INDLELA IMINIKELO YENU ESETSHENZISWA NGAYO
Asibakhohliwe Abayizithulu
JULAYI 1, 2022
UJehova uNkulunkulu ufuna bonke abantu bafunde ngaye nangoMbuso wakhe wasezulwini kungakhathaliseki ukuthi izimo zabo zinjani. (1 Thimothewu 2:3, 4)Ngenxa yalokho, oFakazi BakaJehova bakhiqiza amaBhayibheli nezincwadi ezifundisa ngeBhayibheli ukuze zitholakale kubantu abaningi kakhulu, kuhlanganise nabayizithulu. Eqinisweni, inhlangano kaJehova ikhiqiza izinkulungwane zezincwadi zolimi lwezandla ezitholakala ngamavidiyo,a angaphezu kwezilimi eziyikhulu! Zikhiqizwa futhi zisakazwe kanjani lezi zincwadi? Iyiphi intuthuko ebesilokhu siyenza?
Enziwa Kanjani Amavidiyo Olimi Lwezandla?
Izincwadi zolimi lwezandla zikhiqizwa amaqembu abahumushi emhlabeni wonke. Amalungu eqembu ngalinye ayihlola ngokucophelela incwadi okudingeka ihunyushwe. Ngemva kwalokho, abe esenquma ukuthi iyiphi indlela engcono yokuhumusha leyo ncwadi ngolimi lwezandla. Lapho eseqedile ayayirekhoda ibe ividiyo. Njengamanje, kunamaqembu angu-60 asebenza isikhathi esigcwele ehumusha izincwadi ezifundisa ngeBhayibheli ngolimi lwezandla, bese kuba namanye angu-40 ahumusha ngezikhathi ezithile
Esikhathini esidlule, kwakubiza ukukhiqiza amavidiyo olimi lwezandla. Amakhamera neminye imishini kwakumba eqolo. Kwakudingeka sizakhele istudiyo ukuze sirekhodele khona noma silungise isakhiwo esasesivele sikhona. Isiyonke imali eyayidingeka ukuze kumiswe iqembu labahumushi bolimi lwezandla yayingaphezu kwamaRandi angu-478 000
Ukuze ikwazi ukusebenzisa kahle iminikelo, inhlangano iye yasebenza kanzima ukuze ithuthukise umsebenzi wokuhumusha futhi iwenze ube lula. Manje sesiyakwazi ukusebenzisa imishini yakamuva esebenza kahle futhi engabizi. Kunokuba lisebenzele estudiyo, iqembu labahumushi lingasebenzisa ibhodi noma okuthile okunombala oluhlaza okotshani, lirekhode amavidiyo lisemahhovisi alo. Uma kudingeka abantu abahlukahlukene abazorekhoda, abafowethu nodadewethu bangarekhoda izingxenye zabo besemahhovisi noma emakhaya. Akusadingeki baze baye estudiyo.
Kwenziwe nezinhlelo zekhompyutha ukuze kusizwe abahumushi bolimi lwezandla emsebenzini wabo. Le ntuthuko isinciphise kakhulu isikhathi esichithwa abahumushi ukuze bakhiqize incwadi yolimi lwezandla. Abafowethu bayayazisa le ntuthuko. Umzalwane u-Alexander uthi: “Amavidiyo olimi lwezandla asekhululwa kaningi manje kunangaphambili. Kungijabulisa kakhulu lokho. Ngiwabukela nsuku zonke.”
Manje, sekubiza imali engaphansi kwamaRandi angu-79 000 ukunikeza abahumushi amathuluzi okusebenza. Lokho kwenze sakwazi ukukhiqiza amavidiyo amaningi olimi lwezandla ngezilimi eziningi.
Asakazwa Kanjani Amavidiyo Olimi Lwezandla?
Uma iqembu seliqedile ukurekhoda okuthile kolimi lwezandla, amavidiyo kufanele aye kulabo abawadingayo. Kudala, sasikhiqiza amakhasethi abukwayo nama-DVD, kwakubiza kakhulu, kudla isikhathi esiningi futhi kuwumsebenzi onzima. Okurekhodiwe kwakuthunyelwa enkampanini engaphandle ukuze inyathelise amanye amakhophi. Ekugcineni, la makhasethi nama-DVD kwakuthunyelwa emabandleni. Ngo-2013 nje kuphela, sachitha imali engaphezu kwamaRandi angu-32 000 000 sikhiqiza ama-DVD olimi lwezandla.
Abayizithulu bawazisa kakhulu lama lungiselelo. Noma kunjalo, kwakungelula ngaso sonke isikhathi ukusebenzisa la mavidiyo, ikakhulukazi ngenxa yokukhula kokusetshenziswa kwamakhasethi nama-DVD. Ngezinye izikhathi, kwakudingeka kurekhodwe ama-DVD amaningana ukuze kuqoshwe incwadi eyodwa yeBhayibheli. UGilnei, umfowethu ohlala eBrazil, uthi: “Uma usufuna ukufunda umbhalo kwakufanele uthole ikhasethi elifanele elinalowo mbhalo, kwakuyinto eyayinzima ngempela leyo. Udade ogama lakhe uRafayane, owayesebenzisa ama-DVD olimi lwezandla uthi: “Kwakukhathaza ukwenza isifundo somuntu siqu. Kwakudingeka sichithe isikhathi esiningi sibheka imibhalo noma izikhombo. Lapho abafowethu beyoshumayela babephatha ama-DVD noma amakhasethi ukuze bawadlale kuTV yomuntu othanda ukulalela. Abanye abafowethu babephatha eyabo imishini yokudlala ama-DVD. Kungakabiphi, kwaba khona imishini yokudlala ama-DVD ephathwayo eyayinesikrini futhi abazalwane abaningi baqala ukusebenzisa yona. UBobby, ohlala e-United States, uthi: “Uma wawufuna ukufunda omunye umbhalo ngemva kokufunda owokuqala, kwakufanele udlulele kwenye iDVD. Lokho kwakudla isikhathi esiningi futhi kwakwenza kube nzima ukusebenzisa iBhayibheli ezingxoxweni.”
Ngo-2013, inhlangano kaJehova yakhulula iJW Library Sign Language app eyayivumela abazalwane nodadewethu ukuba badawunilode amavidiyo kumafoni abo noma kuma-thebhulethi. Yakhululwa okokuqala nge-American Sign Language.. abafowethu nodadewethu bakwazi ukudawuniloda nokudlala amavidiyo olimi lwezandla emafonini abo nakumathebhulethi. Kwathi ngo-2017, lolu hlelo lwathuthukiswa ukuze lutholakale ngazo zonke izilimi zezandla. Abafowethu nodadewethu emhlabeni wonke babejabule kakhulu. UJuscelino, umfowethu oseBrazil, uthi: “Ngangingakholwa! Ngangilokhu ngicabanga ngendlela iNdikimba Ebusayo esithanda ngayo njengezithulu nangendlela efisa ngayo ukuthi sithuthuke eqinisweni sifane nabanye abantu abangezona izithulu. Ngangijabule kakhulu, lolu hlelo lwangikhuthaza ukuba ngilitadishe njalo iBhayibheli.”
Ukusebenzisa i-JW Library app
Namuhla sikhiqiza wonke amavidiyo olimi lwezandla ngezobuchwepheshe futhi siwasakaze ngewebhusayithi yethu i-JW Library app. Ngenxa yalokho, ukuhumusha, ukurekhoda kanye nokusakaza izincwadi zolimi lwezandla akusathathi izinyanga noma iminyaka, kodwa sekuthatha izinsuku nje ezimbalwa. Empeleni, izincwadi eziningi zolimi lwezandla sezikhululwa ngesikhathi esifanayo kanye nezezilimi ezikhulunywayo.
Ake uzwe okushiwo abanye babafowethu nodadewethu abayizithulu. Udadewethu okuthiwa uKlízia uthi: “Iyiphi nje inhlangano ekhathalela abayizithulu kangangokuba ize izikhandle ukuze sithole ukudla okungokomoya ngezindlela ezilula? Akukho esingakuqhathanisa nalokho esikwenzelwe inhlangano kaJehova.” UVladimir uthi: “La mavidiyo angibonisa ukuthi uJehova ubakhathalela ngempela abantu abayizithulu njengoba ebakhathalela nabangezona izithulu.”
Amavidiyo ethu olimi lwezandla avame ukubhalwa ukuthi: “Le ncwadi iyingxenye yomsebenzi womhlaba wonke wokufundisa ngeBhayibheli osekelwa ngeminikelo yokuzithandela.” Siyazisa kakhulu iminikelo yenu, eminingi yayo eyenziwa ngewebhusayithi ethi donate.jw.org. Le minikelo yenza sikwazi ukukhiqiza amaBhayibheli nezinsiza kufunda zeBhayibheli zabo bonke abantu, kuhlanganise nabasebenzisa ulimi lwezandla.
a Ngenxa yokuthi ulimi lwezandla lusebenzisa kakhulu izimpawu kunokuba lufundwe phansi, izincwadi zalo eziningi zitholakala ngamavidiyo.