Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 57
  • Kungani Kumelwe Ngenze Ukuthula Nezingane Zakithi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Kumelwe Ngenze Ukuthula Nezingane Zakithi?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Abangane abakhulu abavame ukuxabana”
  • Izizathu ezimbili zokwenza ukuthula
  • Ngingasebenzelana kanjani nezingane zakithi?
    I-Phaphama!—2010
  • Ngingaba Kanjani Isibonelo Kubafowethu Nodadewethu Abancane?
    I-Phaphama!—1991
  • Singaphila Kanjani Ngokuzwana Nezingane Zakithi?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Kungani Kufanele Ngibe Uthunjana?
    I-Phaphama!—1992
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 57
Ubhuti nosisi benza ipizza ndawonye

INTSHA IYABUZA

Kungani Kumelwe Ngenze Ukuthula Nezingane Zakithi?

  • “Abangane abakhulu abavame ukuxabana”

  • Izizathu ezimbili zokwenza ukuthula

  • Okushiwo ontanga

“Abangane abakhulu abavame ukuxabana”

Izingane zandawonye ziye zabizwa ngokuthi “abangane abakhulu ongaba nabo kodwa abaxabana njalo.” Uyazithanda nazo ziyakuthanda​—kodwa ngezinye izikhathi kuba sengathi anizwani nhlobo. UHelena oneminyaka engu-18 uthi: “Umfowethu omncane uyangicasula. Uzazi kahle izindlela zokungicasula nezikhathi ezikahle zokukwenza lokho!”

Ezinye izingxabano zezingane zandawonye zingaxazululeka kalula nje ngokusebenzisa amakhono okukhulumisana kahle nokuxoxa. Ngokwesibonelo:

  • Abafana ababili abayizelamani abasebenzisa ikamelo elilodwa bangabanga indaba yokunikana isikhathi sokuthi ngamunye abe yedwa ekamelweni. Isixazululo? Fundani ukwehlela ngezansi ninikane isikhathi ngamunye asidingayo sokuba yedwa. Sebenzisani isimiso seBhayibheli esitholakala kuLuka 6:​31.

  • Amantombazane amabili ayizelamani angasebenzisa izingubo zokugqoka zomunye nomunye ngaphandle kokucela. Isixazululo? Xoxani ngakho bese nibeka imingcele enengqondo. Sebenzisani isimiso seBhayibheli esitholakala kweyesi-2 Thimothewu 2:​24.

Kwezinye izimo, izinkinga phakathi kwezelamani ziba nkulu kakhulu futhi zingaba nemiphumela enzima. Cabanga ngezibonelo ezimbili eziseBhayibhelini:

  • UMiriyamu no-Aroni babenomona ngomfowabo uMose, kwaba nemiphumela edabukisayo. Funda ukulandisa okukuNumeri 12:​1-​15. Yibe usuzibuza: ‘Ngingakugwema kanjani ukuba nomona ngengane yakithi?’

  • Intukuthelo kaKhayini yakhula kwaze kwaba sezingeni lokubulala umfowabo u-Abela. Funda ukulandisa okukuGenesise 4:​1-​12. Yibe usuzibuza: ‘Ngingayilawula kanjani intukuthelo yami lapho ngisebenzelana nomfowethu noma udadewethu?’

Izizathu ezimbili zokwenza ukuthula

Noma kunganzima kangakanani ukuzwana nezingane zakini, kunezizathu okungenani ezimbili ezenza kube kuhle ukwenza umzamo.

  1. Kuwuphawu lokuvuthwa. Insizwa ebizwa ngo-Alex ithi: “Ngangivame ukuba nenhliziyo encane lapho ngisebenzelana nodadewethu ababili abancane. Manje sengehlisa umoya futhi ngibabonise isineke. Ungasho nje ukuthi, sengikhulile.”

    IBhayibheli lithi: “Owephuzayo ukuthukuthela ugcwele ukuqonda, kodwa ongenaso isineke uphakamisa ubuwula.”​—IzAga 14:29.

  2. Kukuqeqeshela kahle ikusasa. Uma ungakwazi ukubekezelela ukushiyeka kwezingane zakini, uyokwazi kanjani ukuphilisana noshada naye, osebenza naye, umqashi kanye nanoma ubani okuyodingeka usebenzelane naye?

    Iqiniso elingenakuphikwa: Ukuphumelela kwanoma yibuphi ubudlelwane oyoba nabo esikhathini esizayo kuyoncika emakhonweni akho okukhulumisana nokuxoxisana, futhi ayikho enye indawo engcono yokuhlakulela lawo makhono okudlula ekhaya.

    IBhayibheli lithi: “Ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke.”​—Roma 12:18.

Ungalujabulela usizo ekuxazululeni izinkinga nezingane zakini? Funda isihlokwana esithi “Okushiwo ontanga,” bese ubheka ishadi lomsebenzi elihambisana naso elithi, “Ukuzwana Nezingane Zakini.”

Okushiwo ontanga

UJessica

“Nginosisi abancane abathathu, futhi ngingasho nje ukuthi ukugcina ubudlelwane bami nabo bubuhle akulula ngaso sonke isikhathi. Ngesikhathi esifanayo, ngiye ngaqaphela ukuthi yibo abantu abangazi kangcono futhi abayohlale bengisekela.”​—UJessica.

UTyler

“Kunezikhathi lapho ngimcasula khona umfowethu kanti naye kunezikhathi lapho engicasula khona. Kodwa ngiyamthanda. Ubelokhu ewumuntu ongenza ngizethembe. Ngiyayithanda indlela azimisela ngayo​—akalilahli ithemba futhi uhlale enza okungaphezu kokulindelekile.”​—UTyler.

UCameo

“Ngiyakuthanda ukuba nabantu, ngakho ukuba nobhuti abancane ababili kumnandi. Njengoba bengabafana, ukuba nabo kungifundise okuningi ngendlela yokuphatha abantu abangafani nami. Kuyilungelo ukuba nobhuti abahle kanje.”​—UCameo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela