Kwesobunxele: Izisebenzi ezasiza ukulungisa umuzi wabashadikazi ngemva kokuba uhlaselwe umlilo eChile. Kwesokudla: Odade ababili baseNigeria bathola izinto abazidingayo ngemva kokuba idolobha abahlala kulo lihlaselwe izikhukhula
INDLELA IMINIKELO YENU ESETSHENZISWA NGAYO
Ukunikeza Usizo Ngo-2023—“Sazibonela Ngawethu Uthando LukaJehova”
Januwari 26, 2024
IBhayibheli labikezela ukuthi “isizwe siyovukela isizwe” futhi kwakuyoba nezinhlekelele phakathi ‘nesiphelo sesimiso sezinto’. (Mathewu 24:3, 7) Siwabonile la mazwi egcwaliseka phakathi nonyaka wenkonzo ka 2023.a Nakuba kunezinxushuxhushu, izimpi nezinhlekelele zemvelo emazweni acishe abe ngu-100, oFakazi BakaJehova baye balingisa uthando lukaJehova. Kanjani?
Phakathi nonyaka wenkonzo ka-2023, abafowethu bathinteka ngenxa yezinhlekelele zemvelo noma izinhlekelele ezenziwe ngabantu ezingaphezu kuka-200. Sekukonke, oFakazi BakaJehova bachithe imali engaphezu kuka-R189 000 000 bekhokhela izinhlangano abazisebenzisayo ukuze kunikezwe usizo ngesikhathi sezinhlekelele. Le mali iyiminikelo evela kubafowethu emhlabeni wonke. Ihlanganisa neminye eyenziwa abafowethu nodadewethu bendawo ukuze basize labo abadinga usizo. Cabanga ngendlela iminikelo yenu eyasetshenziswa ngayo ukuze kusizwe abafowethu abathintwa izinhlekelele kulezi zindawo ezimbili kweziningi.
“Lukhona Ngempela Uthando Lweqiniso”
Ezinye izingxenye zeNigeria zihlale zibhekana nezikhukhula. Noma kunjalo, izikhukhula ezenzeka ngo-Okthoba 2022 zazizimbi kakhulu kunalezo ezake zenzeka eminyakeni eyishumi edlule. Indawo engamaplazi engaba ngu-676,000 hectares ubukhulu noma elingana nezinkundla zebhola ezingu-946 000 yacekeleka phansi futhi abantu abangaphezu kuka-2, 000 000 babaleka emakhaya abo. Igatsha laseNigeria ngokushesha lamisa iKomiti Yokusiza Ezinhlekeleleni ukuze ihlele futhi iqinise abafowethu ngokomoya.
Abazalwane baseNigeria bewela imigwaqo ekhukhulekile ukuze bahambise izinto zokusiza
Indlela Abafowethu Nodadewethu Abathinteka Ngayo
Abamemezeli abangu-7,505 bashiya imizi yabo
Imizi engu-860 yalimala noma yacekeleka phansi
AmaHholo OMbuso angu-90 neHholo LoMhlangano elilodwa agcwala amanzi
Indlela Iminikelo Esetshenziswa Ngayo
Kwasetshenziswa imali engaba ngu-R4, 700 000 ukuze kunikezwe usizo oluhlanganisa:
Ukuthenga ukudla okufana nelayisi, ubontshisi nama-noodles
Izinto zasendlini njengomatrasi namanethi okuzivikela komiyane
Ukulungiswa kwemizi eyayicekeleke phansi
Babeqikelela kanjani abafowethu ukuthi iminikelo isetshenziswa ngendlela efanele? Babebhekisisa ngokucophelela isakhiwo ngasinye ukuze babone ukuthi sasingalungiseka yini. Uma isakhiwo sasidinga ukuqalwa phansi kwakusetshenziswa indlela nezinto zokwakha ezivame ukusetshenziswa endaweni.
Abafowethu nodadewethu abanikezwa usizo bazwakalisa ukubonga okukhulu. Omunye udade wathi: “Izikhukhula zakuphazamisa kakhulu ukuphila kwethu ngoba wonke amapulazi ethu acekeleka phansi futhi saphelelwa indawo yokuhlala. Amaphaphu ehla lapho kufika abafowethu nodadewethu ngosuku olufanayo bezosisiza futhi basinikeza nendawo yokuhlala ephephile. Sakhululeka nakakhulu lapho sithola amaphasela okudla ayethunyelwe ihhovisi legatsha. Kwasimangaza ukuzibonela mathupha ukugcwaliseka kukaJohane 13:34, 35 ezimpilweni zethu. . . . Lusekhona uthando lweqiniso. Mina nomndeni wami sibonga ngokusuka ekujuleni kwezinhliziyo zethu kubafowethu ngosizo olwafika ngesikhathi.”
Abanye endaweni bawuqaphela umsebenzi wethu wokunikeza usizo. Inkosi yendawo yaseSabagreia, eBayelsa State, yathi: “Ziningi izinhlangano namasonto emhlabeni kodwa oFakazi BakaJehova kuphela abenza into efana nale. . . . Inhlangano [Yenu] ingcono kunazo zonke emhlabeni.”
“Sizibonela Mathuba Uthando LukaJehova”
Phakathi noFebhruwari 2023, imililo engaphezu kuka-400 yabangela umonakalo omkhulu eChile. Kwacekeleka phansi indawo engaba ngu-430,000 hectares (1,062,553 acres), okuyindawo elingana nezinkundla zebhola ezingu-602 000, kuhlanganise nezinye izindawo ezibalulekile eChile. Abantu abacishe babe ngu-8,000 babaleka emakhaya abo. Ngokushesha ngemva kokugadla kwale nhlekelele, igatsha laseNigeria laqala ukwenza izinhlelo zokuyonikeza usizo.
Izisebenzi ezinikeza usizo zakha kabusha indlu ecekeleke phansi, eChile
Indlela Abafowethu Nodadewethu Abathinteka Ngayo
Abamemezeli abangu-222 kwadingeka bashiye imizi yabo
Imizi engu-20 yacekeleka phansi
Indlela Iminikelo Esetshenziswa Ngayo
Kwasetshenziswa imali engaba ngu-R3 700 000 ukuze kunikezwe usizo oluhlanganisa:
Ukudla namanzi
Uphethiloli, izinto zokuklina, nemithi
Nokulungiswa kwemizi eyayicekeleke phansi
Omunye umndeni washaqeka lapho uthola ukuthi konke owawunakho kwakucekeleke phansi okuhlanganisa umuzi wawo kanye nebhizinisi. Lokhu kwawushiya ungenazo izinto ongaziphilisa ngazo. Phakathi nezinsuku ezimbalwa lo mndeni wawuphatheke kabi kakhulu ukubona indawo lapho umuzi wawo wawakhiwe khona ungasekho. Kodwa njengoba umsebenzi wokwakha kabusha umuzi wabo wawuqhubeka kancane kancane, baqala ukuzizwa bengcono. Ukubona uthando olukhulu olwaboniswa amavolontiya kwabasiza babhekana nesimo. Lo mndeni wathinteka kakhulu ngenxa yalokhu, waze wajoyina amavolontiya futhi wasiza ekwakheni omunye umuzi womzalwane.
Abafowethu nodadewethu abaningi bahlabeka umxhwele lapho bebona umsebenzi wokusiza lapho kuvele khona izinhlekelele. Omunye umzalwane wathi: “Ilungiselelo likaJehova leKomiti Yokusiza Ezinhlekeleleni liyamangalisa ngempela. Ngemva kosuku kuvele inhlekelele, abasizayo base bekhona besinikeza izinto esizidingayo. Kuyakhuthaza ukufunda ngosizo abanye abaye baluthola lapho kuvele khona izinhlekele kwamanye amazwe. Kodwa lapho kwenzeka kuwe futhi uthola usizo, uvele ukuzwe ngenye indlela. Uyazisa nakakhulu inhlangano, indlela abafowethu abazilingisa ngazo izimfanelo zikaJehova; nendlela abaqinisekisa ngayo ukuthi siyazithola izinto esizidingayo, nabasiqinisa ngayo ngokomoya nendlela abasisiza ngayo sihlale sizolile. Sibe sesizibonela thina mathupha uthando lukaJehova.”
Njengoba lesi simiso sezinto siphela, sizolokhu sikubona ukwanda kwezinhlekelele. (Luke 21:10, 11) Noma kunjalo, ngebandla lobuKristu, siyayibona iNkosi yethu enothando, uJesu Kristu, inathi “zonke izinsuku kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” (Mathewu 28:20) Ukunikelela umsebenzi womhlaba wonke ngesandla esivulekile ku-donate.jw.org nangezinye izindlela, nokunikela ngesikhathi sakho namandla, kubonisa ukuthi uyawusekela uMbuso kanye neNkosi yawo enothando. Siyabonga ngokuba nesandla esivulekile.
a Unyaka wenkonzo ka-2023 waqala ngoSepthemba 1, 2022, waphela ngo-Agasti 31, 2023.