Iqhawe Elingenasibindi”
Uchoko isifo esidabukisayo esingena mhlawumbe abantu abangaba yizigidi eziyi-15, ikakhulukazi eAfrika, eNdiya, eBurma, eThailand, nasezingxenyeni zaseNingizimu Melika. Manje iarmadillo ehlukaniswe izingxenye eziyisishiyagalombili kuthiwa “iqhawe elingenasibindi” ekulweni komuntu nalesifo.
Kodwa lesilwane esincane esincelisayo esingamasentimitha angama-61 ubude, isisindo esingamakhilogremu angu-6,8 nesinegobolondo eliqinile, elisamathambo, sibhekana kanjani nalempi?
Nokho, kuye kwatholakala ukuthi okuwukuphela kwezilwane eziphumelelayo ochokweni lomuntu amagundane namaarmadillo. Ngakho izazi zesayensi zisebenzisa iarmadillo ekwenzeni umuthi wokuqala wokugomela uchoko, njengoba amagundane enikeza isilinganiso esincane kakhulu esingasetshenziswa. Iarmadillo eyodwa inikeza isilinganiso somuthi wokugoma esingama-750. Manje, eUnited States naseBrithani kuye kwenziwa amapulazi akhethekile okondla izilwane ezincelisayo ezivikelayo.