Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwfq isihloko 50
  • OFakazi BakaJehova Bayibheka Kanjani Imingcwabo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • OFakazi BakaJehova Bayibheka Kanjani Imingcwabo?
  • Imibuzo Evame Ukubuzwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uba njani umngcwabo woFakazi?
  • Ingabe oFakazi bayaya emingcwabeni eqhutshwa ezinye izinkolo?
  • Imingcwabo YamaKristu Ihloniphekile, Inesizotha Futhi Ijabulisa UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Umbono WamaKristu Ngamasiko Omngcwabo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Ingabe Kufanele Bahlonishwe Abafileyo?
    I-Phaphama!—1999
  • Ukwenza Umthwalo Wokufa Ube Lula
    I-Phaphama!—1992
Bheka Okunye
Imibuzo Evame Ukubuzwa
ijwfq isihloko 50
Omunye woFakazi BakaJehova unikeza inkulumo emngcwabeni

OFakazi BakaJehova Bayibheka Kanjani Imingcwabo?

Imibono yethu nendlela esenza ngayo ngokuphathelene nemingcwabo sikusekela ezimfundisweni zeBhayibheli, ezihlanganisa nalezi:

  • Kungokwemvelo ukuba lusizi lapho ushonelwe umuntu omthandayo. Abafundi bakaJesu baba lusizi lapho kufa abathandekayo babo. (Johane 11:33-35, 38; IzEnzo 8:2; 9:39) Ngakho, isikhathi somngcwabo asisibheki njengesikhathi semibuthano exokozelayo. (UmShumayeli 3:1, 4; 7:1-4) Kunalokho, sisibheka njengesikhathi sokubonisa uzwela.​—Roma 12:15.

  • Abafile abezwa lutho. Kungakhathaliseki ukuthi sivela kusiphi isizinda noma ubuzwe, siyawagwema amasiko noma imikhuba esekelwe enkolelweni engqubuzana nemiBhalo yokuthi abafile bayezwa futhi banethonya kulabo abaphilayo. (UmShumayeli 9:5, 6, 10) Lokhu kuhlanganisa amasiko anjengemilindelo, imikhosi eyeqisayo yemingcwabo neyezinsuku zokukhumbula abafileyo, ukuhlabela abafileyo, ukukhuluma nokushweleza kwabafileyo namasiko okuzila. Sigwema wonke la masiko nemikhuba ngenxa yokulalela umyalo weBhayibheli othi: “Nizihlukanise, . . . futhi niyeke ukuthinta into engcolile.”—2 Korinte 6:17.

  • Likhona ithemba ngabafileyo. IBhayibheli lifundisa ukuthi kuyoba khona uvuko nesikhathi lapho ukufa kuyobe kungasekho. (IzEnzo 24:15; IsAmbulo 21:4) Leli themba lisisiza ukuba sigweme amasiko eqisayo okulila, njengoba nje lasiza amaKristu ekhulu lokuqala.​—1 Thesalonika 4:13.

  • IBhayibheli likhuthaza isizotha. (IzAga 11:2) Asikholelwa ukuthi umngcwabo kufanele ube ithuba “lokugabisa” ngezinga lomuntu lokuphila noma ngesimo sakhe sezomnotho. (1 Johane 2:16) Asenzi amalungiselelo omngcwabo eqisayo ahloselwe ngokuyinhloko ukujabulisa abantu noma anebhokisi lomngcwabo elibiza ngokwedlulele kanye nengqephu.

  • Asizami ukuphoqelela izinkolelo zethu ngokuphathelene nemingcwabo kwabanye. Kule ndaba silandela isimiso esithi: “Ngamunye wethu uyozilandisela kuNkulunkulu.” (Roma 14:12) Nokho, lapho sinikezwa ithuba, siyazama ukuchaza izinkolelo zethu “ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.”—1 Petru 3:15.

Uba njani umngcwabo woFakazi?

Indawo: Uma umndeni ukhetha ukuba nomngcwabo, ungenzelwa kunoma iyiphi indawo ekhethwa umndeni, njengaseHholo LoMbuso, endaweni yabangcwabi, ekhaya, endaweni yokushiswa noma emathuneni.

Inkonzo: Kuba nenkulumo yokududuza abashonelwe echaza lokho okushiwo iBhayibheli ngokufa nangethemba lovuko. (Johane 11:25; Roma 5:12; 2 Petru 3:13) Isimiso somngcwabo singase sikhumbuze izilaleli ngezimfanelo ezinhle zomufi, mhlawumbe siqokomise izinto ezithile ezikhuthazayo ezingafundwa yizilaleli esibonelweni sakhe sokwethembeka.—2 Samuweli 1:​17-​27.

Kungase kuculwe ingoma esekelwe emiBhalweni. (Kolose 3:​16) Isimiso siphethwa ngomthandazo oduduzayo.​—Filipi 4:6, 7.

Inkokhiso noma inkongozelo: Asikhokhisi ngezinkonzo zenkolo, kuhlanganise nemingcwabo, futhi asithathi nkongozelo emihlanganweni yethu.​—Mathewu 10:8

Abangeza: Abangebona oFakazi bamukelekile ukuza emngcwabeni oseHholo LoMbuso. Njengakweminye imihlangano yethu, umphakathi uvumelekile ukuza enkonzweni yomngcwabo.

Ingabe oFakazi bayaya emingcwabeni eqhutshwa ezinye izinkolo?

UFakazi ngamunye uyazinqumela ngokuvumelana nonembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli. (1 Thimothewu 1:19) Nokho, asihlanganyeli emikhosini engokwenkolo esiyibona ingqubuzana neBhayibheli.​—2 Korinte 6:​14-​17.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela