Ukufuna Ukuthula Nokulondeka
Abantu abaningi banesifiso esingokwemvelo sokuthula nokuthokomala, kodwa lesosifiso siye saqedwa kuwo wonke umlando omningi wesintu. Nokho, eminyakeni yamuva kuye kwaba khona izinzuzo ezithile eziphawulekayo ekufuneni komuntu ukuthula, njengoba uhlu olulandelayo lubonisa.
1985: (Ngo-October) IZizwe Ezihlangene zigubha unyaka wama-40 wokuba khona kwazo futhi zimemezela u-1986 njengoNyaka Wokuthula Womhlaba Wonke.
(NgoNovember) Umhlangano Okhethekile wemibuso emikhulu ongowokuqala eminyakeni eyisithupha njengoba uGorbachev noReagan behlangana; uReagan ukhuluma “ngesiqalo esisha.”
1986: (NgoJanuary) UGorbachev ukhipha umthetho wokwenqatshelwa kwazo zonke izikhali zenuzi ngonyaka ka-2000.
(NgoSeptember) Isigungu Sokwakha Ukuzethemba Nokulondeka Kanye Nokuncishiswa Kwezikhali eYurophu (izizwe ezingama-35, kuhlanganise neUnited States, iCanada, iSoviet Union, nalo lonke elaseYurophu ngaphandle kwe-Albania) sisayina isivumelwano sokunciphisa ingozi yempi eyingozi.
(Ngo-October) Ingxoxo yokubonisana phakathi kukaReagan noGorbachev elceland iyehluleka, nakuba uGorbachev ethi bacishe benza “izinqumo ezinkulu ezaziyoqopha umlando.”
1987: (NgoJanuary) lnkambiso yeglasnost (ukungafihlelani lutho) yabonakala ikhomba enkathini entsha eSoviet Union.
(NgoMarch) Undunankulu waseBrithani uvakashela eMoscow okokuqala ngqa eminyakeni eyi-12.
(NgoDecember) UGorbachev noReagan basayina isivumelwano se-INF (Intermediate-range Nuclear Forces) ukuze siqede izikhali zenuzi ezingabhubhisi kakhulu.
1988: (NgoMarch) INicaragua namazwe amelene nobuKhomanisi asayina isivumelwano sokuyeka ukudubulana, eqalisa izingxoxo zokufinyelela ukulungiswa kwezinkinga okuhlala njalo.
(NgoApril) ISoviet Union imemezela ukuhoxiswa kwamabutho eAfghanistan ngoFebruary 1989; iEthiopia neSomalia avumelana ngokoqeda ukulwa.
(NgoMay) IVietnam imemezela ukuhoxisa amabutho ayizi-50 000 eKampuchea ngaphambi kokuphela kwalonyaka, amanye ayohoxiswa ngo-1990.
(NgoJune) UNdunankulu waseAustralia uBob Hawke ekhuluma ngomhlangano wokubonisana phakathi kukaGorbachev uoReagan eMoscow uthi: “Ngokokuqala ngqa kuyo yonke inkathi engemva kwempi, kunezimpawu zangempela zesidingo esiphuthumayo sezwe elizohlala ngokuthula okuthuthukayo.”
(NgoJuly) I-Iran imemezela ukwamukelwa kwesinqumo seUN sokuyekwa kokudubulana empini yeIran nelraq esithathe iminyaka eyisishiyagalombili.
(NgoAugust) IUnited States iyavuma ukukhokhela iUN imali ebiyigodlile, okuyisenzo ebese sithathwe abaseSoviet kakade, ngaleyondlela isiza ukuqeda impi engokwezimali neUN futhi iyinikeza amandla amasha.
(NgoSeptember) Amabutho abashokobezi aseMorocco nasePolisario amukela icebo leUN lokuqeda impi yeminyaka eyi-13 eNtshonalanga Sahara.
(Ngo-October) Amabutho eUN agcina ukuthula aklonyeliswa ngoMklomelo weNobel Wukuthula; iLibya neChad aqede ngokomthetho isimo sempi esithathe isikhathi eside sikhona.
(NgoDecember) EUN, uGorbachev umemezela ngokuncishiswa okukhulu kwenye ingxenye yamabutho aseSoviet phakathi neminyaka emibili kanye nokuhoxa kwamasosha kanye nezimoto zezempi eCzechoslovakia, eHungary, naseGerman Dcmocratic Republic; eNingizimu Afrika, eNamibia, futhi iCuba iyavuma ukusebenzisa isinqumo seUN ngoApril 1, 1989, inikeze iNamibia inkululeko yokuzimela futhi iqede impi esineminyaka engama-22; ukuhoxisa ingxenye yamabutho ayizi-50 000 aseCuba eAngola ngoNovember 1, amanye ayohoxiswa ngoJuly 1, 1991; iUnited States iyavuma ukukhuluma neNhlangano Yenkululeko yasePalestine ngemva kokuba uYasser Arafat eqinisekise ilungelo lokuba elakwaIsrayeli “lihlale ngokuthula nokulondeka.”
1989: (NgoJanuary) Izizwe eziyi-149 ezaziseMhlanganweni waseParis Wezikhali Zamakhemikhali zinquma ukuba kuthathwe isinyathelo esiphuthumayo sokuvinjelwa kokuthuthukiswa, ukukhiqizwa, ukugcinwa, kanye nokusetshenziswa kwezikhali zamakhemikhali.
(NgoFebruary) lCosta Rica, iHonduras, iEl Salvador, iNicaragua, neGuatemala asayina isivumelwano sokulondoloza ukuthula eMelika ePhakathi; iqembu labavukeli elikhulu kunawo wonke laseColombia, iFARC (Colombian Revolutionary Armed Forces), limemezela ukuyekwa kokudubulana, linikeza amathemba okuthi iminyaka engama-35 yempi yabashokobezi ingase iphele.
(NgoMarch) ONgqongqoshe bangaphandle abavela emazweni angama-35 baqalisa izingxoxo eVienna ngeCFE (Negotiations on Conventional Armed Forces in Europe), eklanyelwe ukunciphisa amabutho ezempi eYurophu.
(NgoApril) IVietnam imemezela ukuhoxiswa kwawo wonke amabutho ezempi eKampuchea ngoSeptember 30.
(NgoMay) IHungary iqala ukususa uthango olwakhiwe ngocingo olunameva emngceleni waseAustralia; emhlanganweni wokuqala wabaholi baseSoviet nabaseChina eminyakeni engaphezu kwengama-30, abaseSoviet bamemezela ukuncishiswa kwamabutho ezempi eAsia; abaseSoviet baqala ukuhoxisa ingxenye yamabutho nezikhali zempi eMpumalanga Yurophu.
(NgoJune) Ukukhipha kukaBush umthetho wokuba buncishiswe kakhulu amabutho, izinqola zempi, ombayimbayi, kanye nezindiza zempi, eYurophu ngo-1992 kuholela ukuba iphephandaba lithi: “Kungase kuwuvule ngempela umnyango wokuncishiswa okukhulu kwezikhali kusukela ekupheleni kweMpi Yezwe II.
(NgoAugust) Izizwe ezinhlanu zaseMelika ePhakathi zivumelana ngecebo lokuqeda imibango eNicaragua.
Nokho, naphezu kwalezinzuzo ezijabulisayo, amazwe amaningi asekude kakhulu nokujabulela ukuthula. Abantu basafa eNyakatho Ireland, eLebanon, eSudan, eSri Lanka, eAfghanistan, nasePhilippines—uma nje sibala ambalwa—ngenxa yempi. Nokho, nakuba abaningi benomuzwa wokulindela okungcono kakhulu kunangaphambili ngenxa yamathemba okuthula, akumelwe sikhohlwe ukuthi umgibeli wesibili wehhashi lesAmbulo, “ihashi elibomvu” lempi, usagabavula kuwo wonke umhlaba.—IsAmbulo 6:3, 4.