Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwhf isihloko 6
  • Lapho Imibono Ingafani

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Imibono Ingafani
  • Usizo Lomndeni
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okufanele ukwazi
  • Ongakwenza
  • Indlela Yokuzehlisa
    I-Phaphama!—2014
  • Lapho Ubungane Sebudlulele
    I-Phaphama!—2013
  • Lapho Udumazekile Ngomshado Wakho
    I-Phaphama!—2014
  • “Umshado Mawuhlonishwe”
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
Bheka Okunye
Usizo Lomndeni
ijwhf isihloko 6
Indoda nomkayo babuka ngaphandle kwefasitela lemoto becasukile

USIZO LOMNDENI

Lapho Imibono Ingafani

Ziningi izinto okuvame ukuba nzima ngabantu abashadile ukuba bavumelane ngazo ngenxa yokuhluka kobuntu babo nezinto abazithandayo. Kodwa kuba nzima nakakhulu lapho kuziwa ezindabeni ezifana nalezi:

  • Isikhathi abazosichitha nezihlobo zabo

  • Indlela yokuphatha imali

  • Ukuthi bazoba nazo yini izingane

Yini eningayenza uma imibono yenu ingafani?

  • Okufanele ukwazi

  • Ongakwenza

Okufanele ukwazi

Ukuthi niyafanelana akusho ukuthi niyafana. Ngisho noma indoda nomkayo bengafanelana kangakanani ngeke bavumelane njalo, ngisho nasezindabeni ezibalulekile.

“Ngakhulela emndenini owawusondelene kakhulu. Ngezimpelasonto sasiba ndawonye nogogo nomkhulu, omalume, o-anti kanye nabazala bami. Kodwa umndeni womyeni wami wawungachithi isikhathi esiningi ndawonye. Ngakho sinemibono engafani ngokuthi kufanele sichithe isikhathi esingakanani sivakashela izihlobo zethu noma sixhumana nalezo ezihlala kude.”—UTamara.

“Ngenxa yendlela esakhuliswa ngayo, mina nomkami sinemibono engafani ngokuthi kufanele siyisebenzise kanjani imali. Sasiphikisana izikhathi eziningana ngale ndaba ngesikhathi sisanda kushada. Kwadingeka sixoxe ngayo kaningi ngaphambi kokuba sivumelane.”—UTyler.

Indoda nomkayo babuka indawo ezindaweni ezimbili ezingefani

Abantu ababili bangabuka into eyodwa kodwa babone izinhlangothi ezingafani zayo. Kungaba yisimo esifanayo lapho abantu abashadile bengaboni ngaso linye

Ezinye izinkinga azixazululeki ngokuhoxisa imibono yenu. Ngokwesibonelo, yini enizoyenza uma omunye wabazali benu egula futhi edinga ukunakekelwa? Noma, kuthiwani lapho omunye efisa ukuba nezingane kodwa omunye engathandi?a

“Mina nomkami sesikhulume kaningana ngendaba yokuba nezingane. Uyakufisa kakhulu ukuba nazo, kanti mina angizizwa kanjalo. Angiboni ukuthi ngizokwazi ukuhoxa embonweni wami.”—U-Alex.

Ukuba nemibono engafani akusho ukuthi umshado wenu ngeke uphumelele. Abanye abeluleki bathi uma wena noshade naye ningavumelani ngendaba ethile ebalulekile, kufanele wenze noma yini ukuze kugcine kwenzekile lokho okufunayo, ngisho noma lokho kungase kusho ukuthi kudingeka nihlukane. Kodwa leso “sixazululo” sibeka kuqala indlela ozizwa ngayo kunesifungo owasenza phambi kukaNkulunkulu, sokuthi uzonamathela kumuntu oshade naye ngisho noma kungenzekani.

Ongakwenza

Zimisele ukuhlonipha isifungo owasenza ngesikhathi nishada. Ukukhumbula isifungo owasenza kuzokusiza usebenze ngokubambisana noshade naye ekuxazululeni izinkinga zenu, ningabi izimbangi.

Okushiwo iBhayibheli: “Lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye makungahlukaniswa muntu.”—Mathewu 19:6.

Balani izindleko. Ake sithi oyedwa wenu uthanda ukuba nezingane kodwa omunye akathandi. Kunezinto okumele nizicabangele, njengalezi:

  • Uqine kangakanani umshado wenu?

    Izinkinga ezilethwa ukuba nengane ngeke yini zibeke umshado wenu engcupheni?

  • Isibopho esihambisana nokuba umzali.

    Ukuba umzali kuhilela okungaphezu kokondla ingane, ukuyigqokisa nokuyinikeza indawo yokuhlala.

  • Isimo senu esingokwezimali.

    Nizokwazi yini ukusebenza, ninakekele umndeni nenze nezinye izinto okufanele nizenze?

Okushiwo iBhayibheli: “Ubani kini othi efuna ukwakha umbhoshongo angahlali phansi kuqala abale izindleko?”—Luka 14:28.

Cabangelani zonke izinhlangothi zendaba. Kungenzeka kube khona enivumelana ngakho. Ngokwesibonelo, uma nixoxa ngokuthi nizoba nazo yini izingane, lowo ongathandi ukuba nazo angazibuza le mibuzo elandelayo:

  • ‘Ingabe angizimisele ukuba nazo okwamanje noma angizimisele nhlobo?’

  • ‘Ingabe ngisaba ukuthi ngeke ngibe umzali omuhle enganeni?’

  • ‘Ingabe ngisaba ukuthi engishade naye ngeke esanginaka?’

Lowo ofisayo ukuba nazo izingane naye angazibuza le mibuzo elandelayo:

  • ‘Sesiwulungele yini umsebenzi wokukhulisa ingane?’

  • ‘Sinayo yini imali yokukhulisa ingane?’

Okushiwo iBhayibheli: “Ukuhlakanipha kwaphezulu . . . kuyacabangela.”—Jakobe 3:17.

Cinga okuhle kulokho okushiwo oshade naye ngaleyo ndaba. Abantu ababili bangabuka into eyodwa kodwa babone izinhlangothi ezingafani zayo. Ngendlela efanayo, indoda nomkayo bangakhuluma ngendaba eyodwa kodwa babe nemibono engafani ngayo, njengendaba yokuthi bazoyisebenzisa kanjani imali. Ukuze nixoxe ngendaba eninemibono engafani ngayo, qalani ngokuxoxa ngalokho enivumelana ngakho.

  • Uyini umgomo nobabili enifisa ukuwufinyelela?

  • Yikuphi okuhle okukhona kulokho okushoyo nalokho okushiwo oshade naye?

  • Ukuze nibe nokuthula emshadweni, oyedwa kini angakwazi yini ukushintsha umbono wakhe, noma nobabili nishintshe okuthile ukuze nivumelane?

Okushiwo iBhayibheli: “Yilowo nalowo makangazifuneli inzuzo yakhe siqu, kodwa eyomunye umuntu.”—1 Korinte 10:24.

UNayeli noGabriel

“Sifunde ukuthi akudingeki ukuba ngaso sonke isikhathi sivumelane endleleni esicabanga ngayo noma esenza ngayo. Kufanele nje sihloniphe imibono yomunye nomunye. Ukuhambisana nombono woshade naye akusho ukuthi ngeke usajabula.”—UNayeli, nomyeni wakhe uGabriel.

a Kufanele nixoxe ngezindaba ezibalulekile ngaphambi kokuba nishade. Noma kunjalo, kungase kuvele izimo ezingalindelekile noma ngokuhamba kwesikhathi ishintshe indlela oyedwa wenu azizwa ngayo ngaleyo ndaba.—UmShumayeli 9:11.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela