Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 90
  • Ingabe Kuyimfuneko Ukuba Ilungu Lenkolo Ehleliwe?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Kuyimfuneko Ukuba Ilungu Lenkolo Ehleliwe?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo YeBhayibheli
  • Lithini IBhayibheli?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
  • Inkolo
    I-Phaphama!—2014
  • Ukuqhuba Inkolo Emsulwa Ukuze Sisinde
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ingabe Uyakudinga Ukuba Senkolweni Ehleliwe?
    I-Phaphama!—2012
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 90
Iqembu labantu elihlangane ngenjongo yokukhulekela

Ingabe Kuyimfuneko Ukuba Ilungu Lenkolo Ehleliwe?

Impendulo YeBhayibheli

Yebo, ngoba uNkulunkulu ufuna abantu bahlangane ukuze bamkhulekele. IBhayibheli lithi: “Masicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu ndawonye.”​—Hebheru 10:24, 25.

UJesu wabonisa ukuthi abalandeli bakhe babeyokwakha iqembu elihleliwe lapho ethi kubo: “Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Johane 13:35) Ukuhlangana ndawonye kwabafundi bakaJesu kwakuyoba yindlela eyinhloko yokubonisa lolu thando. Babeyohlelwa babe amabandla abahlangana kuwo njalo ukuze bakhulekele. (1 Korinte 16:19) Bebonke, babeyokwakha ubuzalwane bomhlaba wonke.​—1 Petru 2:17.

Kudingeka okungaphezu kokuba ilungu lenkolo

Nakuba iBhayibheli libonisa ukuthi abantu kufanele bahlangane ukuze bakhulekele uNkulunkulu, alifundisi ukuthi umuntu angajabulisa uNkulunkulu ngokumane nje abe ilungu lenkolo. Ukuze amukelwe uNkulunkulu, umuntu kumelwe akusebenzise nsuku zonke lokho akufundiswayo. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi: “Indlela yokukhulekela ehlanzekile nengangcolile ngokombono kaNkulunkulu noBaba wethu yile: ukunakekela izintandane nabafelokazi osizini lwabo, nokuba umuntu azigcine engenalo ibala ezweni.”​—Jakobe 1:​27.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela