HLALANI NILINDILE!
Buyoke Buphele Yini Ubugebengu Nodlame Okubangelwa Yinzondo—Lithini IBhayibheli?
Sezandile izigameko zabantu abanodlame kwabanye ngenxa yokubazonda. Abantu bahlaselwa ngenxa yohlanga lwabo, inkolo, ubuzwe, ubulili noma ezinye izizathu. Lolu dlame lwenza umphakathi wesabe futhi uhlukumezeke emzimbeni nangokomzwelo—abanye baze balahlekelwe nayizimpilo zabo.
IBhayibheli lasho kudala ukuthi esikhathini esiphila kuso abantu babeyoba “abanolaka, abangenalo uthando lokuhle,” futhi babengeke babenalo “uthando.” (2 Thimothewu 3:1-5) Abantu bayoke bayeke yini ukuba nodlame ngenxa yenzondo? Lithini iBhayibheli?
Indlela ubugebengu nodlame okubangelwa yinzondo okuyophela ngayo
IBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu angakwazi ukuluqeda unya olukubantu futhi uzoluqeda.
“Abantu ababi bazobhujiswa . . . kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, bayothola injabulo enkulu ngenxa yokuthula okuchichimayo.” (IHubo 37:9-11) UNkulunkulu ngeke abayeke abantu abanodlame ukuba baqhubeke belimaza abanye.
“[UNkulunkulu] uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.” (IsAmbulo 21:4) UNkulunkulu uyoqeda noma yimiphi imiphumela yokuhlukumezeka ekubantu engokomzimba, engokwengqondo nengokomzwelo.
“Kuyoba khona uvuko.” (IzEnzo 24:15) UNkulunkulu uyovusa izigidi zabantu ziphinde ziphile, okuhlanganisa nalabo ababulawa ngenxa yenzondo.
Ongakwenza njengoba kunenzondo emhlabeni
IBhayibheli aligcini nje ngokusinikeza ithemba kodwa liphinde lisisize sibhekane nenzondo egcwele emhlabeni namuhla. Sikucela ukuba uzitholele izimpendulo eziseBhayibhelini zale mibuzo ebalulekile:
Yini esingayenza ukuze sinqobe inzondo eholela ekutheni kube nodlame? Hlola okufundiswa yiBhayibheli kumagazini INqabayokulinda onesihloko esithi “Ukunqoba Ukuzondana Okungapheli.”
Kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka okungaka ukuba kuqhubeke kukhona? Thola incazelo ecacile nesekelwe eBhayibhelini kule vidiyo ethi Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?