Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 66
  • Yini Engingayenza Uma Ngihlukene Nomuntu Ebengithandana Naye?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Engingayenza Uma Ngihlukene Nomuntu Ebengithandana Naye?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kuba njani
  • Ongakwenza
  • USIZO LOMKHAYA | INTSHA
    I-Phaphama!—2015
  • Ngingakwamukela Kanjani Ukuthi Sesihlukene?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Ngingakwamukela Kanjani Ukuthi sesihlukene?
    I-Phaphama!—2009
  • Ngingalulama Kanjani Enhliziyweni Ebuhlungu?
    I-Phaphama!—1988
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 66
Insizwa ephatheke kabi ibambe umgexo onenhliziyo

INTSHA IYABUZA

Yini Engingayenza Uma Ngihlukene Nomuntu Ebengithandana Naye?

USteven uthi, “Ngemva kokuba ngihlukene nentombi yami, ngacindezeleka kakhulu. Angikaze ngibuzwe ubuhlungu obunje ekuphileni kwami.”

Kwake kwenzeka yini lokho nakuwe? Uma kunjalo, lesi sihloko sizokusiza.

  • Kuba njani?

  • Ongakwenza

Kuba njani

Lapho abantu abathandanayo behlukana, bobabili bezwa ubuhlungu.

  • Uma kunguwe owathi anihlukane, uzoyiqonda indlela uJasmine azizwa ngayo, uthi “Ukwazi ukuthi ngazwisa umuntu engimthandayo ubuhlungu, kwawuhlupha kakhulu unembeza wami futhi angafisi ukuba kuphinde kwenzeke.”

  • Uma kungewena owathi nihlukane, kungenzeka uzoqonda ukuthi kungani abanye bazizwa sengathi bayafa ngesikhathi baliwe. Intombazane okuthiwa uJanet ithi, “Ngafikelwa yimizwa efikela abantu abasosizini. Ngaqale ngangakholwa, ngathukuthela, ngancenga, ngacindezeleka. Kwase kuthi ekugcineni, cishe ngemva konyaka, kwayima ngamukela.”

Nanti iphuzu: Ukuhlukana nomuntu omthandayo kuzwisa ubuhlungu. Kunjengoba umlobi weBhayibheli asho: “Umoya omunyu womisa amathambo.”—IzAga 17:22.

Ongakwenza

  • Umuntu uyakhuluma

    Xoxa nomuntu ongamethemba. IBhayibheli lithi: “Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi, futhi ungumfowabo womuntu ozalelwe isikhathi sosizi.” (IzAga 17:17) Ukuxoxa nomzali noma umngane ohlakaniphile kungakusiza ubheke izinto ngendlela efanele.

    “Kwaphela izinyanga ngizihlalela ngedwa futhi ngingaxoxi namuntu ngendlela engangizizwa ngayo. Kodwa abangane bangaba usizo kuleso sikhathi. Ngazizwa ngingcono ngemva kokuba sengikhulume nabo.”​—UJanet.

  • Ingqondo yomuntu

    Funda kokwenzekile. Esinye isaga seBhayibheli sithi: “Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda.” (IzAga 4:5) Izinto ezibuhlungu ezenzeka ekuphileni kwethu zingasifundisa lukhulu ngathi, nokuthi yini okufanele siyenze uma sidumazekile.

    “Ngemva kokuhlukana nomuntu engangithandana naye, umngane wami wangibuza, ‘Yini oyifundile kokwenzekile, futhi kuzokusiza kanjani lapho uphinde uthandana nothile?’”​—USteven.

  • Umuntu othandazayo

    Thandaza. IBhayibheli lithi: “Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, yena uyokusekela.” (IHubo 55:22) Ukuthandaza kungakusiza ubhekane nosizi lwakho futhi ube nombono ofanele ngesimo okuso.

    “Thandaza njalo. UJehova uyabuqonda ubuhlungu obuzwayo futhi usazi kangcono kunawe isimo obhekene naso.”​—UMarcia.

  • Isandla esiletha usizo

    Siza abanye. IBhayibheli lithi: “Ningakhathaleli nje kuphela izindaba zenu siqu, kodwa futhi nikhathalele nezabanye.” (Filipi 2:4) Uma usiza abanye, kuyokusiza usheshe ukwazi ukubheka izinto ngendlela efanele.

    “Uma uhlukene nomuntu obuthandana naye kuba sengathi ushaywe umhlaba, futhi ubuhlungu obuzwayo budlula obokulimala. Kodwa ngathola ukuthi kuba ngcono ngokuhamba kwesikhathi. Kwakudingeka ngizinike isikhathi sokululama.”​—U-Evelyn.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela