Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 69
  • Kungani Kufanele Ngithandaze?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Kufanele Ngithandaze?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uyini umthandazo?
  • Uyalalela yini uNkulunkulu uma ngithandaza?
  • Yini engingayithandazela?
  • Sondela KuNkulunkulu Ngomthandazo
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Umthandazo Uyilungelo Elikhethekile
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Indlela Ongasondela Ngayo KuNkulunkulu
    Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade
  • Sondela KuNkulunkulu Ngomthandazo
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 69
Intombazane ihleli eduze kwedamu

INTSHA IYABUZA

Kungani Kufanele Ngithandaze?

Ucwaningo olwenziwa eMelika lwabonisa ukuthi amaphesenti angu-80 entsha ayathandaza, kodwa ngamaphesenti angu-50 kuphela ayo athandaza zonke izinsuku. Kungenzeka abanye bayo bayazibuza, ‘Ingabe ukuthandaza kumane nje kuyinto engenza ngizizwe ngcono?’

  • Uyini umthandazo?

  • Uyalalela yini uNkulunkulu uma ngithandaza?

  • Yini engingayithandazela?

  • Okushiwo ontanga yakho

Uyini umthandazo?

Umthandazo uyindlela yokukhuluma noMdali. Cabanga nje ukuthi kusho ukuthini lokho! UJehova uphakeme kunathi sonke, kodwa ‘akakude kulowo nalowo kithi.’ (IzEnzo 17:27) Eqinisweni, sithola lesi simemo eBhayibhelini: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.”—Jakobe 4:8.

Ungasondela kanjani kuNkulunkulu?

  • Ngomthandazo—okuyindlela okhuluma ngayo noNkulunkulu.

  • Ngokutadisha iBhayibheli—okuyindlela uNkulunkulu akhuluma ngayo nawe.

Ukuxhumana ngale ndlela noNkulunkulu, ngomthandazo nangokutadisha iBhayibheli, kungakusiza wakhe ubungane obuqinile naye.

“Ukukhuluma noJehova, oPhezukonke, kuyilungelo elingenakuqhathaniswa aliphe abantu.”—UJeremy.

“Ukutshela uJehova imizwa yami ejulile lapho ngithandaza, kungenza ngisondelane nakakhulu naye.”—UMiranda.

Uyalalela yini uNkulunkulu uma ngithandaza?

Kungase kube nzima ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu ulalele lapho uthandaza, ngisho noma ukholelwa kuye. Noma kunjalo, iBhayibheli libiza uJehova ngokuthi ‘uMuzwi womthandazo.’ (IHubo 65:2) Lize likumeme ukuba ‘uphonse zonke izinkathazo zakho phezu kwakhe.’ Kungani? ‘Ngoba uyakukhathalela.’—1 Petru 5:7.

Ongacabanga ngakho: Uyasenza yini isikhathi sokukhuluma nabangane bakho njalo? Ungenza okufanayo nangoNkulunkulu. Thandaza kuye njalo, usebenzise igama lakhe elithi, Jehova. (IHubo 86:5-7; 88:9) IBhayibheli likumema ukuba ‘uthandaze ungaphezi.’—1 Thesalonika 5:17.

“Umthandazo uyingxoxo eba phakathi kwami noBaba wami osezulwini, futhi ngimthululela sonke isifuba.”​—UMoises.

“UJehova ngimxoxela izinto ezijulile, ngendlela engingenza ngayo uma ngikhuluma nomama noma nomngane engimethembayo.”​—UKaren.

Yini engingayithandazela?

IBhayibheli lithi: “Kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga.”—Filipi 4:6.

Ingabe lokho kusho ukuthi kulungile ukutshela uNkulunkulu izinkinga zakho? Yebo! Empeleni, iBhayibheli lithi: “Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, yena uyokusekela.”—IHubo 55:22.

Nokho, lapho uthandaza kuNkulunkulu akufanele ukhulume ngezinkinga zakho kuphela. Osemusha obizwa ngokuthi uChantelle uthi, “Bengingeke ngibe nobungane obuhle noJehova uma bengihlale ngicela usizo kuphela. Ngicabanga ukuthi into ebalulekile ukubonga, futhi kuningi okufanele ngimbonge ngakho.”

Ongacabanga ngakho: Yiziphi izinto ezenzeke ekuphileni kwakho ongabonga ngazo? Ungacabanga yini ngezinto ezintathu ongambonga ngazo uJehova namuhla?

“Ngisho nezinto ezincane, njengembali enhle, zingakwenza ufise ukubonga uJehova.”—U-Anita.

“Zindla ngento ethile oyithanda kakhulu endalweni kaNkulunkulu noma ngevesi elithile elikuthinta inhliziyo, bese ubonga uNkulunkulu ngakho.”—UBrian.

Okushiwo ontanga yakho

UMoises

“Imithandazo yakho kufanele ijule njengolwandle ingafani nexhaphozi nje. UJehova uyafuna ukusisiza futhi uyazi ukuthi yini esiyidingayo ngisho singakamceli. Noma kunjalo, lapho sithandaza ngokujulile kuye sisuke sibonisa ukuthi simethemba kangakanani.”—UMoises.

UMiranda

“Umthandazo ufana nentambo eqinile ebanjwe yimina kolunye uhlangothi noJehova kolunye. Lapho ngithululela uJehova isifuba, kuba sengathi ngilubamba ngokuqinile uhlangothi lwami, kanti lapho uJehova esephendula ubuhlobo bami naye buyaqina.”​—UMiranda.

UJeremy

“Uma singanakile, singagcina sesicela nje kuphela lapho sithandaza. Kodwa lapho simbonga uJehova, siyaziqaphela izinto asenzela zona futhi asigcini ngokuthandazela izinto esizidingayo nje kuphela.”—UJeremy.

UShelby

“Ukubonga uJehova lapho sithandaza kusisiza sinake kakhulu izinto ezinhle asenzela zona kunezinkinga esibhekene nazo.”​—UShelby.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela