Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 49
  • Ingabe Kunendaba Ukuthi Ngikhetha Muphi Umculo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Kunendaba Ukuthi Ngikhetha Muphi Umculo?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izinzuzo
  • Izingozi
  • Ngingawugcina Kanjani Umculo Usendaweni Yawo?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Ngingawugcina Kanjani Umculo Usendaweni Yawo?
    I-Phaphama!—1993
  • Ingabe Uyokhetha Ngokuhlakanipha?
    I-Phaphama!—2011
  • Umculo—Ingabe Ungaba Yingozi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 49
Intombazane ilalele umculo emshinini wayo wezobuchwepheshe

INTSHA IYABUZA

Ingabe Kunendaba Ukuthi Ngikhetha Muphi Umculo?

“Lapho ngilungela ukuqala kosuku, ngilalela umculo. Lapho ngingena emotweni, ngilalela umculo. Lapho ngisekhaya ngiziphumulele, ngihlanza indlu, noma ngisho ngifunda—kusuke kudlala umculo. Ngihlale ngilalele umculo.”—UCarla.

Ingabe nawe uwuthanda njengoCarla umculo? Uma kunjalo, lesi sihloko sizokusiza ujabulele izinzuzo zawo, ugweme izingozi, futhi uwukhethe ngobuhlakani umculo owulalelayo.

  • Izinzuzo

  • Izingozi

  • Okushiwo ontanga yakho

Izinzuzo

Ukulalela umculo kungafaniswa nokudla ukudla. Kukho kokubili, ukukhetha uhlobo olufanele nesilinganiso esifanele kungakuzuzisa. Cabanga ngalokhu:

  • Umculo ungathuthukisa indlela ozizwa ngayo.

    “Uma usuku lwami lungahambi kahle, ngivele ngifake umculo engiwuthandayo bese ngizizwa ngingcono cishe ngaso leso sikhathi.”—UMark.

  • Umculo ungakwenza ukhumbule ezakudala.

    “Ngokuvamile, iculo elithile lingangikhumbuza isenzakalo esithile sakudala, ngakho ngiyajabula njalo uma ngilizwa lelo culo.”—USheila.

  • Umculo ungakha isibopho esinamandla sobunye.

    “Ngangisemhlanganweni wezizwe woFakazi BakaJehova futhi zonke izihambeli zacula ndawonye iculo lokuphetha, ngafikelwa izinyembezi. Sasikhuluma izilimi ezihlukene, kodwa umculo wasenza saba munye.”—UTammy.

  • Umculo ungakusiza uhlakulele izimfanelo eziyigugu.

    “Ukufunda ukudlala insimbi yomculo kukusiza ube nokuzithiba futhi ubekezele. Ngeke uvele ube umpetha ngokushesha. Okuwukuphela kwendlela yokuthuthuka kukho, ukuprakthiza.”—U-Anna.

Ingabe bewazi? Incwadi ende kunazo zonke eBhayibhelini—AmaHubo—yakhiwa amaculo angu-150.

Insizwa ibuka ama-apula abolile

Khetha umculo ngendlela okhetha ngayo ukudla

Izingozi

Omunye umculo, njengokudla okonakele, ungaba ushevu. Cabanga ngezizathu zalokhu.

  • Amaculo amaningi anamazwi akhuluma ingcaca ngocansi.

    “Kubonakala sengathi wonke amaculo athandwayo akhuluma ngocansi nje kuphela. Abasazami ngisho nokukusho ngezindlela eziphansi.”—UHannah.

    IBhayibheli lithi: “Ubufebe nokungcola kwazo zonke izinhlobo noma ukuhaha makungaphathwa nakuphathwa phakathi kwenu.” (Efesu 5:3) Zibuze, ‘Ingabe umculo engiwulalelayo ungenza ngingasilaleli lesi siyalo?’

  • Omunye umculo ungakwenza ube lusizi.

    “Ngezinye izikhathi ebusuku ngilalela umculo ongenza ngicabange ngezinto ezingicindezelayo futhi ezingikhungathekisayo. Umculo odabukisayo ungangilethela imicabango engakhi.”—UTammy.

    IBhayibheli lithi: “Ngaphezu kwakho konke okumelwe kuqashelwe, qapha inhliziyo yakho.” (IzAga 4:23) Zibuze, ‘Ingabe umculo wami ungenza ngigxile ezintweni ezingakhi?’

  • Omunye umculo ungakwenza ube nolaka.

    “Umculo onolaka, ozwakalisa ukungazithandi nenzondo, uyingozi ecashile kimi. Ngaphawula umehluko endleleni engizizwa ngayo ngemva kokulalela lolo hlobo lomculo. Nomndeni wami wawuphawula lowo mehluko.”—UJohn.

    IBhayibheli lithi: “Kodwa ngempela manje kulahleni konke kude nani, ulaka, intukuthelo, ububi, inkulumo eyihlazo, nenkulumo eyichilo ephuma emlonyeni wenu.” (Kolose 3:8) Zibuze, ‘Ingabe umculo engiwulalelayo ungenza ngibe nodlame, mhlawumbe ngize ngingayicabangeli imizwa yabanye?’

Liyini iphuzu eliyinhloko? Khetha. Yilokho osemusha okuthiwa uJulie azama ukukwenza. Uthi: “Ngihlale ngiwubukeza njalo umculo engiwulalelayo futhi ngilahle noma yini engibonayo ukuthi ayifaneleki. Akulula ngaso sonke isikhathi, kodwa ngiyazi ukuthi yinto okufanele ngiyenze.”

Intokazi okuthiwa uTara nayo ithola okufanayo. Ithi: “Ngezinye izikhathi kukhala iculo elinesigqi esimnandi emsakazweni, kodwa ngibe sengilalela amagama bese ngiyabona ukuthi kufanele ngishintshe isiteshi. Ukwenza lokho kufana nokuziphoqa ukuba ngiyeke ikhekhe elimnandi ngibe ngisalilume kanye nje kuphela! Kodwa uma nginamandla okwenqaba iculo elikhuluma ngocansi, ngisemathubeni amahle okuba namandla okwenqaba ukuya ocansini ngingashadile. Angifuni ukuwabukela phansi amandla umculo ongaba nawo kimi.”

OKUSHIWO ONTANGA YAKHO

U-Abigail

“Umculo ungenza umehluko omkhulu endleleni esizizwa ngayo, futhi uma singaqaphile, umculo esiwukhethayo ungaba nemithelela emibi esingase singayiboni kuze kube yilapho sesiyimilutha yayo.”—U-Abigail.

URobert

“Ngisho neculo ongalizwa izikhathi ezimbalwa, lingahlala engqondweni yakho ukuphila kwakho konke. Ngakho kuhle ukulenqaba ngaso leso sikhathi iculo uma lizwakala lingalungile. Ngale kwalokho, liyoqopheka engqondweni yakho.”—URobert.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela