Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 159
  • Izilwane Ziyaya Yini Ezulwini?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izilwane Ziyaya Yini Ezulwini?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo yeBhayibheli
  • Izilwane zinawo yini umphefumulo?
  • Ingafa yini imiphefumulo?
  • Ingabe izilwane zingasenza isono?
  • Kwamukelekile yini ukuziphatha ngonya izilwane?
  • UMBONO WEBHAYIBHELI
    I-Phaphama!—2015
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Ukuphatha Izilwane Ngonya—Ingabe Akulungile?
    I-Phaphama!—1998
  • Ingabe UNkulunkulu Uyazikhathalela Izilwane?
    I-Phaphama!—2011
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 159
Inja

Izilwane Ziyaya Yini Ezulwini?

Impendulo yeBhayibheli

IBhayibheli lifundisa ukuthi kuzo zonke izidalwa eziphila emhlabeni, inani elincane kuphela labantu elizoya ezulwini. (IsAmbulo 14:1, 3) Bazoya khona ukuze bayobusa njengamakhosi nabapristi kanye noJesu. (Luka 22:28-30; IsAmbulo 5:9, 10) Iningi labantu lizovuswa ukuze liphile epharadesi emhlabeni.—IHubo 37:11, 29.

EBhayibhelini akukhulunywa ngesilwane esifuywayo sasezulwini noma inja yasezulwini—kube kufanele. Izilwane ngeke zikwazi ukuthatha izinyathelo ezidingekayo ukuze zifanelekele ‘ubizo lwasezulwini.’ (Hebheru 3:1) Lezi zinyathelo zihlanganisa ukufunda, ukubonisa ukholo nokulalela imiyalo kaNkulunkulu. (Mathewu 19:17; Johane 3:16; 17:3) Abantu kuphela abadalwa benethuba lokuphila phakade.—Genesise 2:16, 17; 3:22, 23.

Ukuze ziye ezulwini, izidalwa zasemhlabeni kumelwe zivuswe ekufeni. (1 Korinte 15:42) IBhayibheli likhuluma izikhathi eziningana ngovuko olwenzeka. (1 AmaKhosi 17:17-24; 2 AmaKhosi 4:32-37; 13:20, 21; Luka 7:11-15; 8:41, 42, 49-56; Johane 11:38-44; IzEnzo 9:36-42; 20:7-12) Kodwa lonke lwaluphathelene nokuvuswa kwabantu, hhayi izilwane.

  • Izilwane zinawo yini umphefumulo?

  • Ingafa yini imiphefumulo?

  • Ingabe izilwane zingasenza isono?

  • Kwamukelekile yini ukuziphatha ngonya izilwane?

Izilwane zinawo yini umphefumulo?

Cha. IBhayibheli lifundisa ukuthi kokubili abantu nezilwane kuyimiphefumulo. (Numeri 31:28) Lapho kudalwa umuntu wokuqala, u-Adamu, akanikezwanga umphefumulo kodwa “waba umphefumulo ophilayo.” (Genesise 2:7, umbhalo waphansi) Umphefumulo wakhiwa yizinto ezimbili: ‘uthuli lomhlabathi’ kanye ‘nomoya wokuphila.’

Ingafa yini imiphefumulo?

Yebo, iBhayibheli lifundisa ukuthi imiphefumulo ingafa. (Levitikusi 21:11, umbhalo waphansi; Hezekeli 18:20) Lapho abantu nezilwane befa, babuyela othulini lomhlaba. (UmShumayeli 3:19, 20) Ngamanye amazwi, basuke bengasaphili ndawo.a

Ingabe izilwane zingasenza isono?

Cha. Inkulumo ethi ukona isho ukucabanga, ukuba nemizwa noma ukwenza into engqubuzana nemithetho kaNkulunkulu. Ukuze isidalwa sone, kumelwe sikwazi ukuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi, kodwa izilwane azikwazi ukukwenza lokhu. Ngokuvamile zenza ngokuvumelana nomuzwa wemvelo phakathi nesikhathi sokuphila kwazo okufushane. (2 Petru 2:12) Lapho isikhathi sokuphila kwazo siphela, ziyafa, ngisho noma zingasenzi isono.

Kwamukelekile yini ukuziphatha ngonya izilwane?

Cha. UNkulunkulu wanikeza abantu igunya lokubusa izilwane kodwa hhayi ilungelo lokuziphatha kabi. (Genesise 1:28; IHubo 8:6-8) UNkulunkulu uyayikhathalela inhlalakahle yesilwane ngasinye—ngisho neyezinyoni ezincane. (Jona 4:11; Mathewu 10:29) Uyala labo abamkhonzayo ukuba baziphathe kahle izilwane.—Eksodusi 23:12; Duteronomi 25:4; IzAga 12:10.

Amavesi eBhayibheli akhuluma ngezilwane

Genesise 1:28: “UNkulunkulu wababusisa [abantu bokuqala] wathi kubo: ‘Zalani nande, nigcwalise umhlaba niwunqobe, nithotshelwe izinhlanzi zolwandle nezilwane ezindizayo zamazulu nazo zonke izilwane eziphilayo ezihamba emhlabeni.’”

Incazelo: UNkulunkulu wanikeza abantu igunya lokubusa izilwane.

Numeri 31:28: “Kufanele uthathe emasosheni aye empini umphefumulo owodwa kwengu-500, kubantu, emhlanjini wezinkomo, ezimbongolweni nasemhlanjini wezimvu nezimbuzi, kube intela.”

Incazelo: Kokubili abantu nezilwane bayimiphefumulo.

IzAga 12:10: “Olungile unakekela izilwane zakhe ezifuywayo.”

Incazelo: Abantu abalungile baziphatha ngendlela efanele izilwane, kuhlanganise nezifuywayo.

Mathewu 10:29: “Ondlunkulu ababili abathengiswa yini ngohlamvu lwemali lwenani elincane? Nokho ngeke kuwele phansi namunye wabo uYihlo angazi.”

Incazelo: UNkulunkulu uyaziqaphela futhi uyazikhathalela izilwane—ngisho nezinyoni ezincane.

a Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, bheka isahluko 6 sencwadi ethi Lingasifundisani IBhayibheli?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela