Isimo Sendawo Esiwohlokayo
‘Ngaphandle kokuba kwenziwe okuthile ngokushesha, singalindela ukwehla kwezomnotho kuyo yonke indawo nesiphithiphithi sezenhlalo.’
LOWO kwakungumbiko kaLester Brown, umongameli weWorldwatch Institute, iqembu elicwaninga ngezimo zendawo. Lamazwi akhe avela embikweni waminyaka yonke “wesimo somhlaba.”
Isimo sendawo yasemhlabeni, kusho uBrown, siyaqhubeka siwohloka. Ngaphandle kokuba izinsongo zokuncipha kweozone (umoya ohlanzekile) isomiso, ukuphela kwamahlathi, ukuguguleka komhlabathi, nokwanda kwabantu kulawulwe, “ukwehla kwezomnotho kungase kungagwemeki.” Waphawula ukuthi umkhiqizo wokudla emhlabeni uye wehla ngamaphesenti ayi-14 kumuntu ngamunye kusukela ngo-1984 nokuthi ukolweni okhona uye wehlela ezingeni eliphansi kakhulu lokukhiqizwa kwawo eminyakeni eyi-15.
UBrown futhi wathi: “Asinaso isikhathi. . . . Kumelwe sikwenze phakathi neminyaka yawo-1990. Ngalé kwalokho kuyobe sekwephuze kakhulu. . . . Okuyosivusa kabuhlungu kuyoba ukuba nesinye isivuno esihlangene nesomiso. Khona-ke siyozithola singenawo ukolweni wokuwuthumela emazweni angaphandle, nokuphindaphindeka kabili noma kathathu kwezindleko zikakolweni. Ukuphazamiseka kwezomnotho kuyokwenza ukuntuleka kukawoyela kubonakale kungelutho.” Futhi wathi: “Kakade sekwephuze kakhulu ngamanye amazwe aseAfrika. Ayikho indlela yokukushintsha kuwo . . . Cishe kuzolandela iLatin America.”
Izinguquko ezinjalo zivumelana neziprofetho zeBhayibheli ezikhuluma ngendlala, izifo, izimpi, nokufa, nabantu “ababhubhisa umhlaba” esikhathini sethu. UJesu wabikezela ukuthi lokhu kwakuyofinyelela umvuthwandaba ‘osizini olukhulu olungazange lube khona kwasekuqaleni kwezwe.’ Lokho kuyosho ukuphela kwalesimiso sezinto samanje, kucabe indlela yezwe elisha elenziwe uNkulunkulu.—IsAmbulo 6:1-8; 11:18; Mathewu 24:21; 2 Petru 3:10-13.