“Kuqine Njengedwala LaseGibraltar”
Njengoba liqonsile emanzini afudumele, aluhlaza olwandle iMediterranean liphakeme ngamamitha angama-426, iDwala laseGibraltar ngokuqinisekile libonakala liqinile. Ngosuku olucwebile, uma eseningizimu yaseSpain nalapho eseMorocco amakhilomitha amaningi, ngaphesheya kweMediterranean, umuntu angase asibone kalula isiqongo esicijile saseGibraltar.
Umlando weGibraltar uhlehlela emuva kulezozinkathi ezinenkungu lapho amatilosi asendulo, ekholelwa ukuthi umhlaba uyisicaba, acabanga ukuthi ukuhamba eMswesweni waseGibraltar kwakuyowaholela onqenqemeni lwezwe nakwalasha wembubhiso. Futhi yayibhekwa njengenye yeziNsika zikaHercules, enye kuyiJebel Musa eseCeuta, ogwini lwaseAfrika ngaphesheya komsweswe. Inganekwane yayithi iqhawe elingumGreki uHercules waqhekeza izintaba.
Idolobha laseGibraltar likhona nje ngenxa yama-Arabu afika evela eNyakatho Afrika ngekhulu lesishiyagalombili leminyaka C.E. futhi kamuva athola lelidolobha ngo-1160. Igama elithi Gibraltar livela egameni lesiArabu elithi Djabal-Tarik, noma iNtaba kaTarik. UṬāriq ibn Ziyād wayengumholi ongumArabu owanqoba inkosi yokugcina yamaGoth ngo-711 C.E.
ISpain yanqoba iGibraltar ngo-1462, kwazothi ngo-1704 yayihlwithwa iBrithani. Kuze kube namuhla, isalokhu ingesinye sezikhungo zokugcina zempi zokwakuwuMbuso waseBrithani. Kodwa iDwala laseGibraltar liyaqhubeka liba isibonakaliso sokuthile okuqinile nokuhlala njalo.
Amabandla amabili (elesiNgisi neleSipanishi) oFakazi BakaJehova abayi-120 eGibraltar atshela abantu baseGibraltar ngesithembiso sokubusa koMbuso kaNkulunkulu, isithembiso esiqine ngisho nangaphezulu kuneDwala!—Thithu 1:1, 2; Heberu 6:17-19.