Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g87 5/8 k. 30
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—1987
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • U-1986—Unyaka Wokuthula?
  • OFakazi Bakhululwe
  • Ukubhema Kuyabulala
  • Abanikela Ngezitho Bephila?
  • Ukuvimbela Inzalo EChina
  • Ziphephe Kangakanani Izindiza?
    I-Phaphama!—1999
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1991
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1994
  • Isidingo Sokuthula Nokulondeka
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1987
g87 5/8 k. 30

Ukubuka Okwezwe

U-1986—Unyaka Wokuthula?

Unyaka odlule wamenyezelwa yinhlangano yeZizwe Ezihlangene njengoNyaka Wokuthula Wezizwe Zonke. Nokho, ngo-1986 kwakunokulwa ngezikhali emhlabeni wonke okuningi kunanoma yisiphi isikhathi kusukela ngeMpi Yezwe 11 Lesiphetho safinyelelwa yiqembu laseyunivesithi eHamburg eliye lagcina umbhalo wezimpi zangemva kuka-1945 nezimbangela zazo. Ngokwephephandaba laseJalimane iZeitung, abacwaningi babala izimpi ezingama-37 phakathi no-1986—ezinye zazo ebezilokhu zidlangile iminyaka engama-20.

OFakazi Bakhululwe

Noma ubani ongaveza ubufakazi “bobulungu bangempela nobuqinisekile enhlanganweni yenkolo yoFakazi BakaJehova” uyokhululwa enkonzweni yezempi. Lesi isinqumo esakhishwa yiFederal Administration Tribunal of Berlin, kusho iphephandaba laseJalimane iTagesspiege. Ngokombono wabahluleli, ukuvuma imfundiso engokwenkolo yoFakazi manje kuyokwamukelwa njengobufakazi obuqinile bokwenqaba inkonzo yezempi ngenxa kanembeza.

Ukubhema Kuyabulala

Ugwayi ubulala okungenani abantu abayizinkulungwane eziyikhulu unyaka ngamunye eUnited Kingdom, kusho iNhlangano Yezokwelapha Yomphakathi embikweni wayo iCharter for Action. Izibalo futhi zembula ukuthi amaphesenti angama-90 akho konke ukufa okubangelwa umdlavuza wamaphaphu eBrithani, kanye nengxenye yesithathu yokufa okubangelwa yizo zonke ezinye izinhlobo zomdlavuza, kungashiwo ukuthi kubangelwa umkhuba wokubhema. Umthetho omusha uhloselwe ukuvimbela abantu abasha ukuba bangabi ngamaxhwele amaphakethe kagwayi athengiswayo. EBrithani, ukuthengiswa kwemikhiqizo kagwayi kulabo abangaphansi kwe-16 kufinyelela ezigidini ezinguR281 ngonyaka.

Abanikela Ngezitho Bephila?

Inani elandayo lodokotela liyakungabaza ukuthi abalimale ezingozini “okuthi odokotela abahlinzayo basuse izitho zabo ngemva kokuba kuthiwe bafile kodwa izinhliziyo zabo zisashaya” basuke befe ngempela, kubika iThe Sunday Times yaseLondon. Abezokwelapha abagxeka ukunikela ngesitho “inhliziyo isashaya” bathi ukuhlola okusetshenziswa ekunqumeni noma umuntu ufile ezimweni ezinjalo “kunamaphutha kakhulu.” Ngani? Ngoba, ngokombiko, isidumbu okukhishwa kuso isitho ngokuvamile siyanyakaza lapho udokotela ohlinzayo enza ukusika kokuqala. “Imilenze iyaphakama ngendlela yokuzivikela, kuthi izinyama zesingezansi zigoqane ziqine, zivimbela ukuhlinzwa. . . . Umfutho wegazi wonikelayo kanye nezinga lokushaya kwenhliziyo kungase kuphakame lapho kuqala ukuhlinza . . . , okuyizimpawu ekuhlinzeni okuvamile ezibonisa . . . ukuthi isiguli sizwa ubuhlungu,” kuphawula i Times. Eveza ukukhathazeka kwakhe ngalendaba, omunye umahluleli waphawula: “Kimina kubonakala kunomehluko osobala phakathi kwalokho okuthiwa ukufa kwengqondo kanye nokufa komzimba.. . . Iqiniso lendaba liwukuthi uma befuna izitho zakho . . . basusa ezinye zezitho ungakafi ngengqondo wena nami esingakuqonda ngayo.”

Ukuvimbela Inzalo EChina

Sekuyishumi leminyaka elaseChina lathatha izinyathelo ezinzima zokunciphisa ukuzala ezweni. Ngokwephephandaba IesiFulentshi iLe Figaro, umthetho wokuba nomntwana oyedwa “wanele kodwa unesici esithile esisatshwayo. . . . Ngokwesiko, imikhaya yamaShayina kumelwe ibe nomfana. Ngakhoke ngokuvamile abantwana abangamantombazane abamukelwa neze kahle, ngoba ababili abashadile bakuthola kunzima ukwamukela indlalifa yesifazane okuwukuphela kwayo.” Emazweni amaningi, ukuhlola ukuzala okuyi-1 000 kuyobonisa cishe inani elifanayo labantwana besilisa nabesifazane. Nokho, eChina, “ekuzaleni okuyi-1 000 okubhaliswayo [ukubhaliswa kwenziwa emasontweni amane ngemva kokuzala], kunabafana abangama-660 emantombazaneni angama-340.” Yini ebangela umehluko ongaka phakathi kwalamanani amabili? iLe Figaro iyaphawula: “Kubonakala kuyinto eqinisekile ukuthi izigidi zabantwana bamantombazane ziyabulawa unyaka ngamunye.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela