Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 45
  • Ngingabhekana Kanjani Nesenzakalo Esibuhlungu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingabhekana Kanjani Nesenzakalo Esibuhlungu?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UREBEKAH
  • UCORDELL
  • Kuthiwani Uma Umzali Wami Egula?
    Intsha Iyabuza
  • Izinto Ezine Okufanele Uzazi Ngesehlukaniso
    I-Phaphama!—2010
  • Kuthiwani Uma Abazali Bami Bedivosa?
    Intsha Iyabuza
  • Kungani Umama Nobaba Bahlukana
    I-Phaphama!—1988
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 45
Umfana uhleli eceleni kwesithombe somndeni wakubo ukhuluma nowesilisa ophethe iBhayibheli

INTSHA IYABUZA

Ngingabhekana Kanjani Nesenzakalo Esibuhlungu?

Noma ubani angehlelwa isenzakalo esibuhlungu. IBhayibheli lithi: “Ukuphumelela umncintiswano akuyi ngabanejubane, noma impi ngabanamandla, . . . isikhathi nesenzakalo esingalindelekile sibehlela bonke.” (UmShumayeli 9:11) Lokho kuhlanganisa abanye abasebasha abaye behlelwa izenzakalo ezibuhlungu. Baye babhekana kanjani nazo? Cabanga ngezibonelo ezimbili.

  • UREBEKAH

  • UCORDELL

UREBEKAH

URebekah

Abazali bami badivosa ngineminyaka engu-14.

Ngazitshela ukuthi abazali bami abahlukani, ukuthi ubaba wayemane edinga isikhathi sokuba yedwa kancane. Wayemthanda umama—wayengamshiyelani? Wayengangishiyelani mina?

Kwakunzima ukukhuluma nanoma ubani ngalokho okwakwenzeka. Ngangingafuni ukucabanga ngakho. Ngangithukuthele, nakuba ngaleso sikhathi ngangingakuboni lokho. Ngaqala ukuba nezinkinga zokukhathazeka, futhi kwakuba nzima ukulala.

Lapho ngineminyaka engu-19, umama wabulawa umdlavuza. Wayengumngane wami omkhulu.

Ukudivosa kwabazali bami kwangishaqisa kodwa ukushona kukamama kwavele kwangiqeda amandla. Namanje angikakwazi ukukwamukela ngokuphelele. Sekunzima nakakhulu ukulala manje, futhi namanje ngisacindezelekile.

Ngesikhathi esifanayo, ngiye ngathola izinto eziningana ziwusizo. Ngokwesibonelo, izAga 18:1 zisixwayisa ukuba singazehlukanisi, ngakho ngiyazama ukulandela leso seluleko.

Kanti futhi njengoFakazi KaJehova ngiyazama ukufunda izincwadi zethu ezikhuthazayo ezisekelwe eBhayibhelini. Enye eyangisiza lapho abazali bami bedivosa incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. Ngikhumbula ngokukhethekile isihloko esiMqulwini 2 wale ncwadi, esithi, “Ngingajabula Yini Emkhayeni Onomzali Ongayedwa?”

Omunye wemiBhalo engiyithandayo ongisiza ukuba ngibhekane nokukhathazeka utholakala kuMathewu 6:​25-34. Evesini 27, uJesu wabuza: “Ubani kini ongathi ngokukhathazeka anezele ingaloa eyodwa esikhathini sakhe sokuphila?”

Izinto ezimbi ziyosehlela sonke, kodwa isibonelo sikamama sangifundisa ukuthi indlela obhekana ngayo nalokho kulingwa ibalulekile. Kuningi okwamehlela—isehlukaniso, ngemva kwalokho kwaba isifo esingelapheki—kodwa kukho konke wazigcina enombono ofanele, futhi ukholo lwakhe kuNkulunkulu lwahlala luqinile kwaze kwaba sekugcineni. Angisoze ngazikhohlwa izinto angifundisa zona ngoJehova.

Ongacabanga ngakho: Ukufunda iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo kungakusiza kanjani ubhekane nezenzakalo ezibuhlungu?—IHubo 94:19.

UCORDELL

UCordell

Lapho ngineminyaka engu-17, ngabona ubaba ephefumula okokugcina. Ukulahlekelwa nguye kwakuyinto ebuhlungu kunazo zonke ezake zenzeka ekuphileni kwami. Ngakhungatheka.

Ngangizitshela ukuthi akashonile ngempela, ukuthi kwakungesiye ubaba wami lo ababemumboza ngeshidi. Ngazitshela ukuthi, ‘Uzovuka kusasa.’ Ngazizwa ngilahlekile kungathi kukhona ingxenye yami efile.

Mina nomndeni wakithi singoFakazi BakaJehova, futhi ibandla esikhonza kulo lasisekela kakhulu lapho kushona ubaba. Basipha ukudla, bahlala nathi, futhi basondelana nathi eduze​—hhayi okwesikhashana nje kodwa baqhubeka besondelene nathi. Ukusisekela kwabo kwaba ubufakazi kimi bokuthi oFakazi BakaJehova bangamaKristu eqiniso.—Johane 13:35.

UmBhalo oye wangikhuthaza ngempela incwadi yesi-2 Korinte 4:17, 18. Ithi: “Nakuba usizi lungolomzuzwana futhi lulula, lusivezela inkazimulo enesisindo esidlulele ngokwengeziwe futhi ehlala phakade; kuyilapho sigcina amehlo ethu esezintweni ezingabonwayo, hhayi ezintweni ezibonwayo. Ngoba izinto ezibonwayo zingezesikhashana, kodwa izinto ezingabonwayo zihlala phakade.”

Ivesi lokugcina laba namandla kakhulu kimi. Ukuhlupheka kukababa kwakungokwesikhashana, kodwa lokho uNkulunkulu akuthembisayo ngekusasa kuyohlala phakade. Ukufa kukababa kwanginika ithuba lokucabanga ngokuthi ngangikusebenzisa kanjani ukuphila kwami nelokuhlela imigomo yami.

Ongacabanga ngakho: Ukwehlelwa isenzakalo esibuhlungu kungakusiza kanjani ukuba uphinde uhlole imigomo yakho ekuphileni?—1 Johane 2:17.

a Ingalo isilinganiso esilingana namasentimitha angaba ngu-45.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela