Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwhf isihloko 1
  • Indlela Yokulawula Intukuthelo Yakho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokulawula Intukuthelo Yakho
  • Usizo Lomndeni
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okufanele ukwazi
  • Ongakwenza
  • Lithini IBhayibheli Ngentukuthelo?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ingabe Ukuthukuthela Akulungile Ngaso Sonke Isikhathi?
    I-Phaphama!—1994
  • Intukuthelo—Iyini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Into Eyinkinga Ngentukuthelo
    I-Phaphama!—2012
Bheka Okunye
Usizo Lomndeni
ijwhf isihloko 1
Inkosikazi ithukuthele lapho umyeni wayo ebukela ithelevishini, kuyilapho yona igeza izitsha

USIZO LOMNDENI

Indlela Yokulawula Intukuthelo Yakho

Oshade naye usho noma enze into ekuthukuthelisayo, kodwa wena uyazama ukufihla ukuthi uthukuthele. Nokho, yena uyabona ukuthi kukhona okungahambi kahle bese ezama ukuthola ukuthi yini. Lokho kuvele kukucasule nakakhulu. Ungakwazi kanjani ukulawula intukuthelo yakho ezimweni ezinjalo?

  • Okufanele ukwazi

  • Ongakwenza

Okufanele ukwazi

  • Ukuvuma ukulawulwa yintukuthelo kungakugulisa. Ucwaningo lubonisa ukuthi uma uvuma ukulawulwa intukuthelo, wandisa amathuba okuba ne-BP, isifo senhliziyo, isifo sokucindezeleka nezinkinga zesisu. Intukuthelo iphinde ibe nomthelela ekubeni nenkinga yokungalali kahle, ukukhathazeka ngokweqile, izinkinga zesikhumba nasekushayweni uhlangothi. Yingakho iBhayibheli lithi: ‘Hlukana nentukuthelo, ukuze ungenzi okubi.’​—IHubo 37:8.

  • Ukuzama ukufihla intukuthelo nakho kungakulimaza. Ukuhlale uthukuthele kungafana nokuba nesifo esikudlayo ngaphakathi. Ngokwesibonelo, ungaqala ukuba nomkhuba wokugxeka nokungabethembi abanye. Lokho kungenza kube nzima ngabanye ukuphila nawe, futhi kungalimaza nomshado wakho.

Ongakwenza

  • Gxila ezintweni oshade naye azenza kahle. Bhala izinto ezintathu ozithandayo koshade naye. Uma enza into ekuthukuthelisayo, cabanga ngalezo zinto ezinhle ozibhalile. Lokho kungakusiza ulawule intukuthelo yakho.

    Okushiwo iBhayibheli: “Ziboniseni ningababongayo.”​—Kolose 3:​15.

    Inkosikazi ematasa, icabanga ngokuthi umyeni wayo uyayisiza ekwenzeni imisebenzi yasekhaya, uyayilalela futhi uyayinakekela lapho igula
  • Zifundise ukuthethelela. Okokuqala, zama ukucabanga isizathu esenze oshade naye wenza lokho akwenzile. Lokho kuzokusiza uzifake ezicathulweni zakhe, uzame ukuba ‘nomqondo ofana’ nowakhe, njengoba iBhayibheli lisho. (1 Petru 3:8) Yibe usuzibuza, ‘Ingabe into engithukuthelisile yimbi kangangokuba ngeke ngikwazi ukumxolela?’

    Okushiwo iBhayibheli: “Kungubuhle  . . ukweqa isiphambeko.”​—IzAga 19:11.

  • Veza indlela ozizwa ngayo ngendlela engeke imcasule. Khuluma ngawe, esikhundleni sokukhuluma ngaye. Ngokwesibonelo, esikhundleni sokuthi “Awungicabangeli ngokuhamba bese ungafoni ukuze ngazi ukuthi ukuphi,” kunalokho ithi, “Uma sekusebusuku ngingazi ukuthi ukuphi, ngiyakhathazeka ngoba ngisuke ngingazi ukuthi uphephile yini.” Ukukhuluma ngomusa nangendlela ezolile kungakusiza ukuba ulawule intukuthelo yakho.

    Okushiwo iBhayibheli: “Amazwi enu ngaso sonke isikhathi mawabe nomusa, ayoliswe ngosawoti.”—Kolose 4:6.

  • Lalela ngenhlonipho. Ngemva kokusho okukukhathazayo, vumela noshade naye ukuba akhulume, ungamngeni emlonyeni. Lapho eseqedile ukukhuluma, kuphinde lokho akushilo ukuze ubone ukuthi umuzwe kahle yini. Ukufunda ukulalela kubalulekile ukuze ulawule intukuthelo yakho.

    Okushiwo iBhayibheli: ‘Shesha ukuzwa, uphuze ukukhuluma.’—Jakobe 1:19.

UTim noJennifer

“Uma uvalela intukuthelo, inkinga ingaqhubeka ikhula bese ekugcineni wenza into oyozisola ngayo. Kungcono ukukhuluma ngenkinga ngomoya ophansi. Ngemva kokuxoxa ngenkinga, mina nomyeni wami sivame ukuthi, ‘Asiqhubeke singabangane.’”​—UJennifer nomyeni wakhe uTim.

UJade noCorey

“Into engiyithandayo ngomyeni wami ukuthi uyangilalela, futhi uyaziqonda izinto ezingikhathazayo. Ngisho noma engavumelani nami, uyazinika isikhathi sokucabanga ngalokho engikushoyo. Akangenzi ngizizwe sengathi ngikhathazwa yinto ewubala.”​—UJade nomyeni wakhe uCorey.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela