Ingabe Uhlala Ushiywa Isikhathi?
ABAFANA ababili babhala izimemo zomhlangano owawuzobanjelwa kubo ngoMgqibelo ngo–2:00 p.m. Ekhumbula ukuthi abangane babo ababili ngokuvamile babengasigcini isikhathi, omunye umfana wathi: “Kungani singavele sibhale u–1:00 ezimemweni zabo? Ngokunokwenzeka bazofika ngo–2:00, ngaso kanye isikhathi.” Futhi lokho yikho kanye okwenzeka!
Akuzona zonke izinkinga eziphathelene nokugcinwa kwesikhathi ezixazululwa kalula kanjalo. Eqinisweni, ukwehluleka ukugcina isikhathi kungadalela abafika sekwephuzile kanye nalabo abaphoqelelwa ukuba babalinde izinkinga ezingathi sína. Yiqiniso, akuwona wonke amasiko agcizelela kakhulu ukugcina isikhathi. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi uhlalaphi, ngokunokwenzeka kuyadingeka ukuba ukhathalele ukufika ngesikhathi ezintweni ezinjengezindiza, imihlangano, ezebhizinisi, ngisho nemikhosi yokuhlangana kobungane.
Ngakho uma ngaso sonke isikhathi ushiywa yisikhathi, yini engakusiza ukuba ufike ngesikhathi? Futhi uma ngaso sonke isikhathi kufanele ulinde abanye, yini engakusiza ukuba ubhekane ngokuphumelelayo nalokhu kushiyeka okuvamile kobuntu?
Ingabe uvame ukushiywa yisikhathi? Zama ukuthola imbangela kuqala. Ingabe uphazamiseka kalula? Ingabe unobunzima ekuhleleni izinto ofuna ukuzenza noma zomkhaya wakho? Amathonya anjalo abangela ukushiywa isikhathi anganqotshwa ngomzamo wokuzimisela. Ngokwesibonelo, bheka ukuthi imisebenzi yakho evamile ithatha isikhathi esingakanani futhi uhlele ngokwalesosikhathi, uvumela isikhathi esingaphezu kwesanele kunoma yini oyenzayo. Bheka isikhathi cishe mahora onke noma ngaphansi. Esikhundleni sokuzama ukufika ngesikhathi ezintweni ezibalulekile oya kuzo, yiba nomgomo wokufika ngaphambi kwesikhathi olindeleke ngaso. Nokho, ingabe inkinga yakho yokushiywa isikhathi inembangela ejule ngaphezu kwalokhu?
Izimbangela Ezingokwengqondo
Ngezinye izikhathi kunezisusa ezicashile ezibangela ukufika sekwephuzile—leso sokugwema imisebenzi engathandeki, ukubonisa ukubaluleka komuntu siqu, ukufuna ukuqapheleka, noma ukugwema isidingo sokulinda abanye.
UDkt. Dru Scott ukhulumela imbangela engabonakali ngokwengeziwe yokufika sekwephuzile: “Umthengisi ozilungiselela ukushiya ihhovisi lakhe ngesikhathi ukuze aye emhlanganweni obalulekile nomthengi uphindela emuva ukuze ‘ashaye ucingo kanye nje.’ Ummeli osendleleni yokuyogibela indiza uzizwa ephoqelekile ukuba aphuze ukuhamba ngokubhala ‘umbiko owodwa nje.’ Bathola ukuqabuleka okungeyikho kulolohlobo lokuhlehlisa ukwenza izinto. Kuvele kudale isidingo salokho kubhuduzela komzuzu wokugcina.
Yebo, ukubhuduzela komzuzu wokugcina—nakuba kungekuhle—kungase kufeze injongo yokunikeza ukuqabuleka okudingekile. Uma usola ukuthi usuye “waluthwa” yiloluhlobo lokubhuduzela, ungakunqoba kanjani? UDru Scott uyasikisela: “Ukuqabuleka kuyisidingo esiyisisekelo, sonke esinaso. Akubonisi ukuntula ukuvuthwa ukukufuna. Abantu abaphile kahle bayasiqaphela isidingo sakho. Bafunda indlela yokukunakekela kahle.”
Ngamanye amazwi, bheka ohlela ukukwenza kwamasonto onke. Ingabe uye wahlanganisa imisebenzi eqondile yokugcwalisa isidingo sakho siqu sokuqabuleka? Noma ingabe isimiso sakho siwuchungechunge lwemisebenzi ephindaphindwayo, eqeda umdlandla? Akekho umuntu oyilawula ngokuphelele imisebenzi yakhe, kodwa uma uqikelela ukuba inikeze ukuqabuleka lapho ungakwazi khona, ungase ukwazi ukuzibekezelela kalula ngokwengeziwe izici eziphindaphindekayo zokuphila ngaphandle kokunquma ukushiywa yisikhathi ukuze uthole lokho kuqabuleka.
“Kodwa Ngenza Kahle Kakhulu Ngaphansi Kokucindezeleka!”
Abanye abantu bathi uma belinda kuze kube umzuzu wokugcina, bazenza kangcono izinto. Futhi uma lokho kuyiqiniso ngempela endabeni yakho, kulungile. Kodwa thembeka kuwe ngokwakho. Ingabe ngempela wenza kahle kakhulu lapho ulinda kuze kube umzuzu wokugcina?
Encwadini yakhe iWorking Smart, uMichael LeBoeuf uyaphawula: “Bambalwa, uma bekhona kithi abake benze umsebenzi kangcono kakhulu ngaphansi kokucindezeleka, naphezu kwalokho esingathanda ukukukholelwa. . . . Okokuqala, uma uphoqelekile ukuba usebenze ngejubane elikhulu, wenyusa ukuba nokwenzeka kokwenza amaphutha. . . . Okwesibili . . . , kungase kuqhamuke okuthile okuphuthuma kakhulu futhi kukuphange leyomizuzu embalwa eyigugu obuyibekele ukwenza lowomsebenzi. . . . Okwesithathu, ake sithi konke kukuhambele kahle futhi wakwazi ukwenza okuningi ngesikhathi esincane, kumane kusho ukuthi uyazi ukuthi ungasebenza kanjani ngendlela ephumelelayo kodwa awukhethi ukwenza kanjalo ngaphandle kokuba ube ngaphansi kokucindezeleka. Uyazikhohlisa ngokwehluleka ukwenza lokho okwazi ukukwenza.”
Ingabe Uyakuzonda Ukulinda?
Mhlawumbe ufika ngesikhathi kodwa zikhathi zonke uphoqeleleka ukuba ulinde abanye abangafiki ngesikhathi. Ungasiza noma okungenani ubhekane kanjani namalungu omkhaya, abangane, noma abantu ojwayelene nabo okuwumkhuba wabo ukufika ngesikhathi?
Ungase ukwazi ukusiza abanomkhuba wokushiywa yisikhathi ngokubakhumbuza kusengaphambili ngalokho okuvunyelwene ngakho noma ngokukhuluma nabo ngobuqotho ngalenkinga. Kungase kube ukuthi abanye abashiywa yisikhathi, ngenxa yesizinda sabo noma ubuthakathaka bomuntu siqu, abasabeli osizweni futhi bayaqhubeka benzela abanye izinto zibe nzima ngokwehluleka ukushiywa yisikhathi. Uma izimo zakho zidinga ukuba uphile noma usebenze nabantu abanjalo, ungakwemukela ukushiywa kwabo yisikhathi njengeqiniso elingenakubalekelwa futhi wenze amasu okubhekana nakho ngokuphumelelayo.
Ngokwesibonelo, ungase usilindele isikhathi sokulinda futhi usilungiselele. Mhlawumbe ungahlela ukuba nihlangane endaweni lapho ukulinda kujabulisa khona, njengesitolo noma indawo yokudlela. Noma phatha umsebenzi othile noma ongakufunda ukuze lesosikhathi usisebenzise ngokunenzuzo lapho usalindile. Nquma isikhathi esingaphambi kwenizobonana ngaso ukuze ukushiywa kwabo isikhathi okungenzeka kungakubangeli ukuba uphuthelwe imigomo yakho ozibekele yona. Kwezinye izimo, ukwahlulela kwakho okuhle kungase kusho ukuthi ungabafaki abavame ukushiywa yisikhathi kohlela ukukwenza.
Klomela Umkhuba Wakho Omuhle
Uma unenkinga yokufika ngesikhathi, ungabuthetheleli lobuthakathaka noma ububekezelele ngokungabi nandaba, ulindele abanye ukuba bakulinde. Lokho kuyoba ukungacabangeli ukuphila nemizwa yabanye. Cabanga ngendaba kamakoti owafika sekwephuze ngamahora amathathu emshadweni wakhe. Ngenxa yalokho, umkhosi womshado kwadingeka ukuba ngokushesha uthuthelwe ekhaya lomuntu, kwaphumela ebunzimeni obukhulu kubantu abangaphezu kwama-200 ababekhona. Ngokuqinisekile, ukucabangela abanye kumelwe kusishukumisele ukuba sigcine isikhathi!
Akungabazeki ukuthi imizamo yakho yokugcina isikhathi iyophumela ekubeni ungafiki nje ngesikhathi kodwa ufike ngaphambi kwesikhathi ezikhathini ezinqunyiwe nakweminye imisebenzi eminingi. Lapho lokhu kwenzeka, ziklomele! UDkt. Scott uthi: “Isikhathi esitholakele sinjengemali etholakele. Musa ukusibekela eceleni ukuze wenze imisebenzi yakho yansuku zonke ngaso: Sisebenzisele kokuthile othanda ukukwenza. Cabanga ngazo zonke izinto obungathanda ukuzenza ukuba ubunemizuzu eyishumi ngaphezulu njalo ekuseni, noma isigamu sehora ebusuku, noma nje imizuzu embalwa nezikhashana ezithile phakathi nosuku. Yiba nokuthile ofuna ukukwenza osukucabangele kakade, ukuze ukwazi ukuzinika umklomelo ojabulisayo noma yinini lapho ufike ngaphambi kwesikhathi.”
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 30]
Izindlela Zokunqoba Ukulinda Kuze Kube Umzuzu Wokugcina
1. Hlukanisa imisebenzi emikhulu, ethatha isikhathi ibe imisetshenzana emincane engenzeka kalula.
2. Ukuze ufeze umsebenzi sukuma uwenze. Ngokwesibonelo, uma uvilapha ukufunda incwadi, yithathe eshalofini futhi uyibeke eduze kwesihlalo sakho sokufunda osithandayo.
3. Zibophe kothile. Tshela umngane noma ophethe ukuthi uzoqeda umsebenzi othile ngesikhathi esithile.
4. Zinike umklomelo njengoba uqeda isinyathelo ngasinye somsebenzi omkhulu.
5. Lapho uzithola uhlehlisa ukwenza into, vuma kuwe ngokwakho, ‘ngichitha isikhathi sami.’ Lesikhumbuzo ekugcineni singakuholela ekubeni ukwazi ukuzikhuza nokunquma ukuyeka ukuhlehlisa ukwenza izinto.
6. Cabangela inkokhelo yokulibala: Ingabe umsebenzi uzoncipha? Ingabe izindleko zizokwenyuka? Ake sithi uhlatshwa ukugula lapho umzuzu wokugcina ufika? Kuthiwani uma umsebenzi uthatha isikhathi eside kunaleso obusilindele? Kungenzeka yini kube khona uchungechunge lokuphazamiseka? Ingabe umsebenzi ozowenza ngomzuzu wokugcina uzoba mubi?—Kuthathwe kwethi “How to Get Control of Your Time and Your Life,” ka-Alan Lakein.
[Izithombe]
Ingabe uzwa isidingo sokwenza ‘into eyodwa nje eyengeziwe’ ngaphambi kokuba uyohlangana nothile?
Ingabe ngempela wenza kangcono kakhulu ngaphansi kokucindezeleka?
Sebenzisa isikhathi sokulinda ukuze uphumule noma ufeze enye into ofuna ukuyenza