INDLELA IMINIKELO YENU ESETSHENZISWA NGAYO
Izithunywa Zevangeli “Ezingxenyeni Ezikude Kakhulu Zomhlaba”
JUNI 1, 2021
UJesu watshela abafundi bakhe: “Nizoba ofakazi bami . . . nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzEnzo 1:8) Namuhla, oFakazi BakaJehova bawufeza ngenkuthalo lowo myalo. Nokho, kwezinye izingxenye zomhlaba, ezihlanganisa izindawo ezinkulu, ezinabantu abaningi, abukanikezwa ubufakazi obuphelele kuzo. Kanti amanye amazwe anoFakazi abambalwa. (Mathewu 9:37, 38) Yini esiyenzayo ukuze sifinyelele abantu abaningi ngezinga esingakwazi ngalo?
Ukuze kufezwe umyalo kaJesu, iKomiti Yenkonzo YeNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova yabela izithunywa zevangeli ezindaweni ezinesidingo esikhulu emhlabeni. Njengamanje, kunezithunywa zevangeli ezingu-3 090 emhlabeni wonke.a Eziningi zazo ziqeqeshwe esikoleni seBhayibheli, njengeSikole Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso. Izithunywa zevangeli zizimisele ukushiya amakhaya azo zithuthele kwamanye amazwe. Ngenxa yokuvuthwa kwazo, ukuqeqeshwa, nesipiliyoni sazo, lezi zithunywa zevangeli ezithembekile zikwazile ukusakaza izindaba ezinhle futhi zabekela abafundi abasha isibonelo esihle.
Izithunywa zevangeli zishumayela izindaba ezinhle endaweni enesidingo esikhulu soFakazi
Ukusiza Izithunywa Zevangeli Ukuze Zisize Abanye
Ihhovisi legatsha ngalinye, lineDeski Lezikhonzi Zasensimini eMnyangweni Wenkonzo elisebenza ngokubambisana neKomiti Yegatsha ukuze kunakekelwe izidingo zezithunywa zevangeli, njengokuthi zithole indawo ekahle yokuhlala, kunakekelwe impilo yazo, nokuthi zithole imadlana yokunakekela izindleko zokuphila. Phakathi nonyaka wenkonzo ka-2020, oFakazi BakaJehova bachitha imali engaba amarandi angu-373 432 950 benakekela izithunywa zevangeli. La malungiselelo enza izithunywa zevangeli zikwazi ukugxila ngokuphelele futhi zisebenzise wonke amandla azo enkonzweni, kanye nasekuqiniseni amabandla ezikhonza kuwo.
Izithunywa zevangeli ziqinisa amabandla
Izithunywa zevangeli zidlale yiphi indima emsebenzini wokushumayela? UFrank Madsen, okhonza eKomitini Yegatsha laseMalawi, uthi: “Ngenxa yesibindi namakhono azo, izithunywa zevangeli zisize amabandla aqala ukuhlanganisa insimu okungelula ukusebenza kuyo, njengezindawo ezinezokuphepha eziqinile nokukhulunywa kuzo izilimi zakwamanye amazwe. Nokusebenza kwazo kanzima zifunda ulimi namasiko endawo, kuyisibonelo esihle kakhulu kwabanye, futhi ziyithonya elihle entsheni mayelana nenkonzo yesikhathi esigcwele. Siyambonga uJehova ngezithunywa zevangeli.”
Ilungu leKomiti Yegatsha lakwelinye izwe lithi: “Izithunywa zevangeli ziwubufakazi obusobala bokuthi abantu bakaJehova banobunye emhlabeni wonke. Ngisho nabantu abangebona oFakazi bayabona ukuthi asihlukaniswa amasiko, kodwa sisizwe izimfundiso zeBhayibheli ukuba sibe nobunye bobuzalwane.”
Izithunywa zevangeli zibasiza kanjani abamemezeli bendawo? UPaulo waseTimor-Leste, uzazisa kakhulu izithunywa zevangeli anazo ebandleni. Uthi: “Ngakithi kushisa lokhu okuxakile. Kodwa nakuba izithunywa zevangeli zivela endaweni okubandayo kuyo, azilokothi zivumele ukushisa kuziyekise ukushumayela. Zihlezi zikhona ekuseni emihlanganweni yenkonzo. Ngivame ukuzibona zenza izimpindelo emini, ilanga lishisa bhe, nakusihlwa. Zisize abaningi bafunda iqiniso, kuhlanganise nami. Ngomdlandla nangentshiseko, zisebenzisa konke ukuphila kwazo ukuze zikhonze uJehova, lokhu kukhuthaza lonke ibandla ukuba limkhonze ngokugcwele uJehova.”
UKetti oyiphayona elivamile eMalawi, uchaza indlela umndeni oyizithunywa zevangeli owabasiza ngayo kubo: “Ngesikhathi indoda nomkayo abayizithunywa zevangeli babelwa ebandleni lethu, kwakuyimi ngedwa uFakazi ekhaya. Kodwa bangisekela, basondelana kakhulu nabantu basekhaya. Isibonelo sabo esihle sasiza izingane zami zabona indlela ukukhonza uJehova okuyiletha ngayo injabulo nokwaneliseka ekuphileni. Ngenxa yesibonelo esihle sezithunywa zevangeli, amadodakazi ami amathathu asekhonza njengamaphayona avamile nomyeni wami useqalile ukuya emihlanganweni.”
Ithathwaphi imali yokunakekela izithunywa zevangeli? Ithathwa eminikelweni yomsebenzi womhlaba wonke, evame ukwenziwa kusetshenziswa iwebusayithi ethi donate.jw.org. Yaziswa kakhulu le minikelo.
a Lezi zithunywa zevangeli zabelwa emabandleni anesidingo esikhulu ensimini. Ezinye izithunywa zevangeli ezingu-1 001 zikhonza esigodini.