Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwcl isihloko 7
  • “Angisazenyezi”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Angisazenyezi”
  • IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UMLANDO WOKUPHILA KWAMI
  • INDLELA IBHAYIBHELI ELASHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI
  • INDLELA ENGIZUZE NGAYO
  • IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • “Angiseyena Uphuma-silwe”
    IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
Bheka Okunye
IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
ijwcl isihloko 7
U-Israel Martínez namuhla

IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

“Angisazenyezi”

Ilandiswa u-ISRAEL MARTÍNEZ

  • Unyaka Azalwa Ngawo: 1963

  • Izwe Azalelwa Kulo: EMexico

  • Umlando: Wayehlala emgwaqweni eseyingane; wayezizwa engelutho

U-Israel Martínez esemncane

UMLANDO WOKUPHILA KWAMI

Ngazalelwa eCiudad Obregón enyakatho yeMexico, ngingowesihlanu ezinganeni ezingu-9. Sasihlala emaphethelweni edolobha, lapho ubaba ayenepulazi elincane khona. Kwakumnandi ukuhlala lapho futhi umndeni wethu wawunobunye ujabule. Ngokudabukisayo, lapho ngineminyaka emihlanu isiphepho sacekela phansi ipulazi lakithi, kwadingeka sithuthele kwelinye idolobha.

Ubaba waqala ukuchuma ngokwezimali. Kodwa ngesikhathi esifanayo waba umlutha wotshwala. Lokho kwaba nomthelela omubi emshadweni wakhe nakithina zingane zakhe. Saqala ukubhema ugwayi esasiwuntshontsha kubaba. Ngaqala ukudakwa ngineminyaka eyisithupha nje kuphela. Ngokushesha nje ngemva kwalokho, abazali bami bahlukana futhi ngaqala ukwenza izinto ezimbi nakakhulu.

Umama wahamba nathi lapho eseyohlala nenye indoda. Yayingamniki imali, futhi sasingakwazi ukuphila ngemali ayeyihola. Ngakho mina nezingane zakithi sasizama ukusebenza, kodwa imali esasiyithola yayingazanelisi izidingo zethu eziyisisekelo. Ngangipholisha izicathulo, ngidayisa izinkwa, amaphephandaba, ushingamu nezinye izinto. Ngangibuye ngihambahambe edolobheni ngicinge ukudla emigqonyeni yabantu abacebile.

Lapho ngineminyaka engu-10 indoda ethile yangimema ukuba ngizosebenza nayo lapho kulahlwa khona udoti. Ngavuma, ngayeka isikole, ngahamba ekhaya. Yayengikhokhela imali engaphansi kuka-R7,68 ngosuku, futhi inginika ukudla okuthathwe lapho kulahlwa khona. Ngangihlala exhokovaneni engangilakhe ngezinto ezazilahliwe. Abantu abangizungezile babenolimi olungcolile futhi beziphatha kabi ngokocansi. Abaningi babeyimilutha yezidakamizwa notshwala. Kwakuyisikhathi esinzima kunazo zonke ekuphileni kwami, ngangikhala njalo ebusuku ngiqhaqhazela ngenxa yokwesaba. Ngangizenyeza ngenxa yokuthi ngangihlupheka futhi ngingafundile kangako. Ngahlala kuleyo ndawo okwakulahlwa kuyo udoti iminyaka engaba mithathu, kwaze kwaba yilapho ngithuthela kwenye indawo eMexico. Lapho, ngasebenza emasimini sikha izimbali nokotini, siqoqa umoba, sivuna namazambane.

Umfana umi endaweni yokulahla udoti, efana naleyo u-Israel Martínez ahlala kuyo iminyaka emithathu

Kwaphela iminyaka emithathu ngihlala endaweni yokulahla udoti efana nale

Ngemva kweminyaka emine ngabuyela eCiudad Obregón. U-anti wami owayeyinyanga wanginika ikamelo engangingahlala kulo kwakhe. Ngaqala ukuba namaphupho amabi, ngacindezeleka kangangokuba ngaba nemicabango yokuzibulala. Ngobunye ubusuku ngathandaza kuNkulunkulu: “Nkosi, uma ukhona, ngiyafisa ukukwazi futhi ngizokukhonza ukuphila kwami konke. Uma ikhona inkolo yeqiniso ngiyafuna ukuyazi.”

INDLELA IBHAYIBHELI ELASHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI

Ngangihlale ngithanda ukwazi ngoNkulunkulu. Ngisho ngiseyingane, ngangiya emasontweni ahlukahlukene, kodwa wonke ayengidumaza. Akukho okutheni ayekufundisa ngeBhayibheli futhi awangisizanga ukuba nganelise isifiso sami sokufuna ukwazi ngoNkulunkulu. Amanye ayethanda kakhulu imali, kuyilapho kwamanye, amalungu ayeziphatha kabi ngokocansi.

Lapho ngineminyaka engu-19, usibali wangitshela ukuthi oFakazi BakaJehova babemkhombisile ukuthi iBhayibheli lithini ngokusetshenziswa kwezithombe lapho sikhonza uNkulunkulu. Wangifundela u-Eksodusi 20:4. Lo mBhalo ukuthi akumele sizenzele imifanekiso ebaziwe. Ivesi 5 lithi: “Ungakukhothameli futhi ungayengelwa ukuba ukukhonze, ngoba mina Jehova uNkulunkulu wakho, nginguNkulunkulu ofuna abantu bazinikele kuye kuphela.” Usibali wabe esengibuza, “UNkulunkulu ubenganqaba yini ukuba sisebenzise izithombe ukube ubezisebenzisa lapho enza izimangaliso noma ukube ubefuna sizisebenzise lapho simkhonza?” Kwangenza ngacabanga. Ngemva kwalokho saba nezingxoxo eziningana ezimayelana neBhayibheli. Ngangizijabulela kakhulu lezo zingxoxo, ngangingasiboni ngisho isikhathi.

Kamuva, wahamba nami saya emhlanganweni woFakazi BakaJehova. Ngakuthanda kakhulu engakubona nengakuzwa khona. Ngisho nabasha babehlanganyela kulokho okwakwenzeka, bekhuluma ngokuzethemba epulatifomu. Ngacabanga, ‘Kuyafundwa la!’ Nakuba nganginezinwele ezinde, ngimahliphihliphi, oFakazi bangamukela ngemfudumalo. Umndeni othile waze wangimemela isidlo emzini wawo ngemva komhlangano!

Ekutadisheni kwami iBhayibheli noFakazi, ngafunda ukuthi uJehova uNkulunkulu unguBaba onothando osikhathalelayo kungakhathaliseki ukuthi isimo sethu somnotho sinjani, siqhamukaphi, singabaluphi uhlanga nokuthi sifunde kangakanani. Akakhethi ngempela. (IzEnzo 10:34, 35) Ekugcineni saneliswa isidingo sami sokufuna ukwazi uNkulunkulu. Umuzwa wokuthi kukhona okuthile okushodayo wawungasekho, ngaqala ukujabula.

INDLELA ENGIZUZE NGAYO

Ukuphila kwami kwashintsha kakhulu! Ngayeka ukubhema nokusebenzisa kabi utshwala nolimi olungcolile. Kancane kancane, inzondo enganginayo ngiseyingane yaphela, kwaphela namaphupho amabi. Waphela nomuzwa wokuthi angiyinto yalutho, engicabanga ukuthi wawubangelwe ubunzima engangidlule kubo ngiseyingane nokuthi angifundile kangako.

Nginenkosikazi ethandekayo, ethanda uJehova futhi engisekela kakhulu. Manje sengingumbonisi ojikelezayo woFakazi BakaJehova, ngivakashela amabandla ukuze ngifundise futhi ngikhuthaze abafowethu nodadewethu esikhonza nabo abanjengomndeni kimi. Ngenxa yenduduzo evela eBhayibhelini nemfundo enhle esiyinikwa uNkulunkulu, angisazenyezi.

U-Israel Martínez nomkakhe bashumayeza indoda epaki

Mina nomkami sijabulela ukusiza abanye njengoba nami ngasizwa

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela