Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwhf isihloko 9
  • Indlela Yokuqondisa Ingane

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokuqondisa Ingane
  • Usizo Lomndeni
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okufanele ukwazi
  • Ongakwenza
  • Izinzuzo Zokufunda Kubantu Abadala
    I-Phaphama!—2019
  • Bazali—Yibani Isibonelo Esihle Ezinganeni Zenu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Bazali​—Sizani Izingane Zenu Zithande UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Qeqesha Ingane Yakho Kusukela Isewusana
    Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
Bheka Okunye
Usizo Lomndeni
ijwhf isihloko 9
Ubaba ukhuluma nendodana yakhe esencane

USIZO LOMNDENI | UKUKHULISA IZINGANE

Indlela Yokuqondisa Ingane

  • Okufanele ukwazi

  • Ongakwenza

  • Okushiwo abazali

Okufanele ukwazi

Kwamanye amasiko namuhla, izingane zisondelene eduze nabazali bazo futhi zibheka kubo ukuze zithole isiqondiso. Kwamanye amasiko, izingane ngokuvamile ziya kontanga yazo ukuze zithole isiqondiso.

Ukuya kontanga kuyalilulaza igunya labazali. Empeleni, lapho lezo zingane sezineminyaka ela ko-12, cishe abazali bazo bayobe sebephawula ukuthi azibezwa nhlobo. Akumangazi lokho! Lapho izingane zichitha isikhathi esiningi nezinye izingane, kuba sengathi zikhuliswe ngezinye izingane hhayi abazali bazo.

Kungani kulula kangaka ngezingane ukuba zisondelane kakhulu nontanga yazo futhi zilahlekelwe ukuxhumana nabazali bazo? Cabanga ngamaphuzu alandelayo.

  • Isikole. Lapho izingane zichitha isikhathi esiningi nezinye izingane, ziyasondelana futhi zingase zikubheke njengokubalulekile ukwamukelwa ontanga yazo ngaphezu kokwamukelwa abazali bazo. Lowo mbono ungakhula kakhulu lapho izingane ziba neminyaka engaphezu kweyishumi nambili.

    Umfana uvalelisa kubangani bakhe basesikoleni

    Izingane kufanele zifise ukwamukelwa abazali ukudlula ukwamukelwa ontanga ezifunda nabo

  • Isikhathi esincane nindawonye. Emindenini eminingi, lapho izingane zibuya esikoleni zifika ekhaya elingenamuntu, mhlawumbe ngenxa yokuthi umzali noma abazali basemsebenzini.

  • Isiko lentsha. Ngesikhathi ifika eminyakeni yobusha, intsha igxila esikweni lentsha nemithetho yalo okufanele ihambisane nayo, okuhlanganisa ukuthi kufanele igqoke kanjani, indlela yokukhuluma, nendlela yokwenza. Ngokuvamile ezinganeni, lokho okucatshangwa ngontanga yikhona okubaluleke kunalokho okucatshangwa abazali.

  • Ezokukhangisa. Abamabhizinisi bagxila emikhiqizweni eminingi nakwezokuzijabulisa okuningi okwenzelwe ngokukhethekile intsha, okulivula ngisho nakakhulu igebe phakathi kwayo nabazali. UDkt. Robert Epstein uyabhala: “Uma isiko lentsha lingavele linyamalale, eziningi zalezi zinkampani ezingenisa izigidi zemali zingawa ngokuphazima kweso.”a

Ongakwenza

  • Hlala usondelene nengane yakho.

    IBhayibheli lithi: “La mazwi engikuyala ngawo namuhla kumelwe abe senhliziyweni yakho, kumelwe uwagxilise kubantwana bakho futhi ukhulume ngawo lapho uhleli endlini yakho nalapho uhamba endleleni nalapho ulala nalapho uvuka.”—Duteronomi 6:6, 7.

    Ontanga bangaba abangani, kodwa akufanele bathathe indima yakho njengomzali. Nazi izindaba ezinhle: Ochwepheshe bathi izingane eziningi kanye nentsha ziyabahlonipha abazali bazo futhi zifuna ukubajabulisa. Uma ugcina ubuhlobo obuseduze nezingane zakho, uyoba nethonya elikhulu kuzo ngaphezu kontanga yazo.

    Ubaba uchitha isikhathi nendodana yakhe epaki, kuyikhompyutha, nalapho besebenza emotweni

    “Kufanele uchithe isikhathi nezingane zakho, nenze imisebenzi yansuku zonke ndawonye, njengokupheka, ukuhlanza, ngisho nemisebenzi yesikole yasekhaya. Yenzani izinto ezijabulisayo ndawonye—dlalani imidlalo, nibukele amamuvi noma i-TV. Ungacabangi ukuthi nidinga isikhathi esikhethekile—esingamahora ambalwa nje kuphela. Isikhathi esikhethekile asikuvali ukungabi bikho kwesikhathi esiningi!”—ULorraine.

  • Unganeliswa nje ukuthi banabangani abangontanga yabo.

    IBhayibheli lithi: “Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yengane.”—IzAga 22:15.

    Abanye abazali baneliswa ukubona ukuthi izingane zabo zinabangani abaningi. Nokho, qaphela ukuthi nakuba ukuba nabangani abangontanga kungayisiza ingane ukuba ibonakale izwana nabanye, ontanga abayenzi ibe nezinhlobo ezihlukahlukene zabangani. Kanti futhi ontanga abanikezi isiqondiso nokuhola osemusha akudingayo okunganikezwa kangcono abazali abanothando.

    “Ontanga bengane bangase babe nolwazi lwezinto ezithile, kodwa kuningi kakhulu abangakwazi ngokuphila, bantula ukuhlakanipha kokusiza abanye abasebasha ukuba benze izinqumo ezinhle. Lapho intsha ifunda esibonelweni sabazali, iyakhula futhi ivuthwe ngendlela efanele iminyaka yayo.”—UNadia.

  • Nikeza isiqondiso esihlakaniphile.

    IBhayibheli lithi: “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha.”—IzAga 13:20.

    Ngisho nalapho sezikhulile, izingane zakho ziyozuza kakhulu ngokuchitha isikhathi nawe. Yiba yisibonelo esihle ezingasilingisa.

    “Isibonelo esibaluleke kakhulu izingane ezingasilingisa esabazali bazo. Lapho izingane zifundiswa ukuthanda nokuhlonipha abazali bazo, ziyokhula zifune ukuba njengabo.”—UKatherine.

Okushiwo abazali

UWendell nomkakhe uSusan

“Intsha ngokuvamile yenza izinqumo ezisekelwe olwazini oluncane enalo, futhi lokho kungaholela enhlekeleleni. Kodwa lapho iqondiswa abazali, ingaba nombono obanzi ngezinto, futhi lokho kungayisiza yenze izinqumo ezinhle.”—UWendell, nomkakhe uSusan.

UCourtney nomyeni wakhe u-Erik

“Yenza izinto izingane zakho ezizithandayo—ngisho noma kungase kungabi yilokho ofuna ukukwenza. Kujabulele ukuba nazo. Yiba umngani wazo oseduze futhi ube yisibonelo. Izingane kufanele zazi ukuthi uzikhathalela ngokusuka enhliziyweni.”—UCourtney, nomyeni wakhe u-Erik.

Ukubukeza: Indlela Yokunikeza Isiqondiso Ezinganeni Zakho Njengomzali

  • Hlala useduze nengane yakho. Ontanga bangaba abangani, kodwa akufanele bathathe indima yakho njengomzali.

  • Unganeliswa nje abangani abangontanga. Nakuba ukuba nabangani abangontanga kungayisiza ingane ukuba ibonakale izwana nabanye, ontanga abayenzi ibe nezinhlobo ezihlukahlukene zabangani . Kanti futhi ontanga abanikezi isiqondiso nokuhola okunganikezwa kangcono abazali.

  • Nikeza isiqondiso esihlakaniphile. Ngisho nalapho zikhula, izingane zakho zingazuza kakhulu ngokuchitha isikhathi nawe.

a Kucashunwe encwadini ethi Teen 2.0—Saving Our Children and Families From the Torment of Adolescence.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela