Iyini I-Watch Tower Bible and Tract Society?
I-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania iyinhlangano engenzi nzuzo eyabunjwa ngo-1884 ngaphansi kwemithetho ye-Commonwealth of Pennsylvania, e-U.S.A. Isetshenziswa oFakazi BakaJehova ukuze basekele umsebenzi wabo womhlaba wonke ohlanganisa ukunyathelisa iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo.
Ngokuvumelana nomthetho-sisekelo wayo, injongo yale nhlangano “ingokwenkolo futhi iwukufundisa nokuzuzisa umphakathi,” ngokukhethekile iwukushumayela nokufundisa ivangeli loMbuso kaNkulunkulu ophethwe uKristu Jesu. Umuntu uba yilungu lale nhlangano ngoba eceliwe kuphela futhi akuyi ngokuthi unikele kangakanani. Amalungu nabaqondisi bale nhlangano basiza iNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova.
Izinhlangano Ezingokomthetho Ezibambisene Nayo
Ngaphandle kwe-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, oFakazi BakaJehova basebenzisa izinhlangano eziningi ezingokomthetho emazweni ahlukahlukene. Amagama ezinye zalezi zinhlangano ahlanganisa namagama anjengathi, “Watch Tower,” “Watchtower,” noma okufanayo ngolimi lwendawo.
Lezi zinhlangano ezingokomthetho ezihlukahlukene ziye zasisiza ukuba sifeze okuningi kusukela zasungulwa, njengalokhu:
Ukubhala nokunyathelisa. Siye sanyathelisa amaBhayibheli ayizigidi ezingaba ngu-253. Izincwadi zethu zitholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-1,050. Abantu bayakwazi ukufunda iBhayibheli kuwebusayithi yethu ethi i-jw.org mahhala ngezilimi ezingaphezu kuka-300 futhi bathole izimpendulo zemibuzo yeBhayibheli enjengothi, “Uyini uMbuso kaNkulunkulu?”
Ukufundisa. Sinezikole ezihlukahlukene ezifundisa ngeBhayibheli. Ngokwesibonelo, kusukela ngo-1943, oFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-10,000 baye bazuza ekuqeqeshweni okukhethekile kwase-Watchtower Bible School of Gilead, okubenze bakwazi ukukhonza njengezithunywa zevangeli noma ukuqinisa umsebenzi wethu womhlaba wonke. Isonto ngalinye, izigidi zabantu kuhlanganise nabangebona oFakazi bayafundiswa emihlanganweni eqhutshwa kuwo wonke amabandla ethu. Sinanamakilasi okufundisa ukufunda nokubhala futhi siye sanyathelisa incwadi efundisa abantu ukufunda nokubhala ngezilimi ezingu-136.
Ukusiza umphakathi. Siye sasiza abasezinhlekeleleni—kungakhathaliseki ukuthi zenziwe abantu, njengokuqothulwa kwesizwe kwango-1994 eRwanda, noma izinhlekelele zemvelo, njengokuzamazama komhlaba kwango-2010 eHaiti.
Nakuba kukuningi okufezwe ngosizo lwezinhlangano ezingokomthetho esizisebenzisayo, umsebenzi wethu awuxhomekile kuzo. UmKristu ngamunye unomthwalo wemfanelo wokufeza umyalo ovela kuNkulunkulu wokushumayela nokufundisa izindaba ezinhle. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Sikholelwa ukuthi uNkulunkulu uyawusekela umsebenzi wethu nokuthi uzoqhubeka ‘ewukhulisa.’—1 Korinte 3:6, 7