INDLELA IMINIKELO YENU ESETSHENZISWA NGAYO
Ukwenza Izinto Ngendlela Ezozuzisa Abafowethu noMhlaba Wethu
EPHRELI 1, 2025
NjengoFakazi BakaJehova siyazi ukuthi uJehova uNkulunkulu maduze uzongenela ukuze alungise umonakalo owenziwe abantu emhlabeni wethu. (IsAmbulo 11:18) Noma kunjalo, nathi senza konke esingakwenza ukuze siwunakekele umhlaba. Ngokwesibonelo, izakhiwo zethu zokukhulekela uJehova sizakhe ngendlela yokuba zingayilimazi imvelo.
I-Green solution, iyizinhlelo zokwakha ezinomgomo wokunciphisa ukulimala kwemvelo. Yiziphi izinhlelo ezinciphisa ukulimala kwemvelo esizenzile? Futhi zisisize kanjani ukuba sisebenzise iminikelo ngokuhlakanipha?
Indlela Yokugcina IHholo LoMhlangano Lipholile
Lapho lakhiwa okokuqala iHholo loMhlangano laseMatola eMozambique, lalakhiwe ngophahla lothayela bese liyavuleka emaceleni. Lolu hlobo lophahla lwalenza kushise kakhulu ngaphakathi ehholo. Umfowethu wasendaweni uthi: “Lokhu kushisa kwakusenza sijuluke! Njalo lapho kuphela isimiso, abafowethu babejaha ukuphumela ngaphandle ukuze bathole umoya opholile.” Yini esasingayenza ukuze senze ihholo lomhlangano libe yindawo ekahle abafowethu nodadewethu ababengafundela kuyo ngaphandle kokukhathazwa ukushisa?
Sanquma ukuxazulula le nkinga ngendlela eyayingeke ilimaze imvelo: safaka amafeni asebenza ngomoya ne-insulation. I-insulation isiza ukunciphisa ukushisa okuvela elangeni kungabi namandla kakhulu bese kuthi amafeni alokhu efaka umoya opholile. La mafeni awasebenzi ngogesi kodwa asebenzisa umoya nendlela engokwemvelo yokukhipha umoya oshisayo ngaphakathi ehholo. Ifeni ngayinye ingabiza u-R923.50.
Amafeni asebenza ngomoya eHholo LoMhlangano laseMatola
Lesi sixazululo senze kwaba nomoya opholile ehholo lomhlangano. Ngenxa yokuthi sekushaya umoya ngaphakathi ehholo, awusemningi umswakama nesikhunta okukhula ngaphakathi ehholo. Manje sekugeleza umoya-mpilo omningi. Umphumela ube ukuthi, abantu abeze emhlanganweni sebayakwazi ukugxila kangcono esimisweni futhi banethezeke. Umfowethu ocashunwe ekuqaleni uthi: “Manje, asisajahi ukuphumela ngaphandle ngokushesha lapho kuphela isimiso, kunalokho, sihlala ngaphakathi ngesikhathi sekhefu sijabulele ukuxoxa nabangani. Ukuba nalolu phahla olusha kusenza sizizwe sengathi singaphansi kwesihlahla esikhulu esinomthunzi omnandi!”
Manje abafowethu sebeyijabulela kakhulu imihlangano yesigodi neyesifunda
Ukuthola Amandla Avela Elangeni
“Ezakhiweni zethu eziningi zokukhulekela uJehova, sifake ama-solar ashintsha amandla elanga angapheli abe ugesi.” Ngenxa yalokho, asisancikile kugesi ophehlwa ngamalahle, u-oyela negesi okuyizinto ezingcolisa umoya. Izinhlelo zokusebenzisa ama-solar zinciphisa ukungcoliswa komoya futhi ziyasiza ekongeni iminikelo.
Ngo-2022, kwafakwa i-solar eHhovisi legatsha lase Slovenia. Ikhiqiza amandla kagesi angu-30 phesenti kwadingekayo kulesi sakhiwo. Uma kwenzekile i-solar yakhiqiza ugesi omningi kunodingwa ihhovisi legatsha, ugesi ongasetshenziswanga uvame ukusetshenziswa umphakathi. Lolu hlelo lwe-solar lubiza u-R6,649,200. Nokho, njengoba igatsha selinezindleko eziphansi zikagesi, lolu hlelo luzokwenza ukuba eminyakeni emine ezayo songe imali eningi kunaleyo esiyichithe kulolu hlelo.
Igatsha laseSlovenia
Ngo-2024, sifake ama-solar nebhethri elikhulu ehhovisi legatsha laseSri Lanka. Lo msebenzi ubize cishe imali engango-R55,410,000, kanti uhlelo lwe-solar lusize ngamaphesenti angu-70 ezidingweni zikagesi zegatsha. Lolu hlelo luzokwenza ukuba eminyakeni emithathu ezayo songe imali eningi kunaleyo esiyisebenzisile. Kuwo lowo nyaka, siphinde safaka ama-solar ehhovisini legatsha lase Netherlands. Lolu hlelo lwe-solar lubiza u-R20,317,000 futhi lukhiqiza amaphesenti angu-35 kagesi odingwa yigatsha. Lolu hlelo lwe-solar luzozikhokhela lona ngokwalo eminyakeni engu-9.
Igatsha laseNetherlands
Siphinde safaka ama-solar emahhovisini okuhumusha (RTO) ahlukahlukene eMexico. Cabanga ngesibonelo esisodwa: ITarahumara (Central) RTO eseChihuahua. Amazinga okubanda ebusika ehla kakhulu aze afinyelele ngaphansi kuka-0, kanti ehlobo amazinga okushisa akhuphuka kakhulu aze adlule ku-40 degrees! Kodwa ngenxa yokuthi ugesi ubiza kakhulu, abafowethu bayakugwema ukusebenzisa izinto zokuzifudumeza noma zokuzipholisa ezisebenza ngogesi. UJonathan, umfowethu osiza eRTO, uthi: “Sasembatha izingubo zokulala futhi sigqoke izingubo ezifudumalayo ebusika, kanti ehlobo sasivula amafasitela.”
Ngo-2024, kwafakwa i-solar eRTO. Lolu hlelo lubize u-R396,735.60, kodwa imali eyongiwe izosiza ekukhokheleni izindleko zalolu hlelo eminyakeni nje emihlanu ezayo. Manje abafowethu sebengakwazi ukusebenzisa izindlela zokuzifudumeza nezokuzipholisa ngendlela abathanda ngayo. UJonathan uthi: “Sesisijabulela kakhulu isabelo sethu futhi sesiyakwazi ukwenza okwengeziwe. Ngesikhathi esifanayo, siyajabula ukwazi ukuthi iRTO iyisebenzisa ngokuhlakanipha imali yenhlangano nangendlela engayilimazi imvelo.”
Iqembu labahumushi besiTarahumara (Central) selisebenzela endaweni ethokomele manje
Ukusebenzisa Amanzi Emvula
Kwamanye amaHholo oMbuso e-Afrika, amanzi awatholakali kalula. Lokhu kwenza kube nesidingo sokuthi abafowethu bathwale amanzi besuka nawo kude ukuze ayofika eHholo loMbuso. Kwamanye amahholo, abafowethu bathenga amanzi alethwa iloli kodwa lokho kuyabiza futhi kuyayilimaza imvelo.
Ukuze sisize abafowethu bathole amanzi kalula, sifake ogadasi namathangi amanzi emaHholo oMbuso amaningi e-Afrika. Ngaphambi kokufaka ogadasi namathangi amanzi, abafowethu bafunda ngesimo sezulu sendawo ukuze babone ukuthi iyiphi indlela ezoba ngcono kakhulu ukuze bathole amanzi. Ukufaka lezi zinto eHholo LoMbuso kubiza imali engaba ngu-R11,082 kuya ku-R55,410. Noma kunjalo, lolu hlelo luzinciphisa kakhulu izindleko zokusebenzisa iHholo LoMbuso, ngoba abafowethu akusadingeki bakhokhele amanzi.
Ithangi lamanzi eliseHholo LoMbuso lasePhuthaditjhaba, eNingizimu Afrika
Lolu hlelo lokusebenzisa amanzi emvula lubasize kakhulu abafowethu. UNoemia, udadewethu waseMozambique uthi: “Esikhathini esidlule, besihamba amabanga amade ukuze sithole amanzi. Sasifika eHholo sesifile ukukhathala futhi ngenxa yokuthi amanzi ayeyivela kancane kwakunzima ukuba sihlale sihlanzekile. Manje, wonke umuntu useyakwazi ukugeza izandla. Sesiyakwazi ukuya eHholo LoMbuso singakhathele kakhulu futhi sijabulele imihlangano. Sinibonga kakhulu!”
Udadewethu nendodana yakhe basebenzisa amanzi emvula, eNingizimu Afrika
Inhlangano yethu izikhokhela kanjani zonke lezi zindleko? Ngeminikelo yomhlaba wonke, eyenziwa ngezindlela ezihlukahlukene ezikuwebusayithi ethi donate.jw.org. Siyanibonga ngeminikelo yenu eniyenza ngesandla esivulekile!