhleni Baphakade Benkolo Yeqiniso”? Uma kunjalo, yizwa ukuthi ungakwenza kanjani ngokufunda isihloko sokugcina kuloluchungechunge kuPhaphama! kaJanuary 8, 1990.
[Umbhalo waphansi]
a Incwadi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! eyakhishwa ngo-1988 yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc, ichaza indlela lokhu okuyokwenzeka ngayo.
[Isithombe ekhasini 25]
Indlunkulu yeUN eNew York kanye nomfanekiso wokuthula kwezwe—indoda ekhanda inkemba iyenze ikhuba