Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 31
  • Yini Okufanele Ngiyazi Ngemidlalo Yama-computer?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Okufanele Ngiyazi Ngemidlalo Yama-computer?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo ngemidlalo yama-computer
  • Ubuhle bayo
  • Ububi bayo
  • Ukubhekana namaqiniso
  • Ingabe Kufanele Ngiyidlale Imidlalo Yama-computer?
    I-Phaphama!—2008
  • Ingabe Kufanele Ngiyidlale Imidlalo Yama-Computer?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Ingabe Kufanele Ngidlale Imidlalo Ye-computer Noma Ye-video?
    I-Phaphama!—1996
  • Ingabe Imidlalo Ekwenza Umlingiswa Othile Iyingozi?
    I-Phaphama!—1999
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 31
Umfanyana odlala umdlalo we-video

INTSHA IYABUZA

Yini Okufanele Ngiyazi Ngemidlalo Yama-computer?

  • Imibuzo ngemidlalo yama-computer

  • Ubuhle bayo

  • Ububi bayo

  • Ukubhekana namaqiniso

  • Okushiwo ontanga yakho

Imibuzo ngemidlalo yama-computer

E-United States, lapho kunezinkampani ezenza izigidigidi zama-dollar ngemidlalo yezinto zobuchwepheshe . . .

  1. Abantu abadlala le midlalo baneminyaka emingaki ngokwesilinganiso?

    1. 18

    2. 30

  2. Ngokwesilinganiso, abantu babuphi ubulili abathanda kakhulu ukudlala imidlalo yama-computer?

    1. Abesilisa bangamaphesenti angu-55; abesifazane bangamaphesenti angu-45

    2. Abesilisa bangamaphesenti angu-15; abesifazane bangamaphesenti angu-85

  3. Kula maqembu amabili, iliphi elinesibalo esikhulu ngokuphawulekayo sabantu abadlala le midlalo?

    1. Abesifazane abaneminyaka engu-18 kuya phezulu

    2. Abesilisa abaneminyaka engu-17 kuya phansi

Izimpendulo (zisekelwe ekwazisweni kwango-2013):

  1. B. 30.

  2. A. Abesifazane bangamaphesenti angu-45​—bacishe babe yisigamu sabo bonke abadlali balo mdlalo.

  3. A. Abesifazane abaneminyaka engu-18 kuya phezulu bakha amaphesenti angu-31 abantu abadlala le midlalo, kuyilapho abafana abaneminyaka engu-17 kuya phansi bakha amaphesenti angu-19.

Lezo zibalo zingase zikunikeze umbono wokuthi obani abadlala le midlalo. Kodwa lezi zibalo azikutsheli ngemiphumela imidlalo yama-computer engaba nayo kuwe, emihle noma emibi.

Ubuhle bayo

Ikuphi kulokhu okulandelayo okushiwoyo ngemidlalo yama-computer ovumelana nakho?

  • “Iyindlela ejabulisayo yokuchitha isikhathi nomndeni nabangane.”—U-Irene.

  • “Iyindlela enhle yokukhohlwa yizinkinga.”​—U-Annette.

  • “Ikwenza ukwazi ukwenza izinto ngokushesha.”​—UChristopher.

  • “Ikusiza ekuthuthukiseni ikhono lokuxazulula izinkinga.”​—U-Amy.

  • “Ivivinya ingqondo; ikwenze ucabange, uhlele futhi ukwazi ukuqhamuka namasu.”​—U-Anthony.

  • “Eminye imidlalo ikhuthaza ukubambisana nabangane.”​—UThomas.

  • “Eminye imidlalo iyakusiza uvivinye umzimba futhi uwugcine usesimweni esihle.”​—UJael.

Ingabe uyavumelana nokunye kwalokhu okushiwo​—noma uvumelana nakho konke? Imidlalo yama-video ingaba yinzuzo engqondweni nasemzimbeni. Nakuba eminye imidlalo iyindlela yokuchitha isikhathi nje noma njengoba u-Annette ekubeka—“iyindlela enhle yokukhohlwa yizinkinga,” lokho akukubi ngaso sonke isikhathi.

● IBhayibheli lithi ‘kunesikhathi sazo zonke izinto phansi kwamazulu,’ kuhlanganise nesikhathi sokuzilibazisa.​—UmShumayeli 3:​1-4.

Ububi bayo

Ingabe imidlalo yama-computer ikudlela isikhathi?

“Uma sengiqalile ukudlala, ngikuthola kunzima ukuyeka. Ngizitshela ukuthi, ‘Ake ngidlale okokugcina nje!’ Ngiyothi ngiphaphama, ngithole ukuthi isikhathi sesihambile, futhi sengichithe isikhathi esiningi ngilibele ukudlala!”​—U-Annette.

“Imidlalo yama-video ingadla isikhathi esiningi. Kungaphela amahora amaningi uhleli, bese uzitshela ukuthi kukhona okufezile ngoba uphumelele imidlalo emihlanu, kodwa empeleni ube ungafezanga lutho nhlobo.”​—USerena.

Umfanyana odlala umdlalo we-video esembhedeni

Iphuzu elisemqoka: Uma ulahlekelwe imali, ungakwazi ukubuye uyithole. Kodwa akunjalo ngokulahlekelwa isikhathi. Khona-ke, ngandlela-thile, isikhathi sibaluleke kakhulu kunemali. Ngakho, ungakuvumeli ukulahlekelwa yiso!

● IBhayibheli lithi: “Qhubekani nihamba ngokuhlakanipha . . . , nizithengela ithuba.”​—Kolose 4:5.

Ingabe imidlalo yama-computer ingayithinta indlela ocabanga ngayo?

“Ubugebengu obungakwenza uthole isigwebo sasejele noma sokufa, ‘benziwa’ kalula nje emidlalweni yama-video ngaphandle kokucabanga.”​—USeth.

“Imidlalo eminingi idinga ukuba unqobe izitha ukuze ufinyelele umgomo wakho. Ngokuvamile, lokho kusho ukuthi kufanele uzibulale ngezindlela ezihlukahlukene ezinesihluku.”​—U-Annette.

“Ngezinye izikhathi ngeke uyikholwe into oyisho kubangane bakho njengoba nidlala​—inkulumo enjengokuthi ‘Yifa!’ noma ‘Ngizokubulala!’”​—UNathan.

Iphuzu elisemqoka: Yigweme imidlalo egqugquzela izinto ezizondwa uNkulunkulu, ezihlanganisa ubudlova, ukuziphatha okubi kobulili, nokusebenzelana nemimoya.​—Galathiya 5:​19-​21; Efesu 5:​10; 1 Johane 2:​15, 16.

● IBhayibheli lithi uJehova “uyamzonda umuntu othanda ubudlova”​—hhayi nje owenza ubudlova. (IHubo 11:5) Ngisho noma imidlalo yama-computer oyikhethayo ingabonisi ukuthi uzoba luhlobo luni lomuntu, ingase isho okuthile ngohlobo lomuntu oyilo kakade.

Ongacabanga ngakho: Ngokwencwadi ethi Getting to Calm, “imidlalo yama-video enobudlova kungenzeka ibe nomthelela omkhulu kunaleyo oyibona kuyithelevishini, ngenxa yokuthi akukhona nje ukuthi izingane zibukele iqhawe elinobudlova nelichitha igazi​—kodwa zona ngokwazo ziyilelo qhawe. Ngenxa yokuthi imidlalo ifana nothisha ofundisayo, empeleni ifundisa ukuba nobudlova.”​—Qhathanisa no-Isaya 2:4.

Ukubhekana namaqiniso

Abantu abaningi abasha baye bafunda ukulinganisela endleleni abadlala ngayo imidlalo yama-computer. Cabanga ngalezi zibonelo ezimbili.

“Ngangivame ukuchitha isikhathi esiningi ngidlala imidlalo yama-video kuze kube sebusuku kakhulu, ngizitshela ukuthi: ‘Ngidinga amahora amahlanu nje kuphela okulala. Uma nje ngingadlala umdlalo wokugcina.’ Kodwa manje, sengifundile ukugcina imidlalo ye-video isendaweni yayo. Ukuyidlala sengikubheka njengomdlalo ojabulisayo engingawudlala ngezikhathi ezithile. Kodwa yonke into iyakudinga ukulinganisela.”—UJoseph.

“Senginciphise kakhulu ekudlaleni imidlalo, futhi sengikwazi ukwenza izinto eziningi manje! Ngiye ngakwazi ukuthuthukisa inkonzo yami, ukuzinikela ekusizeni abanye ebandleni, ngisho nokufunda ukudlala insimbi yomculo. Ziningi kabi ezinye izinto ongazenza!”​—UDavid.

● IBhayibheli lithi amadoda nabesifazane abavuthiwe ‘bayalinganisela.’ (1 Thimothewu 3:​2, 11) Bayakujabulela ukuzilibazisa kodwa bayazi ukuthi kufanele bayeke nini, futhi bayakwazi ukuzithiba ekwenzeni lokho.​—Efesu 5:​10.

Iphuzu elisemqoka: Ukudlala imidlalo yama-computer kungaba indlela enhle yokuzilibazisa uma kugcinwa endaweni yakho. Kodwa ungakuvumeli ukuba kulawule isikhathi sakho noma kukwenze ulahlekelwe umbono wezinto ezibalulekile ekuphileni. Eqinisweni, esikhundleni sokugxila kakhulu ekuzameni ukuphumelela emdlalweni, bekungeke yini kube ngcono ukusebenzisa leso sikhathi ukuze ufinyelele imigomo engakwenza uphumelele ekuphileni kwangempela?

OKUSHIWO ONTANGA YAKHO

UMadison

“Uma imidlalo yakho yama-video ihlala ekamelweni lakho futhi ungakwazi ukulawula indlela odlala ngayo, yikhiphe uyibeke kwenye indawo! Kulula ukuzitshela ukuthi uzoyeka ukudlala ngemva kwesikhathi esithile, kodwa uma isekamelweni lakho, kungenzeka uqhubeke uyidlala ubusuku bonke.”​—UMadison.

UCorbin

“Ukuzitshela ukuthi uzodlala nje imizuzu eyishumi noma engu-20 bese uyayeka, akusebenzi. Ngesinye isikhathi kufanele uvele usukume uvale lowo mdlalo, ngemva kwalokho ubheke enye into ongayenza. Empeleni, kungani ungazami ‘ukulahla eminye imidlalo yama-video’? Dlulisa izinsuku ezithile ungadlali, bese leso sikhathi usisebenzisela ukwenza ezinye izinto, njengokudlala ibhola noma olunye uhlobo lokuzivocavoca.”​—UCorbin.

U-Alexandria

“Uma kuze kuba phakathi kwamabili noma entathakusa ungalele ulibele ukudlala umdlalo we-video, lokho kusho ukuthi lowo mdlalo ukulawula kangangokuba yiwona okutshelayo ukuthi kufanele ulale nini. Lokho kungayilimaza impilo yakho, umdlalo awubalulekile kangangokuthi ungaze uvuke utubekile ngenxa yawo.”​—U-Alexandria.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela