Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 141
  • Ingabe Umhlaba Uzobhujiswa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Umhlaba Uzobhujiswa?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo yeBhayibheli
  • Ingabe abantu bazowubhubhisa umhlaba?
  • Kanti iBhayibheli alisho yini ukuthi umhlaba uzobhujiswa ngomlilo?
  • Umhlaba
    Ukubonisana NgemiBhalo
  • Ingabe Umhlaba Uyobhujiswa Ngomlilo?
    I-Phaphama!—1997
  • Ingabe Lo Mhlaba Uzophela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2021
  • Ingabe Umhlaba Uzophela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 141
Iplanethi ewumhlaba, iyizicucu

Ingabe Umhlaba Uzobhujiswa?

Impendulo yeBhayibheli

Cha, iplanethi yethu ewumhlaba ayisoze yabhujiswa, noma yashiswa, noma kwenziwe umhlaba omusha esikhundleni sayo. IBhayibheli lithi uNkulunkulu wadala umhlaba ukuze kuhlalwe kuwo phakade.

  • “Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.”​—IHubo 37:29.

  • “[UNkulunkulu] usekelé umhlaba phezu kwezindawo zawo ezimisiweyo; ngeke untengantengiswe kuze kube nini nanini, noma kuze kube phakade.”—IHubo 104:5.

  • “Umhlaba umi kuze kube nini nanini.”​—UmShumayeli 1:4.

  • “UMbumbi womhlaba noMenzi wawo, Yena owawumisa waqina, ongazange awudalele ize nje, owawubumba ukuze uhlalwe ngisho nokuhlalwa.”—Isaya 45:18.

Ingabe abantu bazowubhubhisa umhlaba?

UNkulunkulu ngeke avume ukuba abantu babhubhise umhlaba ngezikhali zempi, noma ngokuwungcolisa, noma ngezinye izindlela. Kunalokho, ‘uzochitha labo abachitha umhlaba.’ (IsAmbulo 11:18) Uzokwenza kanjani lokho?

UNkulunkulu uzosusa ohulumeni babantu abahlulekile ukunakekela umhlaba, bese eletha uMbuso wasezulwini. (Daniyeli 2:44; Mathewu 6:9, 10) INkosi yalowo Mbuso, nguJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu. (Isaya 9:​6, 7) Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wasebenzisa amandla akhe amangalisayo ukuze alawule imvelo. (Marku 4:​35-​41) NjengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, uJesu uzokwazi ukulawula umhlaba nakho konke okukuwo. Uzodala kabusha, noma avuselele izinto ezikhona emhlabeni, ukuze zibuyele kulokho ezaziyikho ensimini yase-Edene.​—Mathewu 19:28; Luka 23:43

Kanti iBhayibheli alisho yini ukuthi umhlaba uzobhujiswa ngomlilo?

Cha, alisho. Lowo mbono oyiphutha ubangelwa ukungayiqondi kahle incwadi yesi-2 Petru 3:7, ethi: “Amazulu nomhlaba okukhona manje abekelwe umlilo.” Cabanga ngala maphuzu amabili abalulekile asisiza siqonde ukuthi usho ukuthini lo mBhalo:

  1. Amagama aseBhayibhelini athi “amazulu,” “umhlaba,” “umlilo,” anezincazelo eziningi. Ngokwesibonelo, uGenesise 11:1 uthi: “Umhlaba wonke waqhubeka unolimi olulodwa.” Lapha, igama elithi “umhlaba” lisho abantu.

  2. Ukuze sithole ukuthi amazulu, umhlaba nomlilo okukhulunywa ngakho kweye-2 Petru 3:7 kubhekisela kuphi, kufanele sifunde namanye amavesi akulesi sahluko. Amavesi 5 no-6 akulesi sahluko, akhuluma ngalokho okwenzeka ngesikhathi sikazamcolo ngosuku lukaNowa. Ngaleso sikhathi, abantu babhujiswa kodwa umhlaba, oyiplanethi esihlala kuyo, waqhubeka ukhona. Ngakho, “umhlaba” owakhukhulwa uzamcolo, ungumphakathi wabantu ababenodlame. (Genesise 6:​11) Kwabhujiswa “namazulu,” okwakungabantu ababebusa ngaleso sikhathi. Ngakho ngabantu ababi ababhujiswa, hhayi iplanethi ewumhlaba. UNowa nomndeni wakhe basinda, futhi baqhubeka bephila kuwona umhlaba ngemva kukazamcolo.​—Genesise 8:​15-​18.

“Umlilo” okukhulunywa ngawo kweye-2 Petru 3:7 uzobhubhisa abantu ababi, hhayi iplanethi yethu ewumhlaba, njengoba kwenzeka nangozamcolo. UNkulunkulu uthembisa ukuthi uzoletha “amazulu amasha nomhlaba omusha” lapho ‘kuyohlala khona ukulunga.’ (2 Petru 3:​13) UMbuso kaNkulunkulu, ‘ongamazulu amasha,’ uyobusa ‘umhlaba omusha,’ ongabantu abalungile. Lapho sekubusa lo Mbuso, umhlaba uyoba ipharadesi elinokuthula.​—IsAmbulo 21:1-4.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela