Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwfq isihloko 48
  • Umuntu Angakwazi Yini Ukwesula Njengomunye WoFakazi BakaJehova?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umuntu Angakwazi Yini Ukwesula Njengomunye WoFakazi BakaJehova?
  • Imibuzo Evame Ukubuzwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kuthiwani uma umuntu engasayi koshumayela noma emihlanganweni? Ingabe umuntu onjalo uthathwa njengowesulile?
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Kuyosala Inkolo Eyodwa
    I-Phaphama!—1996
  • Indlela Amabandla Ahlelwe Ngayo
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Lalelani Abaholayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
Bheka Okunye
Imibuzo Evame Ukubuzwa
ijwfq isihloko 48
Indoda iyaphuma eHholo LoMbuso

Umuntu Angakwazi Yini Ukwesula Njengomunye WoFakazi BakaJehova?

Yebo. Umuntu angayishiya inhlangano yethu ngezindlela ezimbili:

  • Ngokufaka isaziso. Umuntu angasho ngomlomo noma ngencwadi ebhaliwe ukuthi akasafuni ukwaziwa njengomunye woFakazi BakaJehova.

  • Ngezenzo. Umuntu angathatha isinyathelo esenza kucace ukuthi akasafuni ukubhekwa njengoyingxenye yenhlangano yethu yomhlaba wonke. (1 Petru 5:9) Ngokwesibonelo, angahamba ayosonta kwenye inkolo futhi akwenze kucace ukuthi usefisa ukuqhubeka nayo.​—1 Johane 2:19.

Kuthiwani uma umuntu engasayi koshumayela noma emihlanganweni? Ingabe umuntu onjalo uthathwa njengowesulile?

Cha, akunjalo. Ukwesula noma ukuzehlukanisa kwehlukile kunokuba buthaka okholweni. Labo okuye kwenzeka ngesinye isikhathi banciphisa noma bayiyeka inkonzo yabo, ngokuvamile basuke bengalulahlile ukholo lwabo kodwa bemane behlushwa imizwa yokudikibala. Kunokubafulathela abanjalo, sizama ukubaduduza futhi sibasekele. (1 Thesalonika 5:14; Jude 22) Uma umuntu efuna usizo, abadala bebandla bayahola ekunikezeni usizo olungokomoya.​—Galathiya 6:1; 1 Petru 5:1-3.

Nokho, abadala abanayo imvume yokuphoqa noma yokucindezela umuntu ukuba aqhubeke engomunye woFakazi BakaJehova. Umuntu ngamunye uzenzela isinqumo sakhe ngokuphathelene nenkolo. (Joshuwa 24:15) Sikholelwa wukuthi labo abakhonza uNkulunkulu kumelwe bakwenze ngokuzithandela nangokusuka enhliziyweni.​—IHubo 110:3; Mathewu 22:37.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela