Ithemba Elingeke Nanini Lidunyazwe
“ZETHEMBE wena kuphela, futhi omunye ngeke akudumaze.” Nakuba lenkulumo esikisela ukuzethemba yakhulunywa eminyakeni engama-250 edlule, abaningi namuhla basaveza imizwelo efanayo. Umphakathi ugcwele umoya wokungathembani.
ULeo, ohlela ukushada okwesibili, ugcizelela ukuthi ngaphambi komshado, ingoduso yakhe isayine isivumelwano esibonisa izinzuzo zesondlo azosikhipha uma kwenzeka behlukana esikhathini esizayo. Umshado awusacatshangelwa njengokuthembana.
ULarry, njengayo yonke intsha engasebenzi, uyakhononda: “Uma umphakathi wazi ukuthi ungakuthatha, ukufake emgodini omncane futhi ukushiye khona, wenza lokho.” Akasawethembi umphakathi uwonke.
Ngemva kwesenzo esiyihlazo samuva nje esihilela umvangeli ovelele wakuthelevishini, uJuanita, owayenikela ngezimali ngaphambili, wakhala: “Konke lokho, kuyinkohliso.” Ngisho nabaholi benkolo abathembeki ngaso sonke isikhathi.
Ngokuhlakanipha, iBhayibheli lixwayisa ngobuwula bokuthembela ebantwini nasezinhlanganweni zabantu. Umhubi uyabhala: “Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu.” Nokho, ihubo elifanayo, liseluleka ukuba sithembele kothile, ongeke adumaze ithemba, uNkulunkulu umninimandla onke.—iHubo 146:3, 5.
Yiqiniso, abaholi bezwe, ngisho nezizwe zonke, ngokuvamile bazisholo ukuthi bathembela kuNkulunkulu. Eqinisweni, imali eningi engamaphepha newuhlweza yaseUnited States eminyakeni eyikhulu edlule yayinalesisiga: “SITHEMBELA KUNKULUNKULU.” Kodwa umlando ubonisa ukuthi kunokuthembela kuNkulunkulu, isintu ngokuvamile siye sabeka ithemba laso kwezomnotho, kwezempi, nasemandleni ezombangazwe.
Ingabe bangatholakala abantu abathembela ngempela kuNkulunkulu namuhla? Ingabe kuyabazuzisa ukwenza kanjalo? Kubazuzisa kanjani?
Phakathi nehlobo lika-1987, emadolobheni angamakhulu kuyo yonke ingxenye yasenyakatho, izigidi ziye zahlangana ukuze ziqinise kabusha ukuthembela kwazo kuNkulunkulu. Isihloko semihlangano yazo, ehlelwe oFakazi BakaJehova, sasithi: “Ukuthembela kuJehova.” Njengoba iphephandaba laseNorwich, eNgilandi, laphawula, isihloko somhlangano salonyaka sabonisa isimo esivamile sokungazihlanganisi nezwe. Kodwa esikhundleni sokuba bakhale ngokwehluleka kwezinhlangano zabantu, oFakazi bahlangana ukuze bacabangele izindlela abangaqinisa ngazo ukuthembela kwabo kuJehova nokubukeza izinzuzo ezilethwa yinkambo enjalo.
Yini eyasondeza labantu ndawonye? Ukuthembela kwabo kuNkulunkulu naseZwini lakhe, iBhayibheli. Isihloko esithile sephephandaba laseGranada, eSpain, sachaza isisusa sabo sokubakhona emhlanganweni: “Yonke imikhaya yaya eGranada, abantwana abasebancane, abazali nogogo nomkhulu, ukuze ilalele iZwi likaJehova, ngoba yilokho kanye iBhayibheli eliluleka ngakho. Lokhu kusiza ekuhlanganiseni imikhaya nasekuqiniseni izibopho zobungane.”
Ukuthembela KuNkulunkulu Okwaboniswa Ababekhona
Ngabaningi, ukuba nje semhlanganweni kwakuwubufakazi bokuncika kwabo kuJehova. Lokhu kwakuyiqiniso endabeni kaSimone Grijmonprez, owayesemhlanganweni waseKortrijk, eBelgium, usuku ngalunye naphezu kwesifo esingathi sina esasidinga ukuba afake umshini womoya wokuphefumula amahora ayisithupha nsuku zonke.
Owayekhona emhlanganweni wase-El Ferrol, eSpain, kwakunguRoberto Gonzalez okhubazeke kokubili izandla nemilenze futhi oyisikhonzi sesikhathi esigcwele. Naphezu kokuba ehlala esihlalweni sabakhubazekile futhi kumelwe ukuba alale embhedeni izinyanga ezimbili noma ezintathu minyaka yonke, usebenza isilinganiso samahora angama-90 inyanga ngayinye eshumayela emgwaqweni kubangane nakomakhelwane ngokubaluleka kokuthembela kuNkulunkulu. Angakhuluma ngokuhlangenwe nakho ngoba ngokuqondile kwakuwukuthembela kwakhe kuJehova okwamenza wakwazi ukunqoba ukuluthwa kwakhe yimilaliso, umkhuba owamshiya enerekhodi lamaphoyisa lokuboshwa kasikhombisa nokufa kwezitho zomzimba okungalapheki eneminyaka eyi-18 yobudala. Kakade usesize abangane bakhe bakuqala abayisikhombisa ukuba bathembele kuNkulunkulu kunasemilalisweni ukuze benze ukuphila kube okunenzuzo.
Abanye kwakumelwe ukuba bazidele ngokwezimali ukuze babe khona. Lokhu kwaba yiqiniso ngoFakazi abaningi baseziqhingini eziningana zaseAzores okwakufanele ukuba baye kwesinye isiqhingi ukuze babe khona emhlanganweni waseAngra do Heroismo. Omunye umkhaya wabayisihlanu wasebenza izinyanga eziningi ukhuluphalisa izinkomo ezimbili owazithengisa ukuze uthole imali yokuhamba.
Ukuthembela KuNkulunkulu Kusho Ukuthembela Ezindinganisweni Zakhe
“Themba kuJehova, wenze okulungileyo,” kusho umhubi uDavide. (iHubo 37:3) Ngakho-ke, oFakazi bakholelwa ukuthi, ukuthembela okuqotho kuNkulunkulu kumelwe kubonakaliswe ngokuziphatha okuhle. Ngakho, ukukhonza uNkulunkulu othembekile kuye kwabashukumisela ukuba babe abantu abathembekile. Lokhu kungokuthile izingqapheli eziningi eziye zakuqaphela.
Emhlanganweni owawuseLe Havre eFrance, unjiniyela wezingcingo wayefaka izintambo zocingo ezindaweni zalenkundla futhi wabonisa ukukhathazeka ngokushiya amathuluzi akhe engabhekiwe. Isiphathimandla sedolobha samqinisekisa: “Akumelwe ukhathazeke ngalokho koFakazi. Okubi kakhulu okungenzeka ukuthi wena uthole kunamathuluzi amaningi kamuva kunalawo obunawo ngaphambili.
Komunye wemihlangano eSweden, umnikazi wehhotela washiya zonke izihluthulelo zehhotela koFakazi ababelungiselela umhlangano. Wabavumela ukuba basebenzise ihhotela kungekho nesisodwa sezisebenzi zakhe. Umninihhotela wathi: “Asikaze sikwenze lokhu ngaphambili, kodwa siyanethemba.” Ngemva komhlangano, wabonisa ukwaneliseka kwakhe ngendlela oFakazi abaye banakekela ngayo amagceke.
Ukwaziswa Okwaboniswa Ngokuziphatha KoFakazi
Ukuthembela kuNkulunkulu futhi kushukumisela abantu ukuba basebenzise izindinganiso zakhe zokuhlanzeka nokuhleleka. Kubashukumisela ukuba banikele izinkonzo zabo njengezisebenzi zokuzithandela futhi kubasiza ukuba basebenze ndawonye ngokuzwana. Lesici salemihlangano ngokuqinisekile asizange singaqashelwa.
Umphathi-dolobha waseTerni, eItaly, wathumela incwadi elandelayo yocingo ezihambelini zomhlangano ezazihlangene kulelodolobha: “Ngithanda ukudlulisela imizwelo yokunihlonipha nokunazisa yalo lonke idolobha ngomqondo ophakeme wokuzihlonipha oboniswe ekusetshenzisweni nasekulungiseleleni izindawo enizinikeziwe. Imikhonzo efudumele kulabo abanengxenye kulomhlangano.”
Imfolomane yeIce Hall laseMikkeli, eFinland, iphawula umoya woFakazi abazinikela ngokuzithandela ukuba balungiselele imihlangano, yababaza: “Angitholanga lutho olubi lapha, okuhle kuphela! Umoya wezisebenzi zokuzithandela muhle. Kuyinjabulo ukubona abantu abajabulayo abawujabulelayo umsebenzi wabo.”
Umshayeli webhasi owayesemhlanganweni owawuseNancy, eFrance, waphawula: “Ngangingajwayelene noFakazi BakaJehova, kodwa sengibazi kangcono manje. Esikhathini esidlule ngangivame ukuzwa kukhulunywa kabi ngabo. Kodwa manje ngibona izinto ngamanye amehlo. Kunzima ngami ukuchaza umuzwa ojulile wenhlalakahle olapha. Akekho ochilizayo, akekho ocasukayo, futhi konke kuhamba kuhle kwewashi.”
EPergusa, eItaly, iphephandaba lasakaza incwadi eyayibhalwe yiqembu lezakhamuzi zendawo zibonga oFakazi ngokuziphatha kwabo okuhle, ikakhulukazi inhlanzeko yabo, nendlela abanakekela ngayo izindawo zenkundla. “Wonke umuntu kufanele aziphathe njengoba beziphethe,” kusho lencwadi, “kodwa ngeshwa izinto zihlukile lapho kuba khona ezinye izinhlobo zemibuthano lapha.”
Izinkulumo eziningana kulemihlangano zagcizelela isidingo sokulingisa izimfanelo zaphezulu. OFakazi BakaJehova balwela ukwenza lokho kanye. Abanye bakhuthazwe kakhulu intuthuko abasebeyenzile kakade kuleliphuzu.
Umcosheli wezindaba, ositolo sakhe siseduze nendawo yomhlangano e-Edinburgh, eScotland, wathi: “Ngaso sonke isikhathi ngijabula kakhulu uma oFakazi beza eMurrayfield! Banesizotha futhi bathobekile lapho beza esitolo—akukho ukuchilizana, akukho ukukhononda, abukho ububhudubhudu bokufuna ukuthengiselwa. Kuyinjabulo ukuba nabo lapha, futhi ngibheke phambili ekubaboneni minyaka yonke.”
Intatheli yaseBelgium yathi: “Asikaze sikubone ndawo okunje.” Enye indoda edayisa amaphephandaba yathi: “Osukwini lwethu, kungokungenakucatshangwa, ngokombono womuntu kuphela ukuthi imibuthano emikhulu kanjalo ingahlelwa ngomoya wobuzalwane onje.”
UTomas Bresky, umhlaziyi wezindaba zethelevishini waseSweden, wayekhona emhlanganweni owawuseLulea, eSweden. Wafingqa okwamhlaba umxhwele ngalendlela: “Uba nomuzwa wokwesasa . . . ngemva kokuba usuye wahlangana nalabantu phakathi nezinsuku ezimbalwa. Baqinile okholweni lwabo, abanikezeli, baqinile ekuthembeleni kwabo eBhayibhelini. Ubani ongeke akhangwe yinhlangano esebenzayo? Lapho bephakela izi-10 000 ngokudla, kubonakala sengathi kumane nje kuyindaba yokwaba izinkwa ezimbalwa nezinhlanzi. Ubani ongeke athande ukuba nabantwana abathule kanjalo nabanesineke? Lapha uthola ukuqeqeshwa kwangempela nokuhleleka.”
Ababhapathizwa Babonisa Ukuthembela KuJehova.
Kuyo yonke imihlangano, izihambeli zalungiselelwa ithuba lokuba zibonakalise ukuzinikezela kwazo ngobhapathizo lwasemanzini. Inkulumo eyandulela lomcimbi yakhanyisa ukuthi isinqumo esinjalo sasibonisa ukuthembela. kuJehova. Abaningi abaziletha ngokwabo ukuba babhapathizwe kakade base bezitholile izinzuzo zokuthembela. okunjalo.
Emhlanganweni waseNavan, eIreland, kwabhapathizwa uNoel Donaghue. Esikhathini esingeside ngaphambili, wayeswele, ehlala endlini eyinxiwa yaseLiverpool, eNgilandi futhi engazinakekeli ngendlela efanele ngenxa yokucindezeleka nomuzwa ojulile wokuphelelwa yithemba ngezimo ezisezweni. Impilo yakhe yawohloka, futhi wacabangela ukuzibulala. Ekugcineni, ngoFebruary 1984 kwadingeka ukuba imilenze yakhe inqunywe ngenxa yokushiswa yisithwathwa.
Kamuva ngalowonyaka wabuyela kubo eIreland futhi wabonana noFakazi. Ngokushesha wayebakhona emihlanganweni, futhi ukuphelelwa kwakhe yithemba kwathathelwa indawo ithemba elingokoqobo ngekusasa. Wathi: “Ingxenye yokuqala yalowonyaka yayishaqisa, kodwa ingxenye yesibili yayimangalisa.” Manje unombono wethemba, oboniswe impendulo yakhe lapho ebuzwa ukuthi uphumelela kanjani ukuba ashumayele endlini ngendlu nemilenze yakhe yokufakelwa. Waphendula wathi: “Nokho, okungenani angikhathazwa yizinyawo ezibandayo ebusika!” Wabhapathizwa emhlanganweni waseNavan.
Phakathi kwababezobhapathizwa kwakunabagugile nabo ababefunde ukuthembela kuNkulunkulu. Emhlanganweni wesigodi owawuseNkundleni yaseColombes eduze naseParis, kwabhapathizwa uClaudine Adolphe, owesifazane oneminyaka engama-91. Indodakazi yakhe yaba uFakazi eminyakeni ethile ngaphambili, noClaudine, naphezu kokuba esegugile, waqala ukuqaphela ukholo nendlela yokuphila. yoFakazi BakaJehova. Njengoba wayeshonelwe amalungu amaningana omkhaya wakhe, waduduzwa kakhulu yithemba leBhayibheli lovuko achazelwa ngalo. Waqala ukutadisha iBhayibheli futhi waqala ukwazi uJehova nokuthembela kuye, uNkulunkulu othembisa ukubuyisela abafileyo ekuphileni.
UJosé Benito, owabhapathizwa e-El Ferrol, eSpain, naye angafakazela inzuzo yokuthembela kuJehova. Eminyakeni emine wayeye walwa ukuze anqobe ukuluthwa kwakhe yimilaliso kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya. Khona-ke waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, futhi ulwazi oluqondile lweZwi likaNkulunkulu, kanye namandla anikezwa uNkulunkulu, kwamsiza ukuba agqashule kulomkhuba. Ngaso sonke isikhathi wayeye waba nokwazisa okuthile ngezindaba ezingokomoya, futhi lapho esengaphansi kwethonya lemilaliso, wayevame ukushumayela imfundiso yakhe ekhethekile ezinkantini nasemajikeni omgwaqo mayelana noJesu nesidingo sokuthula. Abantu basedolobheni lakubo bamqamba igama lokumbhinqa elithi “umphostoli.” Manje uselethe ukuphila kwakhe ekuvumelaneni nezimfuneko zikaNkulunkulu futhi usefunde ukushumayela ngendlela ehloniphekile, nenengqondo.
Ukwazisa Ngesimiso Somhlangano Nokukhishiwe
OFakazi ababesemhlanganweni bevela emazweni amaningi, bahlatshwa umxhwele isimiso esifundisayo nobungane ababujabulela. Umshumayeli wesikhathi esigcwele, owakhonza iminyaka engama-43 njengendelakazi engumKatolika, waphawula: “Ubunye bomhlaba wonke obuhle ngokukhethekile obuqhubeka njalo bungimangaza. Kukangaki ngizitshela ukuthi: ‘UJehova kuphela ongaba uMhleli wezenzakalo ezinjalo, eziyingqayizivele ezweni eliya ngokwanda lihlukana kuzo zonke izici zokuphila!’”
Ubaba wezingane ezintathu waseStoke on Trent, eNgilandi, wabhala: “Kwakubonakala sengathi inkulumo ngayinye inephuzu eliqondene nathi ngokukhethekile. Ubusuku ngabunye lapho sifika ekhaya, sasibonga uJehova ngokusenzela ilungiselelo elinjalo.”
Emihlanganweni yolimi lweSpanish, izilaleli zajabulela ukwamukela incwadi ethi Aid to Bible Understanding ngeSpanish. Omunye umzalwane waseGranada, eSpain, wathola lencwadi futhi wayevula amakhasi ayo lapho elindile esiteshini sikagesi ngaphesheya kwezinkundla zomhlangano. Omunye wezisebenzi wabona isihloko salencwadi futhi wathi: “Yikho kanye okudingekayo, okusiza abantu baqonde iBhayibheli. Mina ngokuqinisekile angiliqondi.” Umzalwane wathembisa ukumsiza, futhi isifundo seBhayibheli saqaliswa nalendoda ngesonto elingemva komhlangano.
Ngaphezu kwakho konke, isimiso somhlangano sasigcizelela isidingo sokuthembela kuNkulunkulu naseMbusweni wakhe kunokuthembela ezinhlanganweni zabantu. EItaly, intatheli yezindaba zethelevishini yasiqaphela lesici esiyingqayizivele sokholo loFakazi BakaJehova. Yachaza kuthelevishini yokusakaza ezweni lonke: “Bakholelwa ngokuqinile kulesigijimi . . . sokubuya okunqobayo kukaKristu, ngokuqinisekile esiqukethwe yimibhalo yeTestamente Elisha. Ngingathi lezihloko ziye zagudlulelwa nganxanye hhayi kuphela yiSonto lwamaKatolika kodwa yizo zonke izinkolo eziholayo zobuKristu. Ziye zazisusa kulokho okwakungumnyombo wokholo lwakuqala lwamaKristu, futhi lezi zinhlangano [oFakazi] ziphinde zazithola. Ngalomqondo kuwukuzola kabusha okuqinisile, ukuthola kabusha okulungile.”
‘Lokuthola kabusha’ kwezimfundiso ezibalulekile zobuKristu kuye kwenza oFakazi ukuba bakwazi ukubuyisela ukungaqiniseki ngokholo, ukuphelelwa yithemba ngethemba, nokungathembani ngokuthembana. Bayazi ukuthi uNkulunkulu ngeke nanini adumaze ithemba labo kuye. Lona kanye loluchungechunge lwemihlangano lubonise ukuthi kunenzuzo ukuthembela kuNkulunkulu nokuphila ngokuvumelana naleyonkolelo. Ekuphetheni kwesimiso, izihambeli zaphindela emakhaya azo zizimisele kakhulu kunangaphambili ‘ukuthembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yazo.’—IzAga 3:5.
[Ishadi ekhasini 28]
IMIBIKO YEMIHLANGANO YANGO 1987 ESATHOLAKELE
Inani Inani Inani
Lemihlangano Eliphakeme Lababhapathizwa
Izwe Lababekhona
lAustria 5 24 686 360
IBelgium 7 31 121 319
IBrithani 15 155 743 1 212
IDenmark 5 23 029 200
Ifinland 6 26 144 284
IFrance 19 138 683 2 705
IJalimane 24 159 361 1 455
IGreece 5 28 811 418
I-Ireland 2 4 326 61
l-Italy 34 221 227 5 496
ILuxembourg 1 1 458 8
IMalta 1 674 13
INetherlands 9 43 510 231
INorway 4 12 703 218
IPortugal 12 55 057 1 102
ISpain 15 105 591 2 394
ISweden 10 30 099 312
ISwitzerland 5 19 459 261
Amazwe aseYurophu ayi-18
179 1 081 682 17 049
Amanye Amazwe angama-23
233 1 866 875 23 270
INGQIKITHI YAMAZWE
ANGAMA-41 412 2 948 557 40 319
[Isithombe ekhasini 25]
IDrama kaRahabi
[Isithombe ekhasini 25]
URoberto Gonzalez, eSpain
[Izithombe ekhasini 26]
Ngenhla: UClaudine adolphe eFrance
Phakathi: ICrystal Place national Sports Centre, eNgilandi
Ubhapathizo Olubonisa ukuzinikezela