Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g89 6/8 k. 26
  • “Imbangela Yenhlekelele”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Imbangela Yenhlekelele”
  • I-Phaphama!—1989
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izibhamu—Indlela Yokufa
    I-Phaphama!—1990
  • Izibhamu—Indlela Yokuphila
    I-Phaphama!—1990
  • Izibhamu—Akuzona Ezamadoda Kuphela
    I-Phaphama!—1990
  • Abafana Ababili Abavuswa
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1989
g89 6/8 k. 26

“Imbangela Yenhlekelele”

NGAQALA ukusebenzisa izibhamu kusukela ngisewumfana, kodwa ngeke ngiphinde ngibe naso futhi. Sinepulazi elincane, futhi ngaba nomuzwa wokuthi ngangidinga isibhamu ukuze ngivimbele izilwane eziququda izitshalo. Ngolunye usuku mina nomkami sasisebenza ensimini, silungiselela ukutshala okuthile. Lalikhipha umkhovu etsheni ngalolosuku, ngakho sashiya amadodana ethu amabili endlini lapho kwakuphole khona. Sasiqhele nje ngamamitha angamakhulu ambalwa futhi saba nomuzwa wokuthi kwakungenakuba nankinga uma bezidlalela nje bobabili. Ngangikugandaganda lapho umfana omdala eza kimi egijima futhi wakhala: “Baba, sengathi ingane idubulekile!” Ngagijimela endlini futhi ngathola umkami esezitebhisini ezingemuva enikeza ingane iCPR (cardiopulmonary resuscitation [ukumenza aphefumule ngokucindezela isifuba]). Njengoba ngishaya inombolo yocingo ethi 911,nganxusa uJehova ukuba ayisize indodana yami iphile, kodwa uma kungenjalo asize ayikhumbule ovukweni. Yafela khona lapho ezandleni zikanina.

Yayineminyaka emibili nengxenye ubudala. Yayincane futhi imsulwa. Umbiko ongokomthetho wahlela lokhu kudubula njengengozi. Umfana omdala wathatha isibhamu ekamelweni lethu, wasifaka izinhlamvu, futhi wayedlala ngaso. Ukushona kwendodana yethu, ikakhulukazi ngalendlela, igalelo esingeke silikhohlwe kuyoze kube yilolosuku uJehova eyibuyisela kithi.

Ukushiya abafana bebodwa kwakuyiphutha, kodwa ukuba nesibhamu endlini kwakuyimbangela yalenhlekelele. Isibhamu simane nje siyithuluzi lokubulala. Ngeke ngikwazi ukuthethelela ukuba kwami naso.—Incwadi eyamukelwa ngoDecember wangonyaka odlule ivela komunye uFakazi waseArizona.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela