Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 81
  • Uyini Umoya Ongcwele?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uyini Umoya Ongcwele?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo yeBhayibheli
  • Imibono eyiphutha ngomoya ongcwele
  • Umoya Ongcwele—Amandla KaNkulunkulu Ayisiphekupheku
    Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?
  • Ukuchaza Umoya Ongcwele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Uyini Umoya Ongcwele?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • ‘Egameni Lomoya Ongcwele’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 81
Amacembe esihlahla awiswa umoya

Uyini Umoya Ongcwele?

Impendulo yeBhayibheli

Umoya ongcwele ungamandla kaNkulunkulu asebenzayo, amandla awasebenzisayo. (Mika 3:8; Luka 1:​35) UNkulunkulu uthumela umoya wakhe ngokuqondisa amandla akhe kunoma iyiphi indawo afuna kwenzeke kuyo intando yakhe.​—IHubo 104:30; 139:7.

Igama elihunyushwe ngokuthi, “umoya” eBhayibhelini livela egameni lesiHebheru elithi ruʹach nasegameni lesiGreki elithi pneuʹma. Ezikhathini eziningi, lawo magama abhekisela emandleni kaNkulunkulu asebenzayo, noma emoyeni ongcwele. (Genesise 1:2) Nokho, iBhayibheli libuye lisebenzise lawo magama ngeminye imiqondo:

  • Umoya wokuphefumula.​—Habakuki 2:19; IsAmbulo 13:15.

  • Umoya.​—Genesise 8:1; Johane 3:8.

  • Amandla okuphila ezidalweni eziphilayo.​—Jobe 34:14, 15.

  • Isimo sengqondo somuntu.​—Numeri 14:24.

  • Izidalwa zomoya, uNkulunkulu nezingelosi.​—1 AmaKhosi 22:21; Johane 4:​24.

Zonke lezi zincazelo zibonisa ukuthi lezi zinto azibonakali kodwa zinemiphumela ebonakalayo. Ngokufanayo, umoya kaNkulunkulu, “awubonakali, kodwa unamandla.”—I-Expository Dictionary of New Testament Words, kaW. E. Vine.

IBhayibheli libuye libize umoya ongcwele kaNkulunkulu ngokuthi ‘izandla’ noma ‘iminwe’ yakhe. (IHubo 8:3; 19:1; Luka 11:20; qhathanisa noMathewu 12:28.) Njengoba nje umuntu oyingcweti ekwenzeni umsebenzi wezandla esebenzisa izandla neminwe yakhe ekwenzeni umsebenzi wakhe, uNkulunkulu wasebenzisa umoya wakhe ekwenzeni izinto ezinjengalezi ezilandelayo:

  • Indawo yonke.​—IHubo 33:6; Isaya 66:​1, 2.

  • IBhayibheli.​—2 Petru 1:​20, 21.

  • Izimangaliso ezenziwa izinceku zakhe zasendulo nokushumayela kwazo ngentshiseko.​—Luka 4:18; IzEnzo 1:8; 1 Korinte 12:4-11.

  • Izimfanelo ezinhle eziboniswa abantu abamlalelayo.​—Galathiya 5:​22, 23.

Umoya ongcwele awuyena umuntu

Lapho iBhayibheli libiza umoya kaNkulunkulu ‘ngezandla,’ ‘iminwe’ noma ‘ukuphefumula,’ libonisa ukuthi umoya ongcwele awuyena umuntu. (Eksodusi 15:8, 10) Izandla zengcweti ngeke zikwazi ukusebenza ngaphandle kwengqondo nomzimba wayo; ngendlela efanayo, umoya ongcwele kaNkulunkulu usebenza kuphela uma ewuqondisa. (Luka 11:13) IBhayibheli libuye lifanise umoya ongcwele kaNkulunkulu namanzi futhi liwuhlanganisa nezinto ezinjengokholo nolwazi. Konke lokhu kusenza sibone ukuthi umoya ongcwele awuyena umuntu.​—Isaya 44:3; IzEnzo 6:5; 2 Korinte 6:6.

IBhayibheli lisitshela igama likaJehova uNkulunkulu neleNdodana yakhe uJesu Kristu, kodwa akukho lapho lisitshela khona igama lomoya ongcwele. (Isaya 42:8; Luka 1:​31) Ngesikhathi uStefanu, umfel’ukholo ongumKristu enikezwa umbono wasezulwini, wabona abantu ababili kuphela, hhayi abathathu. IBhayibheli lithi: “Egcwele umoya ongcwele, wagqolozela ezulwini wabona inkazimulo kaNkulunkulu, noJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu.” (IzEnzo 7:55) Umoya ongcwele wawungamandla kaNkulunkulu asebenzayo, enza ukuba uStefanu abone umbono.

Imibono eyiphutha ngomoya ongcwele

Umbono oyiphutha: “Umoya Ongcwele” ungumuntu futhi uyingxenye kaZiqu-zintathu njengoba kuboniswe kweyoku-1 Johane 5:​7, 8, King James Version.

Iqiniso: Kweyoku-1 Johane 5:7, 8, i-King James Version inalesi sijobelelo, “ezulwini, uBaba, uLizwi noMoya Ongcwele: futhi laba abathathu bamunye. Futhi bathathu abafakazayo emhlabeni.” Nokho, abacwaningi bathole ukuthi lawo mazwi awalotshwanga umphostoli uJohane futhi ngenxa yalokho awayona ingxenye yeBhayibheli. UProfesa Bruce M. Metzger wabhala: “Kuqinisekisiwe ukuthi la mazwi ayinkohliso futhi akufanele abe kuyiTestamente Elisha.”​—I-Textual Commentary on the Greek New Testament.

Umbono oyiphutha: Lapho likhuluma ngomoya ongcwele, iBhayibheli lisebenzisa isenza-samuntu, futhi lokho kubonisa ukuthi umoya ongcwele ungumuntu.

Iqiniso: Ngezinye izikhathi imiBhalo isebenzisa isenza-samuntu lapho ikhuluma ngomoya ongcwele, kodwa lokhu akubona ubufakazi bokuthi umoya ongcwele ungumuntu. IBhayibheli lisebenzisa isenza-samuntu nalapho likhuluma ngokuhlakanipha, ukufa nesono. (IzAga 1:20; Roma 5:17, 21) Ngokwesibonelo, kuthiwa ukuhlakanipha ‘kunemisebenzi’ futhi ‘kunabantwana,’ isono kuthiwa siyayenga, siyabulala futhi siveza ukuhaha.—Mathewu 11:19; Luka 7:​35; Roma 7:​8, 11.

Ngokufanayo, lapho umphostoli uJohane ecaphuna amazwi kaJesu, wasebenzisa isenza-samuntu lapho ethi umoya ongcwele ‘njengomsizi’ (ummeli) wawuyonikeza ubufakazi, uqondise, ukhulume, uzwe, umemezele, ukhazimulise futhi wamukele. Lapho uJohane ebhekisela emoyeni ongcwele wasebenzisa ibizo elithi pneuʹma, elibonisa ukuthi awuyena umuntu.—Johane 14:16, 17.

Umbono oyiphutha: Ukubhapathizwa egameni lomoya ongcwele kuwubufakazi bokuthi ungumuntu.

Iqiniso: Ngezinye izikhathi iBhayibheli lisebenzisa elithi “igama” ukuze limelele amandla negunya. (Duteronomi 18:​5, 19-​22; Esteri 8:​10) Lisetshenziswa ngendlela isiZulu esisebenzisa ngayo inkulumo ethi “egameni lomthetho,” okungasho neze ukuthi umthetho ungumuntu. Umuntu obhapathizwa “egameni” lomoya ongcwele usuke ewaqaphela amandla nendima yomoya ongcwele ekufezeni intando kaNkulunkulu.—Mathewu 28:19.

Umbono oyiphutha: Abaphostoli bakaJesu nabafundi bakhe bokuqala babekholelwa ukuthi umoya ongcwele ungumuntu.

Iqiniso: IBhayibheli alikusho lokho, nomlando awukusho. I-Encyclopædia Britannica ithi: “Incazelo yokuthi uMoya Ongcwele unguMuntu wasezulwini . . . yafika eMkhandlwini WaseConstantinople ngo-ad 381.” Kwase kuphele iminyaka engaphezu kuka-250 umphostoli wokugcina efile.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela